Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 6/15 kk. 7-11
  • Kunezindaba Ezinhle Ezidingwa Abantu Bonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kunezindaba Ezinhle Ezidingwa Abantu Bonke
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Okwakudingwa AbaseRoma
  • Kudingeka Bavume Ukuthi Banesono
  • ‘Ufakazi’
  • Izindaba Ezinhle Zigxile KuJesu
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-45—KwabaseRoma
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Kugxilwa Okholweni Lwakho—KweyabaseRoma
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • AbaseRoma Bathola Izindaba Ezinhle Kunazo Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • ‘Ukuletha Izindaba Ezinhle Zokuthile Okungcono’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 6/15 kk. 7-11

Kunezindaba Ezinhle Ezidingwa Abantu Bonke

‘Izindaba ezinhle, eqinisweni, zingamandla kaNkulunkulu ensindiso.’—ROMA 1:16.

1, 2. Kungani ushumayela “izindaba ezinhle zombuso,” futhi imaphi amaphuzu eziwaqukethe owagcizelelayo?

‘NGIYAKUJABULELA ukuxoxa nabanye ngezindaba ezinhle nsuku zonke.’ Cishe nawe wake wawasho lawo mazwi noma wacabanga ngawo. NjengoFakazi kaJehova ozinikele, uyazi ukuthi kubaluleke kangakanani ukushumayela “lezi zindaba ezinhle zombuso.” Mhlawumbe ungasisho nangekhanda isiprofetho sikaJesu esiphathelene nalo msebenzi esiwenzayo.—Math. 24:14.

2 Lapho ushumayela “izindaba ezinhle zombuso,” usuke uqhubekisela phambili umsebenzi owaqalwa uJesu. (Funda uLuka 4:43.) Ngokungangabazeki, elinye iphuzu oligcizelelayo elokuthi maduze uNkulunkulu uzongenela ezindabeni zabantu. ‘Ngosizi olukhulu,’ uyoqeda inkolo yamanga futhi ahlanze umhlaba kubo bonke ububi. (Math. 24:21) Cishe uqokomisa nokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyobuyisela iPharadesi emhlabeni ukuze kuchume ukuthula nenjabulo. Eqinisweni, “izindaba ezinhle zombuso” ziyingxenye ‘yezindaba ezinhle ezamenyezelwa kusengaphambili ku-Abrahama, zokuthi: “Izizwe zonke ziyobusiswa ngawe.”’—Gal. 3:8.

3. Kungani singase sithi umphostoli uPawulu wagcizelela izindaba ezinhle encwadini yamaRoma?

3 Nokho, kungenzeka yini ukuthi kukhona iphuzu eliyinhloko eliqukethwe izindaba ezinhle abantu abazidingayo okufanele siligcizelele kakhudlwana? Encwadini ayibhalela abaseRoma, umphostoli uPawulu usebenzise igama elithi ‘umbuso’ kanye kuphela, kodwa inkulumo ethi “izindaba ezinhle” uyisebenzise izikhathi ezingu-12. (Funda amaRoma 14:17.) Iliphi iphuzu eliqukethwe izindaba ezinhle uPawulu abhekisela kulo kaningi kule ncwadi? Kungani lelo phuzu lezindaba ezinhle libalulekile? Kungani futhi kufanele silikhumbule njalo lapho sishumayeza abantu ensimini yethu “izindaba ezinhle zikaNkulunkulu”?—Marku 1:14; Roma 15:16; 1 Thes. 2:2.

Lokho Okwakudingwa AbaseRoma

4. Lapho eboshwe okokuqala eRoma, yini uPawulu ashumayela ngayo?

4 Sifunda okuningi ngokuphawula izihloko uPawulu axoxa ngazo lapho eboshwe okokuqala eRoma. UmBhalo usitshela ukuthi lapho amaJuda amaningana emvakashele, uPawulu ‘wanikeza ubufakazi obuphelele (1) ngombuso kaNkulunkulu futhi wasebenzisa ikhono lokukholisa kuwo (2) ngoJesu.’ Waba yini umphumela? “Abanye baqala ukuzikholwa izinto ezazishiwo; abanye babengakholwa.” Ngemva kwalokho, uPawulu “wayebamukela ngomusa bonke ababengena beze kuye, eshumayela kubo (1) umbuso kaNkulunkulu futhi efundisa izinto (2) ngeNkosi uJesu Kristu.” (IzE. 28:17, 23-31) Kusobala ukuthi uPawulu waqokomisa uMbuso kaNkulunkulu. Kodwa yini enye ayigcizelela? Into eyinhloko eMbusweni—indima kaJesu enjongweni kaNkulunkulu.

