Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/91 k. 1
  • Ukuqonda Okushiwo Izenzakalo Zamanje

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqonda Okushiwo Izenzakalo Zamanje
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Khuluma Ngezinto Ezenzeka Manje Enkonzweni Yakho
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2022
  • ISihloko Sengxoxo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Sebenzisa Izenzakalo Zamuva Ukuze Uvuse Isithakazelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Ukuhambisa Izikhokhelo Endlini Ngendlu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 10/91 k. 1

Ukuqonda Okushiwo Izenzakalo Zamanje

1 “Isimo salelizwe [siyashintsha, NW].” (1 Kor. 7:31) Lokhu kubonakala ezenzakalweni zamanje ezenzeka ngokushesha. Kanye nakho konke lokho okwenzeka enhlanganweni kaJehova, lokhu kusho ukuthini kuwena siqu?—Luka 21:28.

2 Ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli kulelikhulu lama-20 leminyaka kuqinisekisa ukuthi sonke isimiso esibi sezinto sisezinsukwini zaso zokugcina. (Math. 24:3-14; Luka 21:7-11) UJesu wathi “lesisizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke.” (Luka 21:32) Ingabe uyaqonda ukuthi lokhu kusho ukuthini ngabantu abasensimini yakini abangakasithathi isinyathelo sokuma ohlangothini lukaJehova? Uma ukuqonda, lokhu kunamuphi umphumela enkonzweni yakho?—Luka 21:34-36.

3 Siza Abanye Kusenesikhathi: UJesu wanxusa abafundi bakhe ukuba bazisebenzise ngokunenzuzo izimo ezinhle ukuze benze izindaba ezinhle zaziwe. (Joh. 9:4) Umphostoli uPawulu wezwakalisa iseluleko esifanayo lapho enxusa abazalwane baseKolose ukuba ‘bahambe ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, bathengisise isikhathi.’—Kol. 4:5.

4 Abanye baye basilalela iseluleko salomphostoli sokuthengisisa isikhathi futhi baye baba amaphayona avamile. Intsha eningi iye yathatha inkonzo yobuphayona obuvamile lapho isesesikoleni futhi iye yaba nempumelelo enhle ekwenzeni kanjalo. Intsha esesikoleni ingathengisisa isikhathi ukuze isize efunda nabo ekilasini ukuba baqonde okushiwo yilokho okwenzekayo namuhla nethemba elikhazimulayo lekusasa ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu.—UmSh. 12:1.

5 Singasisebenzisa kahle isikhathi sethu enkonzweni yasensimini phakathi no-October ngokuhambisa umagazini wePhaphama! nganoma yiliphi ithuba esilitholayo. Lomagazini usenza siqonde lokho ngempela okushiwo izenzakalo zamanje. Uhambise kubantu abakhathazekile obathola lapho usebenza endlini ngendlu. Thatha isinyathelo sokuqala sokuwuhambisa kofunda nabo esikoleni noma kubantu osebenza nabo. Qokomisa izihloko ezingase zibathakazelise ngokukhethekile abantu obaziyo. Ngokwesibonelo, iPhaphama! kaOctober 8, 1991, inezihloko ezikhuluma ngokuxhashazwa kwabantwana. Lendaba ikhathaza abantu abaningi.

6 Singasetshenziswa kanjani iSihloko Sengxoxo senyanga? Ngemva kokuzethula, ungase ubuze umninikhaya: “Ucabanga ukuthi kwenziwa yini ukuba sibhekane nezimo eziningi ezikhungathekisa kangaka namuhla?” Ngemva kwempendulo yakhe, ungase wenezele: “IBhayibheli liyasho ukuthi ngabaningi, ukuphila akunathemba futhi kuyakhungathekisa. Phawula lokho okushiwo lapha kumShumayeli 2:17. [Ufunde.] Ingabe uyavumelana nalokho okushiwo lapha? [Lindela impendulo.] Ubungathi yini engaduduza umuntu obhekene nezinkinga eziningi? [Lindela impendulo.] Nanku umbhalo osinika umbono oqondile ngokuphila. [Funda iHubo 37:39, 40.] Lesi isizathu esenza ukuba oFakazi BakaJehova bakhuthaze imfundo engokweBhayibheli. Ngokwesibonelo, phawula indaba ecatshangelwa kumagazini wethu wePhaphama! wamuva.” Khona-ke hambisa isikhokhelo. Uma isikhokhelo singamukelwa, hambisa omagazini noma ushiye ipheshana.

7 Akukho kungabaza ngokuthi lezi izikhathi ezivusa amadlingozi zokuba sikhonze uJehova. Kwangathi leliqiniso lingasishukumisela ukuba siwasebenzise kahle amathuba kulenyanga ukuze sisize abantu abaqotho abengeziwe babone lokho ngempela okushiwo izenzakalo zamanje.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela