Ongase Ukusho Ngomagazini
INqabayokulinda Jan. 15
“Abantu abaningi basebenzisa izithombe ekukhulekeleni kwabo. Ucabanga ukuthi izinto ezinjalo zinawo amandla okusindisa? [Lindela impendulo.] Siza uphawule ukuthi uNkulunkulu weqiniso uyosenzelani. [Funda isAmbulo 21:3, 4.] UNkulunkulu ongokoqobo kuphela ongafeza lokho. Lo magazini ubonisa ukuthi ungubani nokuthi singazuza kanjani ngokuthembela kuye.”
INqabayokulinda Feb. 1
“Kunokukhathazeka okukhulu ngokungcoliswa kwendawo esizungezile. Kodwa wake wacabanga yini ngokungcoliswa kwengqondo? [Lindela impendulo.] IBhayibheli ligcizelela ukubaluleka kokuhlanzeka komzimba nokungokomoya. [Funda eyesi-2 Korinte 7:1.] Ngiyaqiniseka ukuthi uzothola lokhu kwaziswa kuwusizo futhi kusebenza.”
Phaphama! Feb. 8
“Singakuthatha kalula ukuthi sinendawo eyikhaya. Kodwa izigidi zababaleki kuwo wonke umhlaba zizulazula zingenathemba, futhi azikutholi nhlobo ukulondeka ezikufunayo. I-Phaphama! ihlola ukuthi le nkinga idalwa yini ibuye futhi ihlole nesethembiso seBhayibheli sokuthi ngolunye usuku wonke umuntu uyoba nekhaya elingelakhe.”
“Akungabazeki ukuthi uye wabona ukuthi nakuba imishado ivame ukuqala ngenjabulo, eminingi iyachitheka. Ngithanda ukukushiyela le Phaphama!, njengoba ikhuluma ngombono weBhayibheli mayelana nendlela yokwenza umshado uhlale njalo futhi ujabulise.”