“Masiliphakamise Kanyekanye Igama Lakhe”
1. Iliphi ithuba esizoba nalo lokuphakamisa igama likaNkulunkulu kanyekanye, futhi yini esingayenza manje ukuze sizilungiselele?
1 Umhubi wahlabelela: “Dumisani uJehova kanye nami, . . . masiliphakamise kanyekanye igama lakhe.” (IHu. 34:3) UMhlangano wethu Wesigodi ozayo onesihloko esithi “Hambani NoNkulunkulu” uzosinika ithuba lokuphakamisa igama likaJehova kanyekanye nabafowethu nodadewethu basemabandleni amaningi. Ingabe usuwenzile amalungiselelo akho endawo yokuhlala, ento yokuhamba, nawokuthola izinsuku emsebenzini? Siyobe senza ngokuhlakanipha uma sizihlela kusengaphambili lezi zinto.—IzAga 21:5.
2. Kungani kuzuzisa ukuhlela ukufika kusenesikhathi endaweni yomhlangano?
2 Ukufika Endaweni YoMhlangano: Ziningi izinto ezidinga ukunakekelwa lapho siya emhlanganweni. Ukusuka kusenesikhathi esiningi kuyosisiza ekusingatheni izinto ezingalindelekile ezibambezelayo futhi kuyosenza sikwazi ukuthola izihlalo kusenesikhathi ukuze sihlanganyele ngenhliziyo yonke engomeni nasemthandazweni wokuvula. (IHu. 69:30) Emizuzwini embalwa ngaphambi kokuqala kwesimiso, usihlalo uyobe esehlezi endaweni yesikhulumi kube kudlala ingoma yoMbuso eyisandulela. Sonke kufanele sihlale ezihlalweni zethu ngaleso sikhathi ukuze isimiso siqale ngendlela enesizotha.—1 Kor. 14:33, 40.
3. Singakubonisa kanjani ukucabangela abanye lapho sifuna izihlalo?
3 IZwi likaNkulunkulu lisiyala ukuba ‘senze zonke izindaba zethu ngothando.’ (1 Kor. 16:14) Lapho singena emagcekeni, noma endaweni yomhlangano, ukucabangela abanye kuyosenza singagijimi, singajahi, singaduduli abanye ukuze sithole izihlalo esizithandayo kuqala kunabanye. Izihlalo ungazibekela kuphela labo ohamba nabo emotweni noma labo osuka nabo endlini.—1 Kor. 13:5; Fil. 2:4.
4, 5. (a) Imaphi amalungiselelo enzelwe ikhefu lasemini, futhi asiza ngani? (b) Kusiza ngani ukwazi izikhathi zezimiso?
4 Ucelwa ukuba ukuphathe ukudla kunokuba uphume endaweni yomhlangano uyothola ukudla ngekhefu lasemini. Lokhu kuyokwenza ukwazi ukujabulela ubudlelwane obakhayo futhi ube khona lapho isimiso santambama siqala. Uma kudingekile, kungase kusetshenziswe i-cooler bag encane ekwazi ukungena ngaphansi kwesihlalo. Ama-cooler bag amakhulu, omkhaya wonke, anjengawepikiniki kufanele abekwe lapho kusho khona abalindi. Izitsha zengilazi neziphuzo zotshwala, akuvunyelwe endaweni yomhlangano.
5 Ukuze sinisize ekuhleleni kwenu sicela niqaphele izikhathi zezimiso: NgoLwesihlanu nangoMgqibelo: 9:00 a.m.–4:10 p.m.; ngeSonto 9:00 a.m.–3:15 p.m.
6. Singazilungiselela kanjani izinhliziyo zethu imfundo esizoyithola?
6 Silindelwe Idili Elingokomoya: INkosi uJehoshafati ‘yalungisa inhliziyo yayo ukuba ifune uNkulunkulu weqiniso.’ (2 IziKr. 19:3) Singazilungisa kanjani izinhliziyo zethu ngaphambi komhlangano? Isihloko esisekhasini elingemuva kuyi-Phaphama! yesiNgisi ka-June 8 sinikeza amazwibela edili elingokomoya esiyoba nalo. Kungani ungaziniki isikhathi sokuzindla ngaleso sihloko, ukulangazelele ngokwengeziwe lokho uJehova asigcinele kona? Ukulungisa inhliziyo yethu kuhilela nokucela uJehova ukuba asisize sithole umqondo wemfundo esizoyithola futhi siyisebenzise.—IHu. 25:4, 5.
7. Yini esiyifisayo, futhi ngani?
7 Sonke sifisa ukufunda okwengeziwe eZwini likaNkulunkulu, siqaphela ukuthi ngalo singakhulela ensindisweni. (1 Pet. 2:2) Ngakho, masibe khona eMhlanganweni Wesigodi onesihloko esithi “Hambani NoNkulunkulu,” ‘siliphakamise kanyekanye igama likaJehova.’—IHu. 34:3.
[Ibhokisi ekhasini 3]
Izindlela Zokuphakamisa Igama LikaNkulunkulu
◼ Ukuhlela kusengaphambili
◼ Bonisa abanye uthando
◼ Lungisa inhliziyo yakho