IZindaba Ezingokwasezulwini
◼ Isimiso sokwakhiwa kwamaHholo OMbuso ensimini yethu siyaqhubeka sigcwalisa izidingo zabafowethu nodadewethu. Ngokwakhiwa kwamaHholo OMbuso kuba nokulingana. Sibonga kakhulu ngeminikelo efakwa amabandla nyanga zonke eSikhwameni SamaHholo OMbuso. Siyakwazisa futhi nokukhokhwa nyanga zonke kwezimali ezibolekwe amabandla aye asizwa inhlangano, ngoba lezi zimali zibuye zisetshenziselwe ukusiza amabandla anesidingo esikhulu samaHholo OMbuso.
Siyajabula ukumemezela amanye amahholo angu-12 anikezelwe ezinyangeni zamuva: elaseHout Bay nelaseManenberg (eKapa); elaseProtea Glen (eSoweto); elaseKanana East (e-Orkney); elaseMzinoni, elaseMbalenhle East (eMpumalanga); elaseMetele (e-Eastern Cape); elaseDikebu, elaseVlaklaagte East, elaseTweefontein West (eGauteng); elaseMessina, elaseMashashane (eLimpompo Province).
Lokhu kusho ukuthi ekupheleni kuka-July 2004 besesinikezele amaHholo OMbuso angu-22. Kuyafaneleka ukuba siwabonge ngokukhethekile amaKomiti Okwakha Esifunda ngenkonzo yawo yokuzithandela ukuze asize amabandla anesidingo esikhulu samahholo. Futhi sibabonga ngokusuka enhliziyweni bonke abawusekelayo umsebenzi wokwakha. Kudingeka lilondolozwe ijubane okwakhiwa ngalo amaHholo OMbuso ensimini yethu. Ikhona indlela ongasiza ngayo?