Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • od kk. 179-184
  • Isithasiselo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isithasiselo
  • Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubhapathizo Nobuhlobo Bakho NoNkulunkulu
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Ingxoxo Yokuphetha Nabazobhapathizwa
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Ukubhapathizwa​—Umgomo Omuhle!
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ingabe Intsha Kufanele Ibhapathizwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
od kk. 179-184

Isithasiselo

Umyalezo Oya Kubazali AbangamaKristu:

Njengomzali, ufisa ukusiza izingane zakho eziyigugu zithande uJehova futhi zizinikezele kuye. Yini ongayenza ukuze uzisize zilungele ubhapathizo? Kukuliphi iqophelo lapho ziyolungela khona lesi sinyathelo esibalulekile?

UJesu wayala abalandeli bakhe: “[Yenzani] abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize.” (Math. 28:19) Ngokwalo mBhalo, imfuneko eyisisekelo yokuba umuntu abhapathizwe iwukuba umfundi—umuntu ongagcini nje ngokuqonda nokukholwa izimfundiso zikaKristu kodwa futhi ozilandela ngokuseduze. Ngisho nezingane zingakwenza lokhu.

Zibekele isibonelo esihle izingane zakho futhi ugxilise izimfundiso zikaJehova kuzo. (Dut. 6:6-9) Lokhu kuhlanganisa ukusebenzisa ukwaziswa okusencwadini ethi Lingasifundisani IBhayibheli? nethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu” ukuze uzifundise amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo futhi uzicijele ukuba zikwazi ukucabanga nokuphila ngezimiso zeBhayibheli. Zisize zikwazi ukuchaza izinkolelo zazo ngamazwi azo. (1 Pet. 3:15) Ulwazi nesikhuthazo ezisithola kuwe nasesifundweni somuntu siqu, ekukhulekeleni komkhaya, emihlanganweni yebandla nakubangane abahle, konke kuyozisiza zithuthukele ekubhapathizweni futhi zingagcini lapho. Zibekele imigomo engokomoya.

IzAga 20:11 zithi: “Ngisho nangemikhuba yakhe umfana uzenza aqashelwe ukuthi umsebenzi wakhe uhlanzekile futhi uqotho yini.” Yiziphi izenzo ezingabonisa ukuthi ingane, umfana noma intombazane, isingumfundi kaJesu Kristu futhi isikulungele ukubhapathizwa?

Ingane ethuthukela ekubhapathizweni kufanele ilalele abazali bayo. (IzE. 5:29; Kol. 3:20) Ngokuqondene noJesu ngesikhathi eneminyaka engu-12, iBhayibheli lithi: “Waqhubeka ezithoba [kubazali bakhe].” (Luka 2:51) Kuyavunywa, awunakulindela ukuba ingane yakho iphelele. Kodwa ingane efuna ukubhapathizwa iyolwela ukulandela isibonelo sikaJesu, yaziwe ngokuthi iyabathobela abazali bayo.

Iyobonisa nokuthi iyathanda ukufunda amaqiniso eBhayibheli. (Luka 2:46) Ingabe ingane yakho iyafuna ukuya emihlanganweni ifike ihlanganyele? (IHu. 122:1) Inalo yini iphango lokufunda iBhayibheli njalo nelesifundo somuntu siqu?—Math. 4:4.

Ingane ethuthukela ekubhapathizweni ilwela ukubeka uMbuso kuqala. (Math. 6:33) Iyawuqaphela umthwalo wayo wokuxoxa nabanye ngokholo lwayo. Ihlanganyela ezicini ezihlukahlukene zenkonzo futhi ayinamahloni okwazisa othisha bayo nezingane efunda nazo ukuthi inguFakazi KaJehova. Izibheka njengezibaluleke kakhulu izabelo zayo eMhlanganweni Wokuphila Nenkonzo.

Iyozama nokugcina ukuziphatha kwayo kuhlanzekile ngokugwema abangane ababi. (IzAga 13:20; 1 Kor. 15:33) Lokhu kuyobonakala ekukhetheni ekwenzayo endabeni yomculo, amafilimu, izinhlelo zethelevishini, imidlalo yamavidiyo ne-Inthanethi.

Eziningi zisabelile emizamweni yenkuthalo yabazali bazo, zenza iqiniso laba elazo futhi zafanelekela ukubhapathizwa zisencane. Kwangathi uJehova angakubusisa njengoba usiza izingane zakho zifinyelele kuleli qophelo elibalulekile ebuhlotsheni bazo noJehova.

Umyalezo Oya Kummemezeli Ongabhapathiziwe:

Kuyilungelo ukukhonza nebandla njengommemezeli ongabhapathiziwe. Kumelwe unconywe ngentuthuko engokomoya osuyenzile. Usuyamazi uNkulunkulu ngoba uye watadisha iZwi lakhe futhi wabonisa ukholo ezithembisweni zakhe.—Joh. 17:3; Heb. 11:6.

