Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 6/15 kk. 3-6
  • Ingabe Intsha Kufanele Ibhapathizwe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Intsha Kufanele Ibhapathizwe?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuba Umfundi Kuyimfuneko Eyinhloko
  • Ubufakazi Bokuba Umfundi
  • Izingane Ezisencane Zingamdumisa UJehova
  • Bazali, Niyazisiza Yini Izingane Zenu Ukuba Zibhapathizwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Ukuze Sibe AmaKristu Kumelwe Sibhapathizwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Isithasiselo
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Basha—ingabe nikulungele ukubhapathizwa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 6/15 kk. 3-6

Ingabe Intsha Kufanele Ibhapathizwe?

“ANGIVE ngijabula ngokuthi indodakazi yami isiyisikhonzi sikaJehova futhi ngiyazi ukuthi nayo iyajabula,” kusho uCarlos,a ubaba ongumKristu wasePhilippines. Omunye ubaba waseGreece wabhala: “Mina nomkami siyajabula ngokuthi izingane zethu ezintathu zabhapathizwa zaba oFakazi BakaJehova zisencane. Ziyathuthuka ngokomoya futhi ziyajabula ngokukhonza uJehova.”

Abazali abangamaKristu banezizathu zokujabula kakhulu lapho izingane zabo zibhapathizwa, kodwa ngezinye izikhathi leyo njabulo ihambisana nokungakhululeki okuthile. Umama othile wathi: “Ngangijabule kakhulu, ngesikhathi esifanayo ngikhathazeke kakhulu.” Kungani azizwa ngaleyo ndlela? “Ngaqonda ukuthi indodana yami manje yayisizozilandisela ngokugcwele kuJehova.”

Ukukhonza uJehova njengomunye woFakazi bakhe ababhapathiziwe kuwumgomo bonke abasha okufanele bazibekele wona. Nokho, abazali abesaba uNkulunkulu bangase bazibuze, ‘Ngiyazi ukuthi umntanami usethuthukile, kodwa ingabe uqine ngokwanele ukuba angamelana nezingcindezi zokuziphatha okubi futhi ahlale ehlanzekile phambi kukaJehova?’ Abanye bangase bazibuze, ‘Lapho ebhekene nokuyenga kwezinto ezibonakalayo, ingabe umntanami uyoqhubeka ekhonza uNkulunkulu ngenjabulo nangentshiseko?’ Isiphi isiqondiso seBhayibheli esingasiza abazali kule ndaba ukuba banqume ukuthi izingane zabo seziyakufanelekela ukubhapathizwa?

Ukuba Umfundi Kuyimfuneko Eyinhloko

Kunokuba libeke iminyaka yobudala yokubhapathizwa, iZwi likaNkulunkulu lichaza isimo esingokomoya salabo abakufanelekelayo ukuthatha lesi sinyathelo. UJesu wayala abalandeli bakhe: “[Yenzani] abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize.” (Math. 28:19) Ngakho, ubhapathizo lungolwalabo kakade asebengabafundi bakaKristu.

Uyini umfundi? I-Insight on the Scriptures iyachaza: “Leli gama ngokuyinhloko lisebenza kubo bonke abangagcini ngokukholelwa ezimfundisweni zikaKristu kodwa futhi abazilandela ngokuseduze.” Ingabe izingane ezibhekwa njengezisencane zingakwazi ukuba abafundi bakaKristu bangempela? Ebhala ngaye nodadewabo ababili, udade osekhonze njengesithunywa sevangeli eLatin America iminyaka engu-40, wathi: “Sasesikhule ngokwanele ukuba sazi ukuthi sifuna ukukhonza uJehova nokuphila ePharadesi. Ukuzinikezela kwethu kwasisiza saqina lapho sibhekene nezilingo zobusha. Asizisoli ngokuthi sazinikezela kuNkulunkulu sisebancane.”

Wazi kanjani ukuthi ingane yakho isingumfundi kaKristu? IBhayibheli lithi: “Ngisho nangemikhuba yakhe umfana uzenza aqashelwe ukuthi umsebenzi wakhe uhlanzekile futhi uqotho yini.” (IzAga 20:11) Cabangela eminye yemikhuba okubonakala ngayo ukuthi osemusha wenza ‘intuthuko yakhe ibonakale’ njengomfundi.—1 Thim. 4:15.

Ubufakazi Bokuba Umfundi

Ingabe ingane yakho iyakulalela? (Kol. 3:20) Iyayenza yini imisebenzi yasekhaya eyabelwe? Nakhu iBhayibheli elikushoyo ngoJesu lapho eseneminyaka engu-12: “Waqhubeka ezithoba [kubazali bakhe].” (Luka 2:51) Yiqiniso, ayikho ingane namuhla engalalela abazali bayo ngokuphelele. Kodwa amaKristu eqiniso kulindeleke ukuba ‘alandele izinyathelo zikaJesu eduze.’ Ngakho, intsha efisa ukubhapathizwa kufanele yaziwe ngokulalela abazali bayo.—1 Pet. 2:21.

Cabangela imibuzo elandelayo: Ingabe ingane yakho ‘iyaqhubeka ifuna kuqala uMbuso’ lapho isenkonzweni? (Math. 6:33) Ingabe iyathanda ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye, noma kudingeka uyishushe impela ukuze iye ensimini futhi ikhulume nabaninikhaya? Iyawuqaphela yini umthwalo wayo wemfanelo njengommemezeli ongabhapathiziwe? Ingabe inaso isifiso sokubuyela kubantu abathakazelayo ebathola ensimini? Ingabe efunda nabo nothisha bayazi ukuthi inguFakazi kaJehova?

Ingabe ibheka ukuya emihlanganweni njengokubalulekile? (IHu. 122:1) Iyakujabulela yini ukuphendula eSifundweni Se-Nqabayokulinda naseSifundweni SeBhayibheli Sebandla? Ingabe ihlanganyela ngentshiseko eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini?—Heb. 10:24, 25.

Ingabe ingane yakho iyakulwela ukuhlale ihlanzekile ngokokuziphatha ngokugwema abangane abayingozi esikoleni nakwenye indawo? (IzAga 13:20) Ithanda nhloboni yomculo, amabhayisikobho, izinhlelo ze-TV, imidlalo ye-video nezingosi ze-Internet? Ingabe amazwi nezenzo zayo kubonisa ukuthi ifisa ukuphila ngezindinganiso zeBhayibheli?

Ingane yakho ilazi kahle kangakanani iBhayibheli? Ingakwazi yini ukubeka ngamazwi ayo lokho ekufunda ngobusuku bokuKhulekela Komkhaya? Ingabe ingakwazi ukuchaza amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo? (IzAga 2:6-9) Iyakujabulela yini ukufunda iBhayibheli nokutadisha izincwadi ezivela esigabeni senceku ethembekileyo neqondayo? (Math. 24:45) Ingabe iyakubuza ngezimfundiso nangamavesi eBhayibheli?

Leyo mibuzo ingakusiza ukale intuthuko engokomoya yengane yakho. Ngemva kokuyicabangela, kungenzeka uphethe ngokuthi kusadingeka ithuthukise esicini esithile ngaphambi kokuba ibhapathizwe. Nokho, uma ukuphila kwayo kunikeza ubufakazi bokuba umfundi kaKristu futhi isikunikezele ngempela ukuphila kwayo kuNkulunkulu, ungayivumela ukuba ibhapathizwe.

Izingane Ezisencane Zingamdumisa UJehova

Izinceku zikaNkulunkulu eziningi ziye zabonisa ukwethembeka nokuba qotho lapho zineminyaka eyeve eshumini nambili noma ngaphambi kwalokho. Cabanga ngoJosefa, uSamuweli, uJosiya noJesu. (Gen. 37:2; 39:1-3; 1 Sam. 1:24-28; 2:18-20; 2 IziKr. 34:1-3; Luka 2:42-49) Kumelwe ukuba namadodakazi kaFiliphu amane ayeprofetha, aqeqeshwa kahle kusukela esemancane.—IzE. 21:8, 9.

UFakazi othile waseGreece wathi: “Ngabhapathizwa ngineminyaka engu-12 futhi angikaze ngizisole ngesinqumo engasenza. Sekudlule iminyaka engu-24 ngabhapathizwa futhi engu-23 yayo ngiyichithe ngisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Uthando lwami ngoJehova lwalungisiza njalo ukuba ngibhekane nezinkinga zobusha. Ngesikhathi ngineminyaka engu-12, ngangingenalo ulwazi lwemiBhalo esenginalo manje. Kodwa ngangazi ukuthi ngiyamthanda uJehova futhi ngifuna ukumkhonza phakade. Ngiyajabula ngokuthi uye wangisiza ukuba ngiqhubeke ngimkhonza.”

Kungakhathaliseki ukuthi musha noma mdala, umuntu onikeza ubufakazi bokuthi ungumfundi weqiniso kufanele abhapathizwe. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngenhliziyo umuntu ubonisa ukholo kube ngukulunga, kodwa ngomlomo umuntu uvuma obala kube yinsindiso.” (Roma 10:10) Lapho umfundi kaKristu osemncane ethatha isinyathelo esibalulekile sokubhapathizwa, yena nabazali bakhe basuke befeze lukhulu. Kwangathi ningevumele lutho luniphuce nina nezingane zenu injabulo enizoyithola.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

[Ibhokisi ekhasini 5]

Umbono Ofanele Ngobhapathizo

Abanye abazali babheka ukubhapathizwa kwezingane zabo njengesinyathelo esiwusizo kodwa esingaba yingozi—esicishe sifane nokuthola izincwadi zokushayela. Ubhapathizo nenkonzo engcwele kwake kwayifaka nini impumelelo yomuntu yesikhathi esizayo engozini? Impendulo yeBhayibheli ingucha. IzAga 10:22 zithi: “Isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.” UPawulu wabhalela uThimothewu osemusha: “Empeleni, kuyindlela yokuthola inzuzo enkulu, lokhu kuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye nokwaneliswa.”—1 Thim. 6:6.

