I-Phaphama! Ekhethekile Ezohanjiswa Ngo-September
1 Cishe bonke abantu bayakujabulela ukukhala kwezinyoni nokushona kwelanga. Nokho, abaningi abaqapheli ukuthi uBaba wasezulwini onothando owadala lezi zinto. Siyoba nethuba eliyingqayizivele lokufakazela ukuthi uJehova unguMdali ngokusakaza umagazini okhethekile i-Phaphama! (Isaya 40:28; 43:10) Wonke umagazini ka-September uyogxila esihlokweni esithi “Ingabe Ukhona UMdali?”
2 Ensimini: Uma kungenzeka, hlela ukuba uhlanganyele enkonzweni yendlu ngendlu nebandla uMgqibelo ngamunye. Kodwa-ke zizwe ukhululekile ukuhambisa lo magazini okhethekile nangezinye izikhathi phakathi nesonto. Othisha nabanye abasebenza kwezemfundo bayowujabulela ngokukhethekile lo magazini. Ngakho-ke, kungase kwenziwe amalungiselelo akhethekile okuhambela laba bantu ensimini yenu.
3 Uma umuntu ebonisa isithakazelo, mshiye nombuzo oyowuphendula ekuhambeleni okulandelayo. Ngokwesibonelo, ungase ubuze ukuthi kungani uMdali onothando evumela ukuhlupheka okungaka. Khona-ke, lapho usubuya, ungase umbonise isahluko 1 noma isahluko 11 sencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Noma ungase ukhethe ukubuza umbuzo ophathelene nenjongo yoMdali ngomhlaba, bese nifunda isahluko 3 lapho ubuya.
4 Esikoleni: Uma usafunda isikole, kungani ungayihambiseli othisha nabanye abafundi le Phaphama! ekhethekile? Ukumane ubeke ikhophi edeskini lakho kungase kuphakamise imibuzo mayelana nezinkolelo zakho. Cishe uyothola amathuba okusebenzisa ukwaziswa okukuyo lapho umelela ukholo lwakho phakathi nezingxoxo ekilasini nalapho nibhala izindaba ezithile. Ukuze usizakale, lo magazini unesihloko esithi “Intsha Iyabuza” esinombuzo othi “Ngingakuvikela Kanjani Ukukholelwa Kwami Endalweni?”
5 UJehova uyakufanelekela ukudunyiswa nokukhazinyuliswa ngenxa yalokho akudalile. (IsAm. 4:11) Singadumisa uMdali wethu futhi sisize abanye ukuba benza okufanayo ngokuhambisa i-Phaphama! ekhethekile ka-September ngentshiseko.