Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokuvumelana Nezimo
1 Umphostoli uPawulu wabeka isibonelo esihle ngokuthi njalo avumelanise intshumayelo yakhe yezindaba ezinhle nesizinda nokucabanga kwezilaleli zakhe. (1 Kor. 9:19-23) Nathi kufanele silwele ukwenza okufanayo. Ngokucabanga kusengaphambili, singakwazi ukuvumelanisa izintshumayelo eziyisibonelo ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso nezidingo zabantu abasensimini yethu. Njengoba singena emzini womuntu, singase siphawule izinto ezibonisa lokho akuthandayo futhi sizifake entshumayelweni yethu. Nokho, kunenye futhi indlela esingavumelana ngayo nezimo enkonzweni yethu.
2 Yakhela Kulokho Abanye Abakushoyo: Lapho sethula izindaba ezinhle, sivamé ukubuza umbuzo bese sicela abaninikhaya ukuba bawuphendule. Uyibheka kanjani impendulo yakhe? Ingabe umane uvume nje bese uqhubeka nentshumayelo oyilungiselele? Noma ingabe lokho okushoyo kuyabonisa ukuthi uyazicabangela izimpendulo zabaninikhaya? Uma ubonisa isithakazelo esiqotho kulokho abanye abakushoyo, ungase ukwazi ukusebenzisa eminye imibuzo engacunuli ukuze uthole ukuthi yini ngempela abayicabangayo. (IzAga 20:5) Kanjalo ungagxila ezicini zesigijimi soMbuso ezikusingatha ngokuqondile lokho okukhathaza umuntu okulalele.
3 Ukuze senze lokhu, kudingeka sikulungele ukuxoxa ngezinye izinto ngaphandle kwalezo ebesihlele ukuxoxa ngazo ekuqaleni. Uma siqala ingxoxo ngokukhuluma ngenkinga evezwe ezindabeni, umninikhaya abese esho okuthile okumkhathazayo endaweni noma ekuphileni kwakhe, isithakazelo sethu esiqotho sokwanelisa izidingo zomninikhaya siyosishukumisela ukuba sigxilise ingxoxo yeBhayibheli kulokho okubaluleke kakhulu kuye.—Fil. 2:4.
4 Ukuvumelanisa Intshumayelo Yethu: Lapho umninikhaya ebuza umbuzo, singase sikuthole kuzuzisa ukuqhubeka nengxoxo kamuva ngemva kokuba sesithole ukwaziswa okwengeziwe ngaleyo ndaba. Singamhambisela nezincwadi ezikhuluma ngokuningiliziwe ngaleso sihloko. Konke lokhu kubonisa ukuthi sinesithakazelo esiqotho sokusiza abanye bazi uJehova.—2 Kor. 2:17.