Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/03 k. 1
  • Ukushumayela Ezweni Elishintsha Njalo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukushumayela Ezweni Elishintsha Njalo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sebenzisa Izenzakalo Zamuva Ukuze Uvuse Isithakazelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Izindlela Zokuthuthukisa Ukushumayela Kwethu NgoMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokulungiselela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 6/03 k. 1

Ukushumayela Ezweni Elishintsha Njalo

1 Yeka indlela izinto ezingashintsha ngokushesha ngayo! Ngokuphazima kweso, kungenzeka inhlekelele yemvelo, ezomnotho zingawohloka, kungaba khona ukuvukelana kwezombusazwe, noma inhlekelele esakazwe kabanzi ingaba yindaba esematheni. Nokho, ngokushesha okunjalo futhi, izingqondo zabantu zingaphendukela kwezinye izinto. (IzE. 17:21; 1 Kor. 7:31) Kuleli zwe elishintsha njalo, singasibamba kanjani isithakazelo sabantu ukuze bakwazi ukulalela isigijimi soMbuso?

2 Zibone Izinto Ezikhathaza Abantu: Enye indlela yokubamba isithakazelo sabantu ukukhuluma ngezenzakalo zangaleso sikhathi. Ngesinye isikhathi lapho uJesu ekhuthaza izilaleli zakhe ukuba zicabangisise ngesimo sazo ngakuNkulunkulu, wakhuluma ngezinhlekelele ezazisanda kwenzeka ezazisezingqondweni zazo. (Luka 13:1-5) Ngendlela efanayo, lapho sikhuluma ngezindaba ezinhle, siyobe senza kahle uma sifaka udaba olusematheni noma isimo esithinta ukuphila komphakathi ensimini yethu. Nokho, lapho sikhuluma ngezinto ezinjalo, kufanele siqaphele singathathi uhlangothi ezindabeni zombusazwe noma zomphakathi.—Joh. 17:16.

3 Singakwazi kanjani lokho abantu abacabanga ngakho ngaleso sikhathi? Mhlawumbe indlela engcono kunazo zonke ukubuza umbuzo bese silalela. (Math. 12:34) Ukuba nesithakazelo kubantu kuyosenza siyinake imibono yabo futhi siqhubeke sibuza ngendlela engacunuli. Okuthile okungase kuphawulwe nje umninikhaya kungaveza into abantu abaningi endaweni abakhathazeke ngayo futhi kungakunika ithuba lokufakaza.

4 Ukulungiselela Intshumayelo: Lapho silungiselela ukwenza inkonzo ezweni elishintsha njalo, singasebenzisa incwadi ethi Ukubonisana. Emakhasini 10-11, ngaphansi kwesithi “Ikusasa/Ukulondeka” nesithi “Izenzakalo Zangalesosikhathi” kukhona ukusikisela okuwusizo mayelana nendlela yokufaka izenzakalo zangaleso sikhathi entshumayelweni yethu. Ukwaziswa okufanayo kungatholakala kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 2000 ekhasini 3. Lapho ulungiselela intshumayelo yakho, qiniseka ukuthi uyawufaka nombhalo ofanelekayo.

5 Njengoba siziphawula izimo ezishintshayo zabantu abasensimini yethu, kudingeka siyishintshe nentshumayelo yethu ifanelane nezimo. Uma senza kanjalo, siyobe sixoxa nabantu ngezinto ezibathintayo. Ngaleyo ndlela, siyosiza abaningi bamazi Lowo onezimfanelo nezindinganiso ezingashintshi.—Jak. 1:17.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela