Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/04 k. 1
  • Gcina Iso Lakho Lilihle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Gcina Iso Lakho Lilihle
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uneso Elihle?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Ingabe Iso Lakho “Lihle”?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Kusho Ukuthini Ukuthi “Iso Ngeso”?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukusebenzisa Iso Ngokuhlakanipha
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 9/04 k. 1

Gcina Iso Lakho Lilihle

1. Kusho ukuthini ukuba neso elihle, futhi kungani lokhu kubalulekile?

1 ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wakhuluma ngethonya elikhulu iso lethu elingokomfanekiso noma elingokomoya elingaba nalo ekuphileni kwethu konke. Wathi: “Uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uzokhanya; kodwa uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uzoba mnyama.” (Math. 6:22, 23) Iso elihle ngeligxile enjongweni eyodwa—ukwenza intando kaNkulunkulu—lingaphazanyiswa ukukhathazeka ngokungadingekile ngezinto ezibonakalayo. (Math. 6:19-21, 24-33) Yini engasisiza ukuba sigcine iso lethu lilihle?

2. IZwi likaNkulunkulu likhuthaza muphi umbono ngezinto ezibonakalayo?

2 Ukuhlakulela Ukwaneliseka: Ukondla imikhaya yethu kahle kuyisibopho esingokomBhalo. (1 Thim. 5:8) Kodwa akudingi ukuba njalo sifune izinto ezingcono kunazo zonke nezamuva kunazo zonke. (IzAga 27:20; 30:8, 9) Kunalokho, imiBhalo isikhuthaza ukuba saneliswe ‘ukudla nokokwembatha,’ izidingo zokuphila. (1 Thim. 6:8; Heb. 13:5, 6) Ukulalela lesi seluleko kungasisiza ukuba sigcine iso lethu ligxile kulokho okuyikonakona.

3. Yini engasisiza sigweme ukuzithwesa imithwalo?

3 Senza ngokuhlakanipha lapho sigwema ukuzithwesa ngezikweletu ezingadingeki nangezimpahla noma iminako efuna isikhathi esiningi. (1 Thim. 6:9, 10) Singakwenza kanjani lokhu? Lapho ucabanga ukwenza okuthile, hlaziya leyo ndaba ngosizo lomthandazo nangobuqotho ukuze ubone ukuthi ngeke yini kuphazamiseke imisebenzi engokomoya. Zimisele ukugcina izinto ezingokomoya ziza kuqala ekuphileni kwakho.—Fil. 1:10; 4:6, 7.

4. Kungani kufanele sifune izindlela zokwenza ukuphila kwethu kube lula?

4 Yenza Indlela Yakho Yokuphila Ibe Lula: Okunye okusizayo ekugwemeni ihuha lezinto ezibonakalayo ukuzama ukwenza indlela yakho yokuphila ibe lula. Omunye umzalwane owathola ukuthi umkhaya wakhe ungaphila kahle ngaphandle kwezimpahla ezithile owawungazidingi wathi: “Manje sengikwazi ukwenza okuningi kakhulu ebandleni ukuze ngikhonze abafowethu. Ngiyaqiniseka ukuthi uJehova uyazibusisa zonke izinceku zakhe lapho zibeka ukukhulekela kweqiniso ngaphambi kwezithakazelo zomuntu siqu.” Ingabe nawe ungazijabulela izibusiso ezengeziwe ngokwenza indlela yakho yokuphila ibe lula?

5. Kungani kudingeka umzamo oqhubekayo ukuze sigcine iso lethu lilihle?

5 Kudingeka umzamo oqhubekayo ukuze simelane nethonya likaSathane, izwe lakhe elithanda izinto ezibonakalayo, nenyama yethu engaphelele. Kunokuba amehlo ethu siwavumele azulazule, masiwagcine egxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu nasethembeni lethu eliyigugu lokuphila okuphakade.—IzAga 4:25; 2 Kor. 4:18.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela