INgxenye 11: Ukusiza Abafundi Ukuba Benze Izimpindelo
Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo
1 Lapho umuntu ofundelwayo eqala ukuphuma insimu, uyohlangana nabantu ababonisa isithakazelo ezindabeni ezinhle. Singamsiza kanjani lo mmemezeli omusha ukuba enze izimpindelo ngokuphumelelayo nokuba ahlakulele isithakazelo asitholayo?
2 Ukulungiselela impindelo kuqala ekuhambeleni kokuqala. Mkhuthaze umfundi ukuba abe nesithakazelo esiqotho kubantu akhuluma nabo. (Fil. 2:4) Kancane kancane, mqeqeshe ukuba enze umninikhaya asho akucabangayo, amlalele lapho ekhuluma, futhi aphawule izinto ezimkhathazayo. Lapho umuntu ebonisa isithakazelo, siza ummemezeli omusha ukuba abhale imininingwane efanele mayelana nalowo muntu. Sebenzisa leyo mininingwane ukuze umsize ahlele lokho abayoxoxa ngakho ngokuzayo.
3 Ukulungiselela Ukwenza Impindelo: Bukezani ingxoxo yokuhambela kokuqala, bese ubonisa umfundi indlela yokukhetha isici esiyokhanga umninikhaya esigijimini soMbuso. (1 Kor. 9:19-23) Lungiselelani ndawonye intshumayelo emfushane enomBhalo weBhayibheli owodwa nesigaba esisencwadini noma encwajaneni efundwayo. Ngaphezu kwalokhu, lungiselelani umbuzo ongase ubuzwe ekupheleni kwengxoxo ukuze kubekwe isisekelo sokuhambela okulandelayo. Bonisa ummemezeli omusha indlela yokunezela olwazini umuntu analo ngeZwi likaNkulunkulu ekuhambeleni ngakunye.
4 Kuyasiza nokufundisa umfundi isingeniso esilula. Ngemva kokubingelela umninikhaya, angase athi: “Ngakujabulela ukuxoxa nawe ngokudlule. Ngibuyile ukuze manje sixoxe ngalokho iBhayibheli elikushoyo mayelana [asho indaba].” Kungase kudingeke nokuba umbonise lo mmemezeli omusha lokho angakwenza lapho ethola umuntu ohlukile kulelo khaya.
5 Landelela Ngenkuthalo: Mkhuthaze umfundi ukuba abeke isibonelo esihle sokuphindela ngokushesha kubo bonke ababonisa isithakazelo. Kungase kudingeke aphindele kaningi ngaphambi kokuba athole umuntu esekhaya. Mfundise indlela yokubeka usuku nesikhathi sokuhambela okulandelayo, umsize aqonde isidingo sokuphindela njengoba ethembisile. (Math. 5:37) Mqeqeshe ukuba abe nomusa, acabangele, futhi ahloniphe njengoba efuna abanjengezimvu futhi ehlakulela isithakazelo abanaso.—Thithu 3:2.