Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/00 k. 2
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 9/00 k. 2

IZaziso

◼ Isipho sencwadi ngo-September: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-October: Umagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Kusukela ngasekupheleni kwenyanga, kuzosakazwa i-Kingdom News No. 36 enesihloko esithi “Inkulungwane Entsha Yeminyaka—Likuphatheleni Ikusasa?” Ngo-November: Ukusakazwa kwe-Kingdom News No. 36 kuzoqhubeka. Amabandla ahlanganisa insimu yawo ngokunikeza umninikhaya endlini ngayinye ikhophi ye-Kingdom News No. 36 angase ahambise incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? noma incwadi Ulwazi. Uma abantu sebenazo, kungase kuhanjiswe INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Ngo-December: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki.

◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-September 1 noma ngokushesha ngemva kwalokho. Lapho lokhu sekwenziwe, yazisani ibandla ngemva kokuba sekufundwe umbiko wezimali olandelayo.

◼ Abadala bakhunjuzwa ukuba balandelele iziyalezo ezinikezwe emakhasini 21-3 e-Nqabayokulinda ka-April 15, 1991, ngokuphathelene nanoma ibaphi abasusiwe noma abazihlukanisile okungenzeka bayafuna ukubuyiselwa.

◼ INhlangano ayiwathumeli ama-oda ezincwadi ommemezeli ngamunye. Umbonisi owengamele kufanele ahlele ukuba kwenziwe isimemezelo inyanga ngayinye ngaphambi kokuba ibandla lithumele isicelo sezincwadi sanyanga zonke eNhlanganweni ukuze bonke abanesithakazelo sokuthola izincwadi zomuntu siqu bazise umzalwane ophatha izincwadi. Kumelwe kube nezincwadi ezanele ngaso sonke isikhathi ukuze amaphayona azisebenzise ensimini. Sizani nikhumbule ukuthi iziphi izincwadi ezi-odwa ngokukhethekile.

◼ Amabandla asengali-oda IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2001 esicelweni sawo sezincwadi sika-September. Amakhalenda ayotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

I-Watchtower Publications Index 1999—ngesiNgisi

◼ Amakhasethi Omculo Atholakalayo:

Izingoma ZoMbuso (No. 1, No. 2; ikhasethi elilodwa)—ngesiTsonga

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela