ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-June 13
INgoma 198
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Sebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 (uma kufaneleka ensimini yebandla) ubonise indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-June 15 ne-Phaphama! ka-July 8. Kungase kusetshenziswe nezinye izintshumayelo ezisebenzayo. Komunye wale miboniso, bonisa indlela yokuhambisa umagazini ngokwethukela.
15 imiz: Siza Abanye Babe Abamemezeli Abangabhapathiziwe. Inkulumo kanye nengxoxo nezilaleli esingathwa umdala esekelwe kwethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, amakhasi 79-81. Chaza ilungiselelo lokuhlolwa komfundi weBhayibheli ukuthi uyahlangabezana yini nezimfuneko ezingokomBhalo zokuhlanganyela enkonzweni yasensimini nebandla. Ngesonto elizayo sizoxoxa ngendlela esingabaqeqesha ngayo abafundi beBhayibheli abafanelekela ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe ukuba baqale ukuhlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu.
20 imiz: “Ukushumayela Kuyasisiza Sikwazi Ukukhuthazela.”a Cela izilaleli ukuba zikhulumele imiBhalo ekhonjiwe uma isikhathi sivuma.
INgoma 149 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 20
INgoma 206
10 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza amaphuzu ayinhloko kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-July 2003, ikhasi 4. Chaza ukuthi abamemezeli bangazithola kanjani izincwadi zezinye izilimi. Chaza ukuthi lokhu kuyithinta kanjani insimu yebandla. Noma yimaphi ama-oda ezincwadi zezinye izilimi kufanele abhaliswe kumphathi wezincwadi, ngisho noma kuyincwadi eyodwa, ukuze lezo zincwadi ezidingekayo zitholakale ngaphandle kokulibala ngokungadingekile.
15 imiz: IZwi LikaNkulunkulu Linamandla. (Heb. 4:12) Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 2003, ikhasi 11, izigaba 13-17. Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa indlela imfundo yeBhayibheli engabashukumisa ngayo abantu ukuba benze izinguquko endleleni abaphila ngayo. (w00-ZU 1/1 kk. 3-5) Bakhuthaze bonke ukuba balisebenzise ngokugcwele iBhayibheli kuzo zonke izici zenkonzo.
20 imiz: “Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo—Ingxenye 10.”b Hlanganisa nomboniso obonisa lapho kuprakthizwa khona intshumayelo. Njengoba umfundi eprakthiza intshumayelo yakhe, umqhubi, ongumninikhaya kulo mboniso, uphikisa ngendlela evamile ensimini, futhi lapho umfundi engaqiniseki ukuthi yini okufanele ayisho, umchazela indlela angakusingatha ngayo lokho kuphikiswa. Ngaphezu kwalokho, hlela kusengaphambili ukuba oyedwa noma ababili bachaze indlela abaqeqeshwa ngayo lapho beqala ukuhlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu.
INgoma 208 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 27
INgoma 113
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-June. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 (uma kufaneleka ensimini yebandla), bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-July 1 noma i-Phaphama! ka-July 8. Kungase kusetshenziswe enye intshumayelo esebenzayo ensimini yebandla. Ngemva komboniso, phinda amazwi esethulo aye asetshenziswa ukuze kuvuswe isithakazelo kumninikhaya.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: Ukuhambisa Izincwajana Ngo-July Nango-August. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe esenezelweni. Chaza kafushane indlela yokusebenzisa lesi senezelo, uqokomise ibhokisi elisekhasini 3 kanye namaphuzu ayinhloko akuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2005, ikhasi 8. Yisho ukusikisela okufanelekayo ensimini yebandla lapho kuhanjiswa izincwajana ekuhambeleni kokuqala. Makube nemiboniso yezintshumayelo ezimbili noma ezintathu. Sebenzisa osemusha ongummemezeli okungenani embonisweni owodwa.
INgoma 196 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 4
INgoma 70
10 imiz: Izaziso zebandla.
15 imiz: Ingabe Uyazuza Esimisweni Somkhaya? Bukeza lokho okwasikiselwa esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-May 2005, futhi ucele izilaleli ukuba zilandise ngemizamo eziye zayenza ukuze zisebenzise lokhu kusikisela kanye nezinzuzo eziye zazithola ngokwenza kanjalo.
20 imiz: “Ukushumayela Ngokuphumelelayo Ezindaweni Zomphakathi.”c Yenza indaba isebenze ensimini yebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba basebenzise ifomu elithi Siza Ulandelele (S-43) uma kufaneleka.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-April 2005, k. 5.
INgoma 120 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.