Kungenzeka ukuthi ngaphambi kokufunda noFakazi BakaJehova, ubuzihlanganise ngandlela-thile nenkolo ethile, noma kungenzeka ubungasonti nhlobo. Mhlawumbe bewenza okuthile okungavumelani nezimiso zeBhayibheli. Kodwa manje usubonakalise ukholo lwakho ngokuphenduka, okusho ukuzisola okujulile ngobubi obubenza ngaphambili, nangokuguquka, okusho ukulahla inkambo yakho engalungile futhi wazimisela ukwenza okulungile phambi kukaNkulunkulu.—IzE. 3:19.

Ngakolunye uhlangothi, hleze “kusukela usewusana uye wazi imibhalo engcwele.” Ngaleyo ndlela uye wavikeleka ekuziphatheni okungekona okobuKristu nasekwenzeni ububi obukhulu. (2 Thim. 3:15) Uye wafunda ukulwa nokucindezela kontanga nezinye izilingo zokwenza okubi phambi kukaJehova. Uye wabonakalisa ukholo ngokusekela ukukhulekela kweqiniso nangokuxoxa nabanye ngezinkolelo zakho. Uye waqeqeshwa enkonzweni yobuKristu. Manje usuzenzele isinqumo sokukhonza uJehova njengommemezeli ongabhapathiziwe.

Kungakhathaliseki ukuthi uye wafunda ngoJehova usumdala noma uye wafundiswa izindlela zakhe kusukela usewusana, kungenzeka ukuthi manje ucabangela izinyathelo ezimbili ezilandelayo entuthukweni yakho engokomoya—ukuzinikezela nobhapathizo. Uzinikezela kuJehova ngokuya kuye ngomthandazo, umazise ngesinqumo sakho sokuzinikela kuye kuphela kuze kube phakade. (Math. 16:24) Njengesibonakaliso salokho kuzinikezela, ube usubhapathizwa emanzini. (Math. 28:19, 20) Ngokuzinikezela nangokubhapathizwa, uba isikhonzi sikaJehova uNkulunkulu esimisiwe. Yeka ilungelo elihle!

Kodwa-ke njengoba ubonile ngenkathi utadisha iBhayibheli, kungenzeka ubhekane nezinselele ezihlukahlukene. Khumbula ukuthi kungakapheli sikhathi uJesu ebhapathiziwe, ‘umoya wamholela ehlane ukuba ayolingwa uDeveli.’ (Math. 4:1) Ngemva kokuba ubhapathiziwe njengomfundi kaKristu, lindela uvivinyo olwengeziwe. (Joh. 15:20) Luyokuza ngezindlela ezihlukahlukene. Ungase uphikiswe abakini. (Math. 10:36) Ungase uhlekwe izingane ofunda nazo, abantu osebenza nabo noma abangane bakho bangaphambili. Ngaso sonke isikhathi ubokhumbula amazwi kaJesu akuMarku 10:29, 30: “Ngiqinisile ngithi kini, akekho oshiyé indlu noma abafowabo noma odadewabo noma unina noma uyise noma abantwana noma amasimu ngenxa yami nangenxa yezindaba ezinhle ongeke athole ngokuphindwe ngekhulu manje kule nkathi yesikhathi, izindlu nabafowabo nodadewabo nonina nabantwana namasimu, kanye nokushushiswa, futhi esimisweni sezinto esizayo ukuphila okuphakade.” Ngakho qhubeka usebenza kanzima ukuze uhlale usondelene noJehova futhi uphile ngokuvumelana nezindinganiso zakhe zokulunga.

Lapho usufisa ukubhapathizwa, yazisa umxhumanisi wendikimba yabadala. Imibuzo elandela lo myalezo kuyosekelwa kuyo izingxoxo abadala abayoba nazo nawe ukuze bathole ukuthi uyakufanelekela yini ukubhapathizwa. Ungase uqale ukubukeza le mibuzo ngasese njengengxenye yesimiso sesifundo sakho sasikhathi sonke.

Lapho ulungiselela lezi zingxoxo, zinike isikhathi sokufunda nokucabangisisa ngemiBhalo ecashuniwe. Ungase uthande ukuzibhalela amaphuzu kule ncwadi noma kwenye indawo. Ungawasebenzisa lawo maphuzu futhi uyivule le ncwadi ngesikhathi uxoxa nabadala. Uma kunemibuzo ongayiqondi, zizwe ukhululekile ukucela usizo kulowo okufundelayo noma kubadala.

Lapho uxoxa nabadala, ungabi nomuzwa wokuthi kudingeka unikeze izimpendulo ezinde noma eziyinkimbinkimbi. Impendulo elula neshaya emhloleni ngamazwi akho yinhle kakhulu. Kuyinzuzo nokuba lapho uphendula eminingi yale mibuzo, ubhekisele emBhalweni weBhayibheli owodwa noma emibili esekela impendulo yakho.

Uma ungakabi nolwazi olwanele lwezimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo, abadala bayohlela ukuba uthole usizo ukuze ukwazi ukuveza ngamazwi akho ukuthi uyiqonda ngendlela efanele imiBhalo nokuba ufanelekele ukubhapathizwa esikhathini esizayo.

[Okumelwe kuphawulwe abadala bebandla: Iziyalezo zokusingatha izingxoxo nabazobhapathizwa zisemakhasini 208-212.]

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela