Sebenzisa Izenzakalo Zamuva Ukuze Uvuse Isithakazelo
1 Ubungathanda yini ukulokhu uthola imibono emihle yokwenza inkonzo yakho ihlale iyintsha futhi ivuse isithakazelo sabantu esigijimini seBhayibheli? Khona-ke sebenzisa lokho okwenzeka emhlabeni wonke nasemphakathini wangakini ukuze uqale izingxoxo. Ungase usebenzise izenzakalo zangakini nezasezweni lakini noma izindaba zakwamanye amazwe. Lezi zinto zishintsha njalo. (1 Kor. 7:31) Cabangela izibonelo ezilandelayo.
2 Izinkinga zezomnotho nezindleko zokuphila yizinto ezibakhathaza ngempela abantu. Ngakho, ungase uthi:
◼ “Uzwile ezindabeni ukuthi amanani [yisho lokho okwenyukayo] ayenyuka futhi?” Noma ungase uphawule ngokuntuleka komsebenzi uma imboni ethile enkulu iye yadiliza izisebenzi eziningi. Kuye ngokuthi ufuna ukuqhubeka kanjani nengxoxo, ungayiqhubekisela phambili ngokubuza uthi, “Wake wazibuza yini ukuthi kungani kunzima kangaka ukuziphilisa?” noma uthi, “Ingabe ucabanga ukuthi kuyohlale kunzima ukuziphilisa?”
3 Imibiko yobudlova, njengezinhlekelele emikhayeni noma phakathi kwabafundi, iyisisekelo sokuqala enye ingxoxo. Ungase ubuze:
◼ “Ufundile yini ephephandabeni ukuthi [yisho inhlekelele eyenzeke emphakathini]?” Khona-ke ungase ubuze uthi, “Ucabanga ukuthi iyini imbangela yobudlova obungaka emhlabeni?” noma uthi, “Ucabanga ukuthi siyoke sifike isikhathi lapho siyozizwa siphephile?”
4 Izindaba zezikhukhula ezicekela phansi, ezokuzamazama komhlaba noma ezokubhikisha ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba nazo zivusa isithakazelo. Ngokwesibonelo, ungase ubuze:
◼ “Ingabe nguNkulunkulu obangela [yisho inhlekelele engokwemvelo]?” Noma ungase ukhulume ngokugqashuka kwezibhelu kwamuva futhi uthi: “Uma wonke umuntu efuna ukuthula, kungani kunzima kangaka ukukuthola?”
5 Hlale ukuphaphamele ukuthola izenzakalo zamuva ongase uzisebenzise esethulweni sakho. Ukusikisela okuwusizo kuyatholakala kwesithi “Izenzakalo Zangalesosikhathi,” emakhasini 10-11, encwadi Ukubonisana. Nokho, gwema ukuthatha uhlangothi ezindabeni zezombangazwe noma zenhlalo yomphakathi. Kunalokho, yenza kuqapheleke ukuthi imiBhalo noMbuso kaNkulunkulu ukuphela kwekhambi elihlala njalo ezinkingeni zesintu.