Ingxenye 10: Ukuqeqesha Abafundi Enkonzweni Yendlu Ngendlu
Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo
1 Lapho abadala benquma ukuthi umfundi weBhayibheli uyakufanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe, angase aqale ukuhlanganyela nebandla emsebenzini wokushumayela obala. (Bheka Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, kk. 79-81.) Singamsiza kanjani umfundi ukuba abhekane nenselele yokushumayela endlini ngendlu?
2 Ngokulungiselela Ndawonye: Akukho okungathatha indawo yokulungiselela kahle. Bonisa umfundi ukuthi angazitholaphi izintshumayelo ezisikiselwayo kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso nasencwadini Ukubonisana, futhi umsize akhethe intshumayelo elula esebenzayo ensimini yebandla. Zisuka nje, mkhuthaze ukuba asebenzise iBhayibheli lapho esenkonzweni.—2 Thim. 4:2.
3 Ukuprakthiza kuyamzuzisa kakhulu ummemezeli osaqala. Njengoba umfundi eprakthiza lokho azokusho, mbonise indlela yokuphendula ngobuhlakani kulokho abantu abavame ukukusho ensimini yebandla. (Kol. 4:6) Mqinisekise ngokuthi akudingeki ukuba izikhonzi ezingamaKristu zazi izimpendulo zayo yonke imibuzo engase ibuzwe abaninikhaya. Ngokuvamile kungcono ukucela ukuyocwaninga ngaleyo mibuzo bese ubuya nizoxoxa ngayo.—IzAga 15:28.
4 Ngokushumayela Ndawonye: Lapho umfundi eqala ngqa ukuhlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu, mcele ukuba alalele njengoba unikeza intshumayelo eniyilungiselele ndawonye. Yibe usumcela ukuba ayinikeze. Kwezinye izimo, kungase kube ngcono kakhulu ukucela ummemezeli osaqala ukuba anikeze ingxenye nje yaleyo ntshumayelo, mhlawumbe afunde futhi achaze umbhalo othile. Cabangela ubuntu namakhono omfundi. (Fil. 4:5) Mtuse ngaphandle kokuzigodla njengoba uqhubeka umqeqesha ezicini ezihlukahlukene zomsebenzi wokushumayela.
5 Kubalulekile ukusiza ummemezeli osaqala ukuba abe nesimiso sasikhathi sonke sokuhlanganyela enkonzweni, futhi lokhu akwenze masonto onke uma kungenzeka. (Fil. 3:16) Yenza amalungiselelo aqinisekile ukuze nisebenze ndawonye enkonzweni, futhi umkhuthaze ukuba asebenze nabanye abashisekayo. Isibonelo sabo kanye nobudlelwano nabo kuyomsiza ukuba ahlakulele ikhono futhi akujabulele ukushumayela endlini ngendlu.