Yiqiniso, ukukhonza uJehova akulula. UJeremiya wabhekana nobunzima obuningi emsebenzini wakhe njengomprofethi kaNkulunkulu. Noma kunjalo, nakhu akubhala ngokukhulekela kwakhe uNkulunkulu weqiniso: “Amazwi akho atholakala, ngawadla; izwi lakho kimi liba ngukwethaba nokujabula kwenhliziyo yami; ngoba igama lakho libizwé phezu kwami, Jehova Nkulunkulu wamabutho.” (Jer. 15:16) UJeremiya wayazi ukuthi ukukhonza uNkulunkulu kumlethela injabulo. Izwe likaSathane lisilethela ubunzima. Abazali kudingeka basize izingane zabo ziwubone lowo mahluko.—Jer. 1:19.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

Ingabe Umntanami Kufanele Akuhlehlise Ukubhapathizwa?

Ngezinye izikhathi, abazali bangase banqume ukuthi izingane zabo kufanele zihlehlise ukubhapathizwa ngisho nalapho zikufanelekela. Zingaba yini izizathu zabo?

Ngesaba ukuthi uma umntanami ebhapathizwa, angase kamuva awele esonweni esingathí sina abese esuswa ekuhlanganyeleni. Ingabe kunengqondo ukukholelwa ukuthi umuntu osemusha ohlehlisa ukubhapathizwa ngeke alandise kuNkulunkulu ngokuziphatha kwakhe? USolomoni waqondisa la mazwi kwabasebasha: “Yazi ukuthi [ngezenzo zakho] uNkulunkulu weqiniso uyokuletha ekwahlulelweni.” (UmSh. 11:9) Lapho uPawulu enikeza lesi sikhumbuzo, wayengabhekisele kubantu bobudala obuthile: “Ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.”—Roma 14:12.

Abakhulekeli bakaNkulunkulu ababhapathiziwe nabangabhapathiziwe bayolandisa kuye. Ungakhohlwa, uJehova uvikela izinceku zakhe ‘ngokungavumeli ukuba zilingwe ngokungaphezu kwalokho ezingakuthwala.’ (1 Kor. 10:13) Uma nje ‘zihlale zisangulukile’ zilwisane nezilingo, zingaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyozisekela. (1 Pet. 5:6-9) Umama ongumKristu wabhala: “Izingane ezibhapathiziwe zinezizathu ezengeziwe zokudeda ezintweni zezwe ezimbi. Indodana yami, eyabhapathizwa ineminyaka engu-15, inomuzwa wokuthi ukubhapathizwa kuyisivikelo. Yathi, ‘Awufisi ukwenza into ephambene nomthetho kaJehova.’ Ubhapathizo luyisisusa esinamandla sokwenza okulungile.”

Uma uye waqeqesha izingane zakho ngamazwi nangesibonelo ukuba zilalele uJehova, ungaqiniseka ngokuthi ziyoqhubeka zikwenza nangemva kokubhapathizwa. IzAga 20:7 zithi: “Olungile uhamba ebuqothweni bakhe. Ayajabula amadodana akhe ngemva kwakhe.”

Ngingathanda ukubona umntanami efinyelela imigomo ethile kuqala. Abasha kufanele bafunde ukusebenza ukuze lapho kudingeka bakwazi ukuzisekela. Kodwa kuyingozi ukubakhuthaza ukuba baphile ukuphila okugxile emfundweni nasekulondekeni ngokwezimali kunokugxila ekukhulekeleni kweqiniso. Ngokuphathelene ‘nembewu,’ noma isigijimi soMbuso, engakhuli, uJesu wathi: “Kepha lowo ohlwanyelwe phakathi kwameva, yilowo olizwayo izwi, kodwa izinkathazo zalesi simiso sezinto namandla engcebo okukhohlisa kuliminyanise izwi, angatheli.” (Math. 13:22) Ukuba nezinhlelo ezenza imigomo yezwe ize kuqala kunengokomoya, kungaqeda isifiso somusha sokukhonza uNkulunkulu.

Lapho ekhuluma ngentsha ekufanelekelayo ukubhapathizwa kodwa ebazali bayo bayenqabelayo, umdala ongumakad’ ebona wathi: “Ukuvimbela omusha ukuba abhapathizwe kungaphazamisa umfutho wakhe ngokomoya futhi kumenze adumazeke.” Umbonisi ojikelezayo naye wathi: “Omusha angase angaqiniseki futhi azenyeze ngokomoya. Angase aphendukele ezweni ukuze avuselele umuzwa wakhe wokuzizwa ewutho.”

[Isithombe]

Ingabe kufanele aye eyunivesithi kuqala?

[Isithombe ekhasini 3]

Osemusha angabunikeza ubufakazi bokuba umfundi

[Izithombe ekhasini 3]

Ukulungiselela nokuphendula emhlanganweni

[Isithombe ekhasini 4]

Ukulalela abazali

[Isithombe ekhasini 4]

Ukuhlanganyela enkonzweni

[Isithombe ekhasini 4]

Ukuthandaza eyedwa

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela