Ukwakha Umkhaya Oqinile Ngokomoya
“Qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.”—EFESU 6:4.
1. Yayiyini injongo kaNkulunkulu ngomkhaya, kodwa kwenzekani esikhundleni sayo?
“ZALANI, nande, nigcwalise umhlaba.” (Genesise 1:28) Ngalawo mazwi awasho ku-Adamu no-Eva, uJehova uNkulunkulu wasungula ilungiselelo lomkhaya. (Efesu 3:14, 15) Lapho ubheka ikusasa, lowo mbhangqwana wokuqala wawungacabanga ngomhlaba ogcwele inzalo yawo—umndeni wabantu abaphelele abaphila ngenjabulo emhlabeni oyipharadesi bekhulekela uMdali wabo Omkhulu ngobunye. Kodwa u-Adamu no-Eva bawela esonweni, umhlaba wangagcwala abantu abalungile nabesaba uNkulunkulu. (Roma 5:12) Kunalokho, ukuphila komkhaya kwawohloka ngokushesha, kwagcwala inzondo, ubudlova nokuntuleka ‘kokusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo,’ ikakhulu kulezi ‘zinsuku zokugcina.’—2 Thimothewu 3:1-5; Genesise 4:8, 23; 6:5, 11, 12.
2. Yiziphi izinto izingane zika-Adamu ezazingazenza, kodwa kwakuyodingekani ukuze zakhe umkhaya oqinile ngokomoya?
2 U-Adamu no-Eva badalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu. Nakuba ayeseyisoni, uJehova wamvumela u-Adamu ukuba abe nezingane. (Genesise 1:27; 5:1-4) Njengoyise, izingane zika-Adamu no-Eva zazingaziphatha kahle futhi zazingafunda ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile. Zazingafundiswa indlela yokukhulekela uMdali wazo nokubaluleka kokumthanda ngenhliziyo, umphefumulo, ingqondo namandla azo onke. (Marku 12:30; Johane 4:24; Jakobe 1:27) Ngaphezu kwalokho, zazingaqeqeshelwa ‘ukwenza ukulunga, ukuthanda umusa nokuhamba noNkulunkulu ngokuthobeka.’ (Mika 6:8) Nokho, njengezoni, kwakuyodingeka zisebenze kanzima ukuze zakhe umkhaya oqinile ngokomoya.
Thengisisa Isikhathi
3. Abazali ‘bangasithengisisa kanjani isikhathi’ sokukhulisa izingane ezingamaKristu?
3 Kulezi zikhathi eziyinkimbinkimbi nezibucayi, kumelwe kwenziwe umzamo omkhulu ukuze izingane ‘zithande uJehova, zikuzonde ngempela okubi.’ (IHubo 97:10) Abazali abahlakaniphile ‘bayothengisisa isikhathi’ ukuze bahlangabezane nale nselele. (Efesu 5:15-17) Uma ungumzali, ungakwenza kanjani lokhu? Okokuqala, hlela izinto eziza kuqala, ugxile ‘ezintweni ezibaluleke ngokwengeziwe,’ ezihlanganisa ukufundisa nokuqeqesha izingane zakho. (Filipi 1:10, 11) Okwesibili, yenza indlela eniphila ngayo ibe lula. Kungase kudingeke niyeke ukwenza izinto ezingadingeki ngempela. Noma kungase kudingeke nihlukane nezimpahla okunidlela isikhathi ukuzinakekela. Njengomzali ongumKristu, awusoze wazisola ngokuthi wénza umzamo odingekayo ukuze ukhulise izingane ezesaba uNkulunkulu.—IzAga 29:15, 17.
4. Umkhaya ungagcinwa kanjani unobunye?
4 Ukuba nesikhathi sokuba nezingane zakho, ikakhulu lapho nigxile ezintweni ezingokomoya, kuwufanele kakhulu umzamo futhi kungenye yezindlela ezinhle kakhulu zokugcina umkhaya unobunye. Kodwa ungakuyeki lokhu kube yinto ethuka yenzekile. Hlela izikhathi ezithile eniyozichitha nindawonye. Lokhu akusho nje ukuba sendlini eyodwa, wonke umuntu ezenzela okwakhe. Izingane ziphumelela kahle kakhulu uma ngayinye inakwa nsuku zonke. Uthando nokukhathalela kudingeka kuboniswe ngokungagodli. Ngisho nangaphambi kokuba inqume ukuba nezingane, imibhangqwana eshadile kumelwe icabange ngokujulile ngalo mthwalo wemfanelo obalulekile. (Luka 14:28) Kanjalo, ngeke ibheke ukukhulisa izingane njengomsebenzi oyisicefe. Kunalokho, iyokubheka njengelungelo elibusisekile.—Genesise 33:5; IHubo 127:3.
Fundisa Ngezwi Nangesibonelo
5. (a) Ukuze ufundise izingane ukuthanda uJehova kudingekani kuqala? (b) Abazali banikezwa siphi iseluleko kuDuteronomi 6:5-7?
5 Ukuze ufundise izingane zakho ukuthanda uJehova kudingeka wena umthande kuqala. Uthando oluqinile ngoNkulunkulu luyokushukumisela ukuba ulandele zonke iziyalezo zakhe ngokwethembeka. Lokhu kuhlanganisa ukukhulisa izingane “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) UNkulunkulu weluleka abazali ukuba babekele izingane zabo isibonelo, bakhulumisane nazo futhi bazifundise. UDuteronomi 6:5-7 uthi: “Wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho. Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.” Ngokuyala nokuphindaphinda njalo, ungagxilisa imiyalo kaNkulunkulu ezinganeni zakho. Kanjalo, izingane zakho ziyoluzwa uthando onalo ngoJehova, bese nazo zishukumiseleka ukuba zisondelane naye.—IzAga 20:7.
6. Abazali bangakusebenzisa kanjani ngokunenzuzo ukufunda kwezingane ngokulingisa isibonelo?
6 Izingane ziyakuthanda ukufunda. Ziyalalelisisa, zibhekisise futhi zisheshe ukulingisa lokho okwenzayo. Lapho zibona ukuthi awuyena umuntu othanda izinto ezibonakalayo, lokhu kuyazisiza zifunde ukulandela iseluleko sikaJesu. Uzifundisa ukungakhathazeki ngezinto ezibonakalayo kodwa ukuba ‘zifune kuqala umbuso kaNkulunkulu.’ (Mathewu 6:25-33) Ngokuxoxa ngendlela enempilo neyakhayo ngeqiniso leBhayibheli, ibandla likaNkulunkulu nabadala abamisiwe, ufundisa izingane zakho ukuhlonipha uJehova nokwazisa amalungiselelo akhe angokomoya. Njengoba izingane zikuqaphela ngokushesha ukungqubuzana, ukufundisa ngomlomo kumelwe kusekelwe ukuziphatha nesimo sengqondo esibonisa ukuthi uzazisa ngokujulile izinto ezingokomoya. Yeka ukuthi kuyisibusiso kanjani lapho abazali bebona ukuthi isibonelo sabo esihle siye sakha ezinganeni zabo uthando olusuka enhliziyweni ngoJehova!—IzAga 23:24, 25.
7, 8. Yisiphi isibonelo esibonisa ukubaluleka kokuqeqesha izingane kusukela zisencane, futhi ubani okufanele adunyiswe ngempumelelo eba khona?
7 Ukubaluleka kokuqeqesha izingane kusukela zisencane kubonakala esibonelweni saseVenezuela. (2 Thimothewu 3:15) Ngesombhangqwana oshadile osemusha, uFélix noMayerlín. Bayizikhonzi ezingamaphayona. Lapho kuzalwa indodana yabo, uFelito, babezimisele ukwenza okusemandleni abo ukuze bayikhulise njengomkhulekeli weqiniso kaJehova. UMayerlín waqala ukufundela uFelito INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Kusukela esemncane, uFelito wayebonakala ekwazi ukubona uMose nabanye abantu abasemifanekisweni ekule ncwadi.
8 UFelito waqala ukushumayela eyedwa esemncane kakhulu. Wafeza isifiso sakhe sokuba ummemezeli woMbuso, kamuva wabhapathizwa. Ngokuhamba kwesikhathi, uFelito waba yiphayona elivamile. Abazali bakhe bathi: “Njengoba sibuka intuthuko yendodana yethu, siyabona ukuthi ibangelwa nguJehova nemfundo ayinikezayo.”
Siza Izingane Zikhule Ngokomoya
9. Kungani kufanele sibonge ngemfundo engokomoya esiyithola ngesigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo?
9 Kunenqwaba yomagazini, amakhulu ezincwadi nezinkulungwane zezingosi ze-Internet ezinikeza amacebiso okukhulisa izingane. Ezikhathini eziningi, “ukwaziswa kuyangqubuzana,” kusho umagazini okhethekile we-Newsweek okhuluma ngezingane. “Okuphazamisa nakakhulu kuba yilapho ukwaziswa ocabanga ukuthi ungakwethemba kuvela ukuthi kuyiphutha ngokuphelele.” Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uJehova uye wanikeza okuningi ukuze kufundiswe futhi kuthuthukiswe imikhaya ngokomoya! Ingabe uwasebenzisa ngokugcwele wonke amalungiselelo enziwa ngesigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo?—Mathewu 24:45-47.
10. Isifundo seBhayibheli somkhaya esiphumelelayo sibazuzisa kanjani abazali nezingane?
10 Enye yezinto ezibaluleke kakhulu ezidingekayo yisifundo seBhayibheli somkhaya sasikhathi sonke esiqhutshwa esimweni esikhululekile. Ukuze sifundise, sijabulise futhi sikhuthaze kudingeka ukulungiselela kahle. Ngokwenza izingane zabo zibhoboke, abazali bangathola ukuthi yini esezinhliziyweni nasezingqondweni zazo. Enye yezindlela zokubona ukuthi isifundo somkhaya siphumelela kangakanani iwukubheka ukuthi ingabe wonke amalungu omkhaya ayasilangazelela yini.
11. (a) Yimiphi imigomo abazali abangasiza izingane zabo ukuba ziyibeke? (b) Waba yini umphumela lapho intombazanyana ethile yaseJapane iphishekela umgomo wayo?
11 Imigomo engokomoya nayo inengxenye ekwakheni umkhaya oqinile ngokomoya, futhi abazali kufanele basize izingane zabo zizibekele yona. Imigomo efanelekayo ihlanganisa ukufunda iBhayibheli nsuku zonke, ukuba ngummemezeli wezindaba ezinhle ophuma njalo nokuthuthukela ekuzinikezeleni nasobhapathizweni. Eminye imigomo ingahlanganisa inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona, isikhonzi saseBethel noma isithunywa sevangeli. Lapho isanda kungena esikoleni, intombazanyana yaseJapane okuthiwa ngu-Ayumi yazibekela umgomo wokushumayeza wonke umuntu osekilasini labo. Ukuze ivuse isithakazelo sikathisha wayo nabanye abafundi, yacela imvume yokubeka izincwadi ezithile zeBhayibheli emtatsheni wolwazi. Ngenxa yalokho, phakathi neminyaka eyisithupha isesikoleni sabaqalayo, kwahlelwa izifundo zeBhayibheli ezingu-13. Oyedwa kulabo ababefundelwa iBhayibheli nabanye emkhayeni wakubo baba ngamaKristu azinikezele.
12. Yini engenza izingane zizuze kakhulu emihlanganweni yobuKristu?
12 Ukuba khona njalo emihlanganweni nako kubalulekile ekwakheni impilo eqinile ngokomoya. Umphostoli uPawulu wanxusa ayekholwa nabo ukuba ‘bangakuyeki ukubuthana kwabo ndawonye, njengoba abanye babenaleyonkambiso.’ Makungabi yinkambiso yethu lokho, ngoba abadala nabancane bonke bazuza kakhulu ngokuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu. (Heberu 10:24, 25; Duteronomi 31:12) Izingane kufanele zifundiswe ukulalelisisa. Ukulungiselela imihlangano nako kubalulekile, ngoba kuzuzisa kakhulu ukuhlanganyela ngokuphendula. Ingane encane ingase iqale ngokusho amazwana ambalwa noma ngokufunda ingxenyana yesigaba, kodwa kuyozuzisa kakhulu uma izingane ziqeqeshwa ukufuna izimpendulo nokuzibeka ngamazwi azo. Ingabe nina bazali niyasibeka isibonelo ngokuphendula njalo nangendlela enenjongo? Kuhle futhi ukuba ilungu ngalinye lomkhaya libe neBhayibheli, iculo nencwadi esetshenziswayo kuleyo ngxoxo engokomBhalo.
13, 14. (a) Kungani abazali kufanele basebenze nezingane zabo enkonzweni? (b) Yini eyosiza ekwenzeni inkonzo yasensimini izuzise futhi ijabulise ezinganeni?
13 Abazali abahlakaniphile bayoqondisa amandla obusha ezingane zabo ekukhonzeni uJehova, bazisize zenze ukushumayela kube yingxenye ebalulekile yokuphila kwazo. (Heberu 13:15) Ukusebenza nezingane zabo enkonzweni yiyona ndlela abazali abangaqiniseka ngayo ukuthi ziyakuthola ukuqeqeshwa okudingekayo ukuze zibe yizikhonzi ‘okungekho lutho ezingaba namahloni ngakho, eziphatha izwi leqiniso ngokufanele.’ (2 Thimothewu 2:15) Kuthiwani-ke ngawe? Uma ungumzali, ingabe uyazisiza izingane zakho ukuba zilungiselele inkonzo yasensimini? Ukwenza lokhu kuyosiza ekwenzeni inkonzo ijabulise kuzo, ibe nenjongo futhi ithele.
14 Kungani kuzuzisa ukuba abazali basebenze nezingane zabo enkonzweni? Ngale ndlela, izingane zingabona futhi zilingise isibonelo esihle sabazali bazo. Ngesikhathi esifanayo, abazali bangaqaphela isimo sengqondo, ukuziphatha nekhono lezingane zabo. Qiniseka ukuthi uba nazo izingane zakho ezicini ezihlukahlukene zenkonzo. Uma kungenzeka, ingane ngayinye mayibe nesikhwama sayo sasensimini, uyifundise ukusigcina sihlelekile futhi sibukeka kahle. Ngokuqeqesha nokukhuthaza njalo, kuyokwakheka ukwazisa kwangempela ngenkonzo, futhi izingane ziyobheka umsebenzi wokushumayela njengendlela yokubonisa uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane.—Mathewu 22:37-39; 28:19, 20.
Londoloza Ingokomoya
15. Njengoba kubaluleke kakhulu ukulondoloza ingokomoya lomkhaya, yiziphi ezinye zezindlela zokwenza lokhu?
15 Ukulondoloza ingokomoya lomkhaya kubalulekile. (IHubo 119:93) Enye yezindlela zokwenza lokhu iwukuxoxa ngezinto ezingokomoya nomkhaya wakho njalo lapho ithuba livela. Ingabe uyaxoxa nazo ngetekisi leBhayibheli losuku? Ingabe kuwumkhuba wakho ukuxoxa ngokuhlangenwe nakho kwasensimini noma ngamaphuzu akomagazini bamuva be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! “lapho uhamba endleleni”? Uyakhumbula yini ukubonga uJehova ngomthandazo nsuku zonke ngokuphila nangamalungiselelo akhe ayinala “lapho ulala, nalapho uvuka”? (Duteronomi 6:6-9) Lapho izingane zakho zibona uthando ngoNkulunkulu kukho konke okwenzayo, lokhu kuyozisiza zenze iqiniso libe ngelazo.
16. Kusiza ngani ukukhuthaza izingane ukuba zizicwaningele?
16 Ngezinye izikhathi, izingane ziyodinga isiqondiso ukuze zibhekane ngokuphumelelayo nezinkinga noma izimo ezivelayo. Kunokuba uzitshele njalo ukuthi kufanele zenze njani, kungani ungazibonisi ukuthi zingawuthola kanjani umbono kaNkulunkulu endabeni ngokuzikhuthaza ukuba zizicwaningele zona? Ukufundisa izingane ukusebenzisa kahle wonke amathuluzi nezincwadi ezilungiselelwa ‘ngesigqila esikholekile’ kuyozisiza zibe nobuhlobo obuseduze noJehova. (1 Samuweli 2:21b) Futhi lapho zixoxa namanye amalungu omkhaya ngalokho ezikuzuze ngokucwaninga eBhayibhelini, ingokomoya lomkhaya lithuthuka nakakhulu.
Ncika Ngokugcwele KuJehova
17. Kungani abazali abangabodwa kufanele bangalilahli ithemba ekukhuliseni izingane zabo njengamaKristu?
17 Kuthiwani ngemikhaya enomzali ongayedwa? Yona inezinselele ezengeziwe ekukhuliseni izingane. Kodwa bazali abangabodwa, qinani idolo! Ningaphumelela, njengoba kubonakala kubazali abaningi abangabodwa abaye bathembela kuNkulunkulu, basebenzisa iseluleko sakhe ngokuzithoba futhi bakhulisa izingane ezikahle neziqinile ngokomoya. (IzAga 22:6) Yebo, amaKristu angabazali abangabodwa kudingeka ancike ngokugcwele kuJehova. Kumelwe abe nokholo ekutheni uyowasiza.—IHubo 121:1-3.
18. Yiziphi izidingo zezingane ezingokwengqondo nezingokomzimba okufanele abazali bazinake, kodwa yini okufanele kugxilwe kuyo?
18 Abazali abahlakaniphile bayaqaphela ukuthi ‘kunesikhathi sokuhleka nesikhathi sokusina.’ (UmShumayeli 3:1, 4) Isikhathi sokuphumula nokuzilibazisa okulinganiselayo nokunempilo kubalulekile ekwakheni ingqondo nomzimba wengane. Umculo owakhayo futhi ikakhulu ukucula izingoma zokudumisa uNkulunkulu kuyosiza ingane ibe nesimo sengqondo esihle esingaba nendima ebalulekile ekuqiniseni ubuhlobo bayo noJehova. (Kolose 3:16) Ubusha futhi buyisikhathi sokuzilungiselela ukuba ngumuntu omdala owesaba uNkulunkulu, ukuze ukujabulela ukuphila kuqhubeke kuze kube phakade emhlabeni oyipharadesi.—Galathiya 6:8.
19. Kungani abazali bengaqiniseka ukuthi uJehova uyoyibusisa imizamo yabo yokukhulisa izingane?
19 UJehova ufuna yonke imikhaya yamaKristu ihlale iqinile ngokomoya futhi inobunye. Uma simthanda ngempela uNkulunkulu futhi senza okusemandleni ethu ukulalela iZwi lakhe, uyoyibusisa imizamo yethu futhi asinike amandla adingekayo ukuze silandele isiqondiso sakhe esiphefumulelwe. (Isaya 48:17; Filipi 4:13) Khumbula ukuthi ithuba onalo manje lokufundisa nokuqeqesha izingane zakho lilinganiselwe futhi ngeke liphinde livele. Yenza konke ongakwenza ukuze usebenzise iseluleko seZwi likaNkulunkulu, futhi uJehova uyoyibusisa imizamo yakho yokwakha umkhaya oqinile ngokomoya.
Sifundeni?
• Kungani ukuthengisisa isikhathi kubaluleke kakhulu lapho uqeqesha izingane?
• Kungani kudingeka isibonelo esihle sabazali?
• Yiziphi ezinye zezindlela ezibalulekile zokusiza izingane zikhule ngokomoya?
• Ingokomoya lomkhaya lingalondolozwa kanjani?
[Izithombe ekhasini 24, 25]
Imikhaya eqinile ngokomoya itadisha iZwi likaNkulunkulu njalo, ibe khona emihlanganweni yobuKristu, futhi ihlanganyele ndawonye enkonzweni