Ukubukezwa Komhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa
Lokhu kwaziswa kuyosetshenziswa esimisweni soMhlangano Wenkonzo ngaphambi nangemva kokuba ibandla liye emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa wonyaka wenkonzo ka-2006. Umbonisi owengamele uyohlela ukuba kwenziwe lokhu kubukeza ngaphambi nangemva komhlangano, njengoba kuchazwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 2004, ekhasini 4. Lapho sekubukezwa, kufanele kubuzwe yonke imibuzo, kugxilwe endleleni esingakusebenzisa ngayo ukwaziswa esakuthola kulo mhlangano.
ISIMISO SASEKUSENI
1. Kusho ukuthini ngomuntu ukuba agcine iso lakhe lilihle, futhi kungani lokhu kuyinselele namuhla? (“Kungani Kumelwe Ugcine Iso Lakho Lilihle?”)
2. Sizuza ngayiphi indlela ngokugcina iso lethu lilihle? (“Vuna Izinzuzo Zokugcina Iso Lakho Lilihle”)
3. Izinto okuye kuthiwe zivamile abantu abazenzayo zinayiphi ingozi? (“Ukugcina Iso Lilihle Ezweni Elonakele”)
ISIMISO SANTAMBAMA
4. Abazali nabanye bangayikhuthaza kanjani intsha ukuba iphishekele imigomo engokomoya? (“Abazali Abaqondisa Imicibisholo Yabo Ngendlela Efanele” nethi “Intsha Ephishekela Imigomo Engokomoya”)
5. Singahambisana kanjani nenhlangano kaJehova eqhubekela phambili (a) njengomuntu ngamunye? (b) njengomkhaya? (c) njengebandla? (“Gxila Ekuhambisaneni Nenhlangano KaJehova Njengoba Iqhubekela Phambili”)