Isimiso Esisha Somhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa
Iso liwumklamo omangalisayo. (IHu. 139:14) Kodwa likwazi ukugxila entweni eyodwa kuphela ngesikhathi. Lokho kunjalo ngokoqobo nangokomfanekiso. Ukuze silondoloze umbono ocacile ngokomoya futhi singaphazamiseki, kumelwe sigxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Uma sicabangela iziphazamiso ezanda ngokuqhubekayo zezwe likaSathane, yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuba kudingidwe isihloko esithi “Gcina Iso Lakho Lilihle” esimisweni somhlangano okhethekile wosuku olulodwa wonyaka wenkonzo ka-2006!—Math. 6:22.
Yini okumelwe siyenze ukuze sizuze izibusiso ezivela kuJehova? (IzAga 10:22) Lo mbuzo uyophendulwa enkulumweni ethi “Vuna Izibusiso Zokugcina Iso Lakho Lilihle.” Izingxoxo isikhulumi esiyoba nazo nabathile ziyoqokomisa indlela esingazuza ngayo ngokusebenzisa izimiso ezisekelwe emiBhalweni. Inkulumo yokuqala yesikhulumi esivakashile ethi “Ukugcina Iso Lakho Lilihle Ezweni Elonakele,” iyosixwayisa ngezinto ezingase zenze ukuphila kwethu kube yinkimbinkimbi bese kuliminyanisa kancane kancane ingokomoya lethu. Siyofunda futhi ngokuthi yini ehilelekile ekukhetheni “isabelo esihle.”—Luka 10:42.
Abazali nabanye bangawakhuthaza kanjani amaKristu asemasha ukuba agxile ekuphishekeleni izinto ezingokomoya? Lo mbuzo obalulekile uyophendulwa ezingxoxweni eziyoqhutshwa nabazali nentsha enkulumweni ethi “Abazali Abaqondisa Imicibisholo Yabo Ngendlela Efanele” nethi “Intsha Ephishekela Imigomo Engokomoya.” (IHu. 127:4) Inkulumo yokuphetha yesikhulumi esivakashile iyobonisa indlela esingahambisana ngayo nenhlangano kaJehova njengomuntu ngamunye, njengemikhaya nanjengebandla.
Kungakhathaliseki ukuthi iqiniso liselisha kithi noma sesikhonze uJehova amashumi eminyaka, kubalulekile ukuba ‘sigcine iso lethu lilihle.’ Isimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa siyosisiza ukuba senze lokho kanye.