Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/06 k. 2
  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-August 14
  • Isonto Eliqala Ngo-August 21
  • Isonto Eliqala Ngo-August 28
  • Isonto Eliqala Ngo-September 4
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 8/06 k. 2

ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Isonto Eliqala Ngo-August 14

INgoma 163

15 imiz: Izaziso zebandla. Xoxani ngesithi “Isimiso Esisha Somhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa.” Memezela usuku lomhlangano okhethekile olandelayo uma selwaziwa. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-August 15 ne-Phaphama! ka-August. Komunye wale miboniso, bonisa indlela yokuphendula umuntu ozama ukuvimba ingxoxo ngokuthi “Anginasithakazelo koFakazi BakaJehova.”—Bheka incwadi Ukubonisana, kk. 17-18.

15 imiz: “I-Phaphama! Ekhethekile Ezohanjiswa Ngo-September.”a Lapho nixoxa ngesigaba 4, yiba nomboniso omfushane obonisa osemusha ehambisela uthisha i-Phaphama! ekhethekile ka-September.

15 imiz: Kumelwe Ngijwayelane Kangakanani Nabangane Esikoleni? Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe kuyi-Phaphama! ka-April 2006, amakhasi 17-19. Cela izilaleli ezakhulela emikhayeni yamaKristu ukuba zilandise ukuthi abazali bazo bazilungiselela kanjani ukubhekana nezinselele nokusebenzisa izimiso zeBhayibheli esikoleni. Kungase kuhlelwe kusengaphambili ukuba oyedwa noma ababili balandise ngalokhu.

INgoma 164 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-August 21

INgoma 62

15 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Xoxani ngesithi “Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda,” umemezele izinsuku zomhlangano wesifunda olandelayo uma sezaziwa. Bika ngentuthuko eyenziwa ensimini engabelwe. Yazisa ibandla ngamalungiselelo ka-September. Xoxa noyedwa noma ababili abaye bajabulela impumelelo kuze kube manje.

15 imiz: Ukuzuza ESifundweni Se-Nqabayokulinda Nomhlangano Weningi. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe encwadini Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, ikhasi 59 kuya esihlokwaneni esisekhasini 64.

15 imiz: “Umkhankaso Womhlaba Wonke Wokumemezela Umhlangano Wesigodi Othi ‘Ukukhululwa Kuseduze!’”b Qiniseka ukuthi zifundwa zonke izigaba.

INgoma 216 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-August 28

INgoma 17

10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-August. Singathanda ukufinyelela elinye inani elisha eliphakeme labamemezeli ngo-August. Bonke ababonisi bezifundo zencwadi kufanele balandelele kubo bonke abasemaqenjini abo ukuze yonke imibiko ibe isihlanganisiwe ngo-September 6. Kufanele futhi baqiniseke ukuthi imibiko esilele yonyaka wenkonzo inikezwa unobhala. Kungaba usizo uma unobhala engenza uhlu lwayo yonke imibiko esilele kusenesikhathi futhi alunikeze umbonisi ngamunye wesifundo sencwadi. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-September 1 noma i-Phaphama! ka-September lapho kwenziwa impindelo kumuntu osemzileni kamagazini.

15 imiz: Ungaba Umthombo Wesikhuthazo. (Roma 1:11, 12) Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Yisho inani lamaphayona avamile ebandleni. Chaza indlela esingawakhuthaza ngayo, njengokuwancoma, ukukhuluma kahle ngenkonzo yamaphayona, ukusebenza nawo enkonzweni, ukuhlanganyela nawo esidlweni nokuwasiza ngezindleko zokuhamba. Cela amaphayona avamile achaze indlela abanye abaye bawakhuthaza ngayo. Uma ibandla lingenawo amaphayona avamile, xoxani ngendlela esingabakhuthaza ngayo labo abangamaphayona asizayo.

20 imiz: Ungakwazi Yini Ukuqala Isifundo SeBhayibheli Ngo-September? Inkulumo nemiboniso. Ngo-September siyokwenza umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli ekuhambeleni kokuqala, sisebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Lokhu kusho ukuthi lapho sihambisa incwadi, siyolwela ukuxoxa nomninikhaya ngezigaba ezimbalwa. Yenza imiboniso emibili ngezihloko ezifanelekelayo ensimini yebandla. Embonisweni ngamunye, bonisa indlela okungenziwa ngayo amalungiselelo aqinisekile okubuya uzoqhubeka nengxoxo.

INgoma 37 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-September 4

INgoma 90

10 imiz: Izaziso zebandla.

15 imiz: Izidingo zebandla.

20 imiz: Hlela Manje Ukuba Iphayona Elisizayo! Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Khuthaza abasebandleni ukuba bazibekele umgomo wokuba amaphayona asizayo okungenani inyanga eyodwa phakathi nonyaka wenkonzo. (1 Kor. 9:26) Abanye bangase bakhethe inyanga yomkhankaso okhethekile noma inyanga eneholidi noma izimpelasonto ezengeziwe. Buza izilaleli: “Uzinqobe kanjani izinselele esikhathini esidlule ukuze ube iphayona elisizayo? Yiziphi izibusiso ezitholakala ngokuba iphayona elisizayo? Uma ufisa ukuphayona kodwa ungaqiniseki, kungani kufanele uthandaze ngakho? (IzE. 4:29; 2 Kor. 4:7; Jak. 1:5) Kungani kukuhle ukuxoxa ngalolu daba nomkhaya kanye nabanye ebandleni, ikakhulukazi labo abanezimo ezifanayo? (IzAga 15:22) Uhlela ukuba iphayona elisizayo nini?”

INgoma 225 nomthandazo wokuphetha.

[Imibhalo yaphansi]

a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela