Sizani Abangenalwazi Baqonde
1 Ngomsebenzi wokwenza abafundi, sifundisa abanye lokho uNkulunkulu akufunayo kubo. (Math. 28:19, 20) OFakazi abangaphezu kwezigidi eziyisihlanu benza umzamo omkhulu wokwenza lokho. Intuthuko ayibonwa ngamahora achithiwe, izincwadi ezihanjisiwe, noma izifundo zeBhayibheli eziqaliwe. Sisuke siwufinyelele umgomo wethu uma abantu beqonda futhi benza ngokuvumelana nalokho abakufundayo.
2 Ukusiza abanye ngokomoya kuhlanganisa ‘ukuqondisa abangenalwazi.’ (IHu. 119:130) Izinhliziyo ziyathinteka futhi abantu bashukumiseleke kuphela uma ‘bethola umqondo wako.’ (Math. 15:10) Njengoba umsebenzi wethu wanda futhi uba mningi, siya sisiqaphela ngokwengeziwe isidingo sokukhuluma nokufundisa ngendlela elula. Yingakho iNhlangano inyathelise incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Inemfundo ephelele ehlanganisa izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli. Izifundo zimfushane, amagama awahlelwanga ngendlela eyinkimbinkimbi, kanti nokufundisa kwayo kulula ukukuqonda, okwenza lencwajana ikhange kakhulu.
3 Ngo-April nango-May lencwajana izohanjiswa kanye nesikhokhelo njengesipho. Lencwajana yinikeze abantu abaye bazamukela kalula izincwadi esikhathini esidlule. Khumbula ukuthi ingaba wusizo ngokukhethekile ekufundiseni izingane, abantu abakhuluma olunye ulimi nalabo abanekhono elilinganiselwe lokufunda.
4 Sebenzisa Indlela Elula: Lapho uhambisa incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, mbonise ikhasi 2, elichaza ukuthi “lencwajana iklanyelwe ukunikeza izifundo zokutadisha iBhayibheli.” Vula ikhasi 3 isigaba 3 ukuze umbonise ukuthi kungani kufanele umuntu afunde iBhayibheli. Vusa isithakazelo sakhe ngezinye zezihloko zezifundo ezembula amaqiniso alula eBhayibheli. Bonisa indlela lencwajana eyenza ngayo ukufunda kujabulise, bese usikisela ukumnika usizo.
5 Qhuba Isifundo Esithuthukayo: Umgomo wethu uwukwenza okungaphezu nje kokuqhuba izifundo—sifuna ukwenza abafundi abayoba abasekeli abaqinile bokukhulekela kweqiniso. Lencwajana ingahlanganiswa ngamasonto nje ambalwa futhi kumelwe iholele encwadini ethi Ulwazi. (Bheka umbhalo waphansi osekhasini 31.) Zisuka nje amadaka, msize umuntu ofunda naye ukuba akwazi ukubona inhlangano kaJehova. (Bheka incwadi ethi Ukubonisana, amakhasi 98-9.) Gcizelela ukubaluleka kwemihlangano yebandla, bese uchaza ukuthi ukuba khona kuyo kunikeza ukuqonda okucacile kwendlela yokuqhuba ukukhulekela kweqiniso.—Heb. 10:24, 25.
6 Ukuhlanganyela ngokugcwele kulomsebenzi okhethekile ngo-April nango-May ngokuqinisekile kuyosinika injabulo ebangelwa ukusiza abaqotho ukuba ‘bazuze ukuqonda’ okuholela ekuphileni.—IzAga 4:5.