5. Isiphi isidingo sangempela uPawulu akhuluma ngaso encwadini yamaRoma?

5 Bonke abantu kudingeka bazi ngoJesu futhi babe nokholo kuye. Encwadini ayibhalela abaseRoma, uPawulu wakhuluma ngalesi sidingo. Ekuqaleni, wabhala ‘ngoNkulunkulu, anikela kuye inkonzo engcwele ngomoya wakhe mayelana nezindaba ezinhle eziphathelene neNdodana yakhe.’ Wanezela: “Anginamahloni ngezindaba ezinhle; eqinisweni, zingamandla kaNkulunkulu ensindiso kuwo wonke umuntu onokholo.” Kamuva wakhuluma ngesikhathi ‘lapho uNkulunkulu ngoKristu Jesu eyokwahlulela khona izinto ezisithekile zesintu, ngokwezindaba ezinhle azimemezelayo.’ Walandisa: “Ukusuka eJerusalema ujikeleze kuze kufike e-Iliriku ngizishumayele ngokuphelele izindaba ezinhle ngoKristu.”a (Roma 1:9, 16; 2:16; 15:19) Ucabanga ukuthi kungani uPawulu agcizelela uJesu Kristu kumaRoma?

6, 7. Singathi laqala kanjani ibandla laseRoma, futhi lalakhiwa obani?

6 Asazi ukuthi ibandla laseRoma laqala kanjani. Ingabe amaJuda noma amaproselithe ayekhona emkhosini wePhentekoste lika-33 C.E. abuyela eRoma esengamaKristu? (IzE. 2:10) Noma kungenzeka yini ukuthi iqiniso eRoma lasakazwa abathengisi nabahambi bamazwe abangamaKristu? Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, ngesikhathi uPawulu ebhala le ncwadi, cishe ngo-56 C.E., leli bandla lase linesikhathi eside likhona. (Roma 1:8) Lalakhiwa abantu abanjani lelo bandla?

7 Abanye babenesizinda sobuJuda. Lapho uPawulu ekhonza ku-Anidroniku noJuniya wababiza ngokuthi “izihlobo zami,” cishe okusho ukuthi babeyizihlobo ezingamaJuda akubo. Umenzi wamatende u-Akhwila nomkakhe uPrisila ababeseRoma nabo babengamaJuda. (Roma 4:1; 9:3, 4; 16:3, 7; IzE. 18:2) Kodwa abafowethu nodadewethu abaningi uPawulu abathumelela imikhonzo cishe babengabeZizwe. Kungenzeka ukuthi abanye ‘babengabendlu kaKhesari,’ mhlawumbe okusho ukuthi babeyizigqila zikaKhesari nezinceku ezinezikhundla eziphansi.—Fil. 4:22; Roma 1:6; 11:13.

8. Isiphi isimo esibucayi abaseRoma ababhekana naso?

8 Wonke amaKristu aseRoma ayebhekene nesimo esibucayi nathi sonke esibhekene naso. UPawulu wasichaza ngale ndlela: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Kuyacaca ukuthi bonke uPawulu ababhalela kwakudingeka baqaphele ukuthi babeyizoni nokuthi kudingeka babe nokholo elungiselelweni likaNkulunkulu lokuhlangabezana naleso sidingo.

Kudingeka Bavume Ukuthi Banesono

9. UPawulu wakhuluma ngamuphi umphumela ongase ulethwe izindaba ezinhle?

9 Esahlukweni sokuqala sencwadi yabaseRoma, uPawulu wakhuluma ngomphumela omangalisayo ongase ulethwe izindaba ezinhle ayelokhu ekhuluma ngazo: “Anginamahloni ngezindaba ezinhle; eqinisweni, zingamandla kaNkulunkulu ensindiso kuwo wonke umuntu onokholo, kumJuda kuqala nakumGreki futhi.” Yebo, insindiso yayingatholakala. Nokho, kwakudingeka ukholo ngokuvumelana neqiniso elijulile alicaphuna kuHabakuki 2:4: “Olungileyo, uyophila ngokholo.” (Rom. 1:16, 17; Gal. 3:11; Heb. 10:38) Kodwa izindaba ezinhle ezingaholela ensindisweni zihlobene kanjani neqiniso lokuthi “bonke bonile”?

10, 11. Kungani umqondo oshiwo kumaRoma 3:23 ujwayelekile kwabanye kodwa ungajwayelekile kwabanye?

10 Ngaphambi kokuba umuntu abe nokholo olusindisa ukuphila, kumelwe avume ukuthi uyisoni. Umqondo wokuba isoni ujwayelekile kubantu abakhule bekholelwa kuNkulunkulu nabajwayelene neBhayibheli ngezinga elithile. (Funda umShumayeli 7:20.) Kungakhathaliseki ukuthi bayavuma noma bayakungabaza, okungenani banawo umqondo walokho uPawulu ayekusho lapho ethi: “Bonke bonile.” (Roma 3:23) Noma kunjalo, lapho sisenkonzweni yasensimini, singase sihlangane nabantu abaningi abangayiqondi le nkulumo.

11 Kwamanye amazwe, umuntu ovamile akakhuli enomcabango wokuthi wazalwa eyisoni, ukuthi unesono asizuza ngofuzo. Kuyavunywa, kungenzeka uyaqaphela ukuthi wenza amaphutha nokuthi unezici ezithile ezingathandeki futhi mhlawumbe wenze izinto ezithile ezimbi. Uyaqaphela nanokuthi nabanye babhekene nesimo esifanayo. Noma kunjalo, ngenxa yesizinda sakhe akaqondi ngempela ukuthi kungani yena nabanye benjalo. Eqinisweni, kwezinye izilimi, uma uthi umuntu unesono, abanye bangase bacabange ukuthi usho ukuthi uyisephulamthetho noma okungenani ukuthi ungumuntu oye weqa iziqondiso ezithile. Kusobala ukuthi umuntu okhulele endaweni enjalo angase angasheshi ukuzicabanga eyisoni ngomqondo walokho uPawulu ayekusho.

12. Kungani abaningi bengakholelwa ukuthi bonke abantu bayizoni?

12 Ngisho nasemazweni eLobukholwa, abaningi abawukholelwa umqondo wokuba izoni. Kungani? Ngisho noma beya esontweni ngezinye izikhathi, babheka ukulandisa kweBhayibheli ngo-Adamu no-Eva njengensumansumane noma inganekwane nje. Abanye bakhulela endaweni enabantu abamphikayo uNkulunkulu. Bayakungabaza ukuthi uNkulunkulu ukhona, futhi ngenxa yalokho abaqondi ukuthi uMuntu Ophakeme Kakhulu wabekela abantu izindinganiso zokuziphatha nokuthi ukwehluleka ukunamathela kulezo zindinganiso kuyisono. Ngandlela-thile, bafana nabantu bekhulu lokuqala uPawulu abachaza ngokuthi ‘abanathemba’ futhi ‘abanaNkulunkulu ezweni.’—Efe. 2:12.

13, 14. (a) Isiphi isizathu esenza labo abantu abangakholelwa kuNkulunkulu nasesonweni bangabi nazaba? (b) Ukungakholelwa kuye kwabaholelaphi abaningi?

13 Encwadini ayibhalela abaseRoma, uPawulu waveza izizathu ezimbili zokuthi kungani isizinda esinjalo sasingenakuba izaba—ngaleso sikhathi nanamuhla. Esokuqala ukuthi indalo ngokwayo ifakazela ukuba khona koMdali. (Funda amaRoma 1:19, 20.) Lokhu kuvumelana neqiniso elaphawulwa uPawulu lapho ebhalela amaHebheru eseRoma: “Yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.” (Heb. 3:4) Leso sizathu sibonisa ukuthi kunoMdali owakha noma owenza indawo yonke.

14 Ngakho, uPawulu wayenesizathu esiqinile lapho ebhalela amaRoma ukuthi noma ubani—kuhlanganise nama-Israyeli asendulo—owayekhulekela izithombe ezingaphili ‘wayengenazaba.’ Kungashiwo okufanayo nangalabo abazinikela emikhubeni yokuziphatha okubi ngokobulili ephambene nendlela engokwemvelo okusetshenziswa ngayo imizimba yabesilisa nabesifazane. (Roma 1:22-27) Ebhekisele kulezo zizathu, uPawulu waphetha kufanele ngokuthi “amaJuda kanye namaGreki bonke bangaphansi kwesono.”—Roma 3:9.

‘Ufakazi’

15. Obani abanonembeza, futhi lokhu kunamuphi umphumela?

15 Incwadi yamaRoma inikeza esinye isizathu sokuthi kungani kufanele abantu baqaphele ukuthi bayizoni futhi badinga indlela yokuphuma kuleso simo esibucayi. Mayelana nesimiso semithetho uNkulunkulu asinika u-Israyeli wasendulo, uPawulu wabhala: “Bonke labo abona bengaphansi komthetho bayokwahlulelwa ngomthetho.” (Roma 2:12) Enaba, uveza ukuthi abantu bezizwe noma amaqembu ezizwe abangajwayelene naleso simiso semithetho esanikezwa uNkulunkulu bavame ‘ukwenza ngokwemvelo izinto zomthetho.’ Kungani abantu abanjalo ngokuvamile benqabela ukulalana kwezihlobo, ukubulala nokweba? UPawulu wanikeza isizathu: Banonembeza.—Funda amaRoma 2:14, 15.

16. Kungani ukuba komuntu nonembeza kungasho ukuthi uyasigwema isono?

16 Noma kunjalo, cishe ubonile ukuthi ukuba nonembeza osebenza njengofakazi ongaphakathi akusho ukuthi umuntu uyolandela isiqondiso sawo. Ama-Israyeli asendulo ayisibonelo salokhu. Nakuba ayenonembeza awunikwe uNkulunkulu nemithetho eqondile evela kuye ngokuphathelene nokweba nokuphinga, ngokuvamile ayenza ngokuphambene nonembeza wawo noMthetho kaJehova. (Roma 2:21-23) Ayenecala ngokuphindiwe futhi ngokuqinisekile ayeyizoni, esilela ezindinganisweni zikaNkulunkulu nasentandweni yakhe. Lokhu kwabonakalisa ngempela ubuhlobo bawo noMenzi wawo.—Lev. 19:11; 20:10; Roma 3:20.

17. Isiphi isikhuthazo esisithola encwadini yamaRoma?

17 Lokho esesikucabangele encwadini yamaRoma kungase kubonakale kunikeza isithombe esibi ngesimo sabantu, kuhlanganise nesethu, phambi koMninimandla Onke. Nokho, uPawulu akagcinanga lapho. Ecaphuna amazwi kaDavide akumaHubo 32:1, 2, lo mphostoli wabhala: “Bayajabula abazenzo zabo zokungabi namthetho zixolelwe nabazono zabo zimboziwe; uyajabula umuntu osono sakhe uJehova angasoze asibala.” (Roma 4:7, 8) Yebo, uNkulunkulu wenze ilungiselelo elifanele elingokomthetho lokuxolela izono.

Izindaba Ezinhle Zigxile KuJesu

18, 19. (a) Iliphi iphuzu lezindaba ezinhle uPawulu agxila kulo kumaRoma? (b) Yini okumelwe siyiqaphele ukuze sithole izibusiso zoMbuso?

18 Ungase uthi, “Yizindaba ezinhle ngempela lezo!” Ziyizo isibili, futhi lokhu kusibuyisela ephuzwini eliqukethwe izindaba ezinhle elaqokonyiswa uPawulu encwadini yamaRoma. Njengoba sekushiwo, uPawulu wabhala: “Anginamahloni ngezindaba ezinhle; eqinisweni, zingamandla kaNkulunkulu ensindiso.”—Roma 1:15, 16.

19 Lezo zindaba ezinhle zigxile endimeni kaJesu ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu. UPawulu wayengabheka phambili osukwini ‘lapho uNkulunkulu ngoKristu Jesu ayokwahlulela khona izinto ezisithekile zesintu, ngokwezindaba ezinhle.’ (Roma 2:16) Ngokusho lokhu, wayengalulazi ‘umbuso kaKristu nokaNkulunkulu’ noma lokho uNkulunkulu ayokwenza ngoMbuso. (Efe. 5:5) Kodwa wayebonisa ukuthi ukuze siphile futhi sijabulele izibusiso ezizotholakala lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu, kumelwe siqaphele (1) isimo sethu njengezoni phambi kukaNkulunkulu (2) nokuthi kungani kudingeka sibonise ukholo kuJesu Kristu ukuze sithethelelwe izono zethu. Lapho umuntu eqonda futhi amukela lezo zici zenjongo kaNkulunkulu futhi ebona ikusasa lokhu okumvulela lona, angababaza kufanele, “Yebo, yizindaba ezinhle ngempela lezi!”

20, 21. Enkonzweni yethu, kungani kufanele sikhumbule izindaba ezinhle ezigcizelelwa encwadini yamaRoma, futhi kungase kube namuphi umphumela?

20 Kufanele nakanjani silikhumbule leli phuzu eliqukethwe izindaba ezinhle lapho sisenkonzweni yethu yobuKristu. Ebhekisele kuJesu, uPawulu wacaphuna amazwi ka-Isaya: “Akekho oba nokholo [kuye] oyodumazeka.” (Roma 10:11; Isaya 28:16) Isigijimi esiyisisekelo ngoJesu singase singabi into entsha kulabo abajwayelene nalokho okushiwo iBhayibheli ngesono. Nokho, kwabanye lesi sigijimi siyoba yinto abayeshwamayo, into engaziwa noma iningi elingakholelwa kuyo emiphakathini yakubo. Njengoba abanjalo beqala ukukholelwa kuNkulunkulu nokwethemba imiBhalo, kuyodingeka sibachazele indima kaJesu. Isihloko esilandelayo sizodingida indlela incwadi yamaRoma isahluko 5 elithuthukisa ngayo leli phuzu lezindaba ezinhle. Cishe uyothola leso sihloko siwusizo enkonzweni yakho.

21 Yeka ukuthi kuzuzisa kanjani ukusiza abanhliziyo ziqotho baqonde izindaba ezinhle okukhulunywe ngazo kaningi encwadini yamaRoma, izindaba ezinhle “eqinisweni, [ezingamandla] kaNkulunkulu ensindiso kuwo wonke umuntu onokholo.” (Roma 1:16) Ngaphezu kokuvuzwa ngale ndlela, siyobona abanye bevumelana namazwi uPawulu awacaphunile akumaRoma 10:15: “Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani izinyawo zalabo abamemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle!”—Isaya 52:7.

[Umbhalo waphansi]

a Izinkulumo ezifanayo ziyavela nakwezinye izincwadi eziphefumulelwe.—Marku 1:1; IzE. 5:42; 1 Kor. 9:12; Fil. 1:27.

Ingabe Uyakhumbula?

• Incwadi yamaRoma iqokomisa liphi iphuzu eliqukethwe izindaba ezinhle?

• Iliphi iqiniso okudingeka sisize abanye baliqonde?

• “Izindaba ezinhle ngoKristu” zingaba kanjani isibusiso kithi nakwabanye?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

Izindaba ezinhle eziqokonyiswa encwadini yamaRoma zihilela indima kaJesu ebalulekile enjongweni kaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 9]

Sonke sazalwa sinesici esibulalayo—isono!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela