Bazali—Qeqeshani Izingane Zenu Kusukela Ziseyizinsana
1 “Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe, kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.” (IzAga 22:6) Bazali, uma ningafuni ukuba izingane zenu ‘zisuke’ endleleni yeqiniso, ukuqeqeshwa okunjalo kufanele kuqale nini? Zisezincane impela!
2 Ngokusobala, lapho uPawulu ethi imfundo engokomoya kaThimothewu ‘yayisukela esewusana,’ wayesho ukuthi kusukela ebuntwaneni. (2 Thim. 3:14, 15) Ngenxa yalokho, uThimothewu waba indoda yamadoda ngokomoya. (Fil. 2:19-22) Bazali, nani kumelwe niqale “ziseyizinsana” izingane zenu ukuzinika ukuqeqeshwa ezikudingayo ‘ukuze zikhule noJehova.’—1 Sam. 2:21.
3 Zinikeni Amanzi Eziwadingayo Ukuze Zikhule: Njengoba nje izithombo zidinga amanzi njalo ukuze zikhule zibe yimithi emikhulu nemihle, izingane zobudala obuhlukahlukene kudingeka ziniselwe ngamanzi eqiniso leBhayibheli ukuze zikhule zibe izinceku zikaNkulunkulu ezivuthiwe. Indlela eyinhloko yokufundisa izingane iqiniso nokuzisiza ukuba zisondelane noJehova yisifundo seBhayibheli sasekhaya, esiqhutshwa njalo. Kodwa-ke, bazali, kumelwe nicabangele ubungako besikhathi ingane ngayinye ekwazi ngaso ukugxilisa ingqondo yayo. Cishe ezinganeni ezincane, izikhathi eziningana ezifushanisiwe zokufundisa zingaphumelela kakhudlwana kunezikhathi ezinde ezimbalwa.—Dut. 11:18, 19.
4 Ungalokothi uweye amandla ezingane zakho okufunda. Zixoxele izindaba zabantu abaseBhayibhelini. Zicele ukuba zidwebe izithombe zezenzakalo zaseBhayibhelini noma zilingise izenzakalo zaseBhayibhelini. Wasebenzise kahle ama-video ethu namakhasethi, kuhlanganise nama-drama eBhayibheli. Vumelanisa isifundo somkhaya nobudala bezingane zakho namakhono azo okufunda. Ukuqeqesha kokuqala kuyoba okulula, kube kuncane; kodwa njengoba ingane ikhula, ukuqeqeshwa kwayo kufanele kuhlanganise izici eziningi futhi kube okuthuthukayo. Yenza imfundo yeBhayibheli ithakazelise futhi ihlukahluke. Ufuna ukuba izingane zakho ‘zakhe ukulangazelela’ iZwi, ngakho yenza isifundo sihlwabuse ngangokunokwenzeka.—1 Pet. 2:2.
5 Zenze Zihileleke Ebandleni: Bekela izingane zakho imigomo ethuthukayo ukuze zihileleke ngokugcwele ebandleni. Ungaba yini umgomo wazo wokuqala? Abazali bezingane ezimbili ezisezincane bathi: “Zombili zaqala ukuqeqeshelwa ukuba zihlale zithule eHholo LoMbuso.” Kamuva siza izingane ukuba ziphendule ngamazwi azo emihlanganweni, zikwenze umgomo wazo ukubhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Imigomo ezingayifinyelela enkonzweni yasensimini kungaba ukunikeza umninikhaya ipheshana, ukufunda umBhalo, ukunikeza intshumayelo kamagazini, nokuxoxa nabaninikhaya ngezingxoxo ezinengqondo.
6 Zibekele Isibonelo Sentshiseko: Ingabe izingane zakho zikuzwa nsuku zonke ukhuluma ngoJehova, uthandaza kuye? Ingabe ziyakubona utadisha iZwi lakhe, uya emihlanganweni, uhlanganyela enkonzweni yasensimini futhi ujabulela ukwenza intando kaNkulunkulu? (IHu. 40:8) Kubalulekile ukuba zikubone futhi nizenze ndawonye lezi zinto. Enye indodakazi esikhulile yathi ngonina, owayekhulise izingane eziyisithupha zaba oFakazi abathembekile: “Okwasihlaba umxhwele kakhulu yisibonelo sikamama ngokwakhe—sasho okukhulu kakhulu kithi kunokukhuluma.” Omunye umzali onezingane ezine wathi: “Ukuthi ‘uJehova uza kuqala,’ kwakungeyona nje inkulumo esasivame ukuyisho kodwa futhi kwakuyindlela esasiphila ngayo.”
7 Bazali, sheshani niqale ukuqeqesha izingane zenu, nizifundise iqiniso leZwi likaNkulunkulu, nibeke imigomo ethuthukayo futhi nizibekele isibonelo esingcono kakhulu eningasifinyelela. Niyojabula ngokuthi nakwenza!