Uyayisebenzisa Yini Incwajana Ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Ekuqaleni Izifundo?
1 Bewazi yini ukuthi uma njalo nje uba nezingxoxo zeBhayibheli ngendlela ehlelekile nomuntu othakazelayo, ngendaba ekwenye yezincwadi ezituswayo, yize zizimfushane, usuke uqhuba isifundo seBhayibheli? Yebo kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi leso sifundo siqhutshwa nimi emnyango noma ngocingo. Kungani ungenzi umzamo okhethekile ngo-May nango-June wokuqala isifundo esinjalo usebenzisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?
2 Lungiselela Ukuze Uphumelele: Lapho uhambisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, yiba nephuzu elicacile engqondweni ofuna ukulikhulumela. Uma wenza impindelo, cabanga ngengxoxo yenu yokuhambela kwakho kokuqala. Zibuze: ‘Yiziphi izigaba kule ncwajana engingaziqokomisa ukuze ngakhele kuleya ngxoxo futhi ngimholele esifundweni seBhayibheli?’ Uma usendlini ngendlu, cabangela izihloko eziyokhanga owevé eminyakeni eyishumi nambili, umuntu omdala, indoda noma owesifazane. Bukeza izihloko zale ncwajana, futhi ukhethe isihloko esithakazelisayo. Ngemva kokuba usukhethe indlela ozoyisebenzisa, yiprakthize izikhathi eziningana. Lesi esinye sezihluthulelo zokuphumelela.
3 Isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2002 siqukethe “Ukusikisela Kokuhambisa Incwajana Ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?” okuyisishiyagalombili. Ibhokisi elithi “Indlela Engagwegwesi” libonisa indlela yokusebenzisa le ncwajana ekuqaleni izifundo. Ungase wenze ukusikisela kokuqala kuvumelane nesimo kanje:
3◼ “Bewazi yini ukuthi ngemizuzu embalwa nje, ungathola impendulo embuzweni weBhayibheli obalulekile? Ngokwesibonelo, kungani kunezinkolo eziningi kangaka ezithi ziwubuKristu? Wake wazibuza yini ngalokho?” Ngemva kokuba lo muntu esephendulile, vula isifundo 13, nixoxe ngezigaba ezimbili zokuqala. Uma enesikhathi, fundani futhi nixoxe ngombhalo owodwa noma emibili. Khona-ke funda umbuzo wokugcina phezulu ekhasini, bese uthi: “Ingxenye esele yalesi sifundo iqokomisa izimpawu ezinhlanu ongabona ngazo inkolo yeqiniso. Ngiyokujabulela ukubuya sizoxoxa ngazo nawe.”
4 Phikelela: Sebenzisa wonke amathuba ukuze ubonise indlela yokuqhuba isifundo seBhayibheli ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Cela isibusiso sikaJehova. (Math. 21:22) Ngokuphikelela emizamweni yakho, ungase uthole injabulo yokusiza othile ukuba asabele ezindabeni ezinhle!