Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 2/15 k. 29
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uyosinda Yini Lapho UNkulunkulu Ethatha Isinyathelo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • “Sitshele, Ziyokwenzeka Nini Lezi Zinto?”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • “Sitshele Ukuthi Lokhu Kuyakuba-Nini?”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Ukusinda Siphila Sidlule Osizini Olukhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 2/15 k. 29

Imibuzo Evela Kubafundi

“INqabayokulinda” ka-August 15, 1996, yathi: “Engxenyeni yokugcina yosizi, ‘inyama’ eyobe ibalekele ohlangothini lukaJehova iyosinda.” Ingabe lokhu kusikisela ukuthi ngemva kwengxenye yokuqala yosizi olukhulu, abantu abaningi abasha bayokuza ngasohlangothini lukaNkulunkulu?

Kwakungashiwo lokho.

Amazwi kaJesu atholakala kuMathewu 24:22 ayogcwaliseka ngokuyinhloko esikhathini esizayo ngokusindiswa engxenyeni yokuqala yosizi olukhulu oluzayo, ukuhlaselwa kwenkolo. Lesi sihloko sathi: “Khumbula ukuthi ‘inyama,’ kokubili eyensali egcotshiwe ‘neyesixuku esikhulu,’ iyobe seyasinda kakade lapho kubhujiswa iBabiloni Elikhulu ngokushesha nangokuphelele engxenyeni yokuqala yosizi.”

Abanjalo abakholekile ngeke babe sengozini lapho uJesu nebutho lakhe lasezulwini begadla engxenyeni yokugcina yosizi. Kodwa obani abayosinda kuleyo ngxenye yosizi? IsAmbulo 7:9, 14 sibonisa ukuthi kuyosinda isixuku esikhulu esinethemba lasemhlabeni. Kuthiwani ngamaKristu agcotshwe ngomoya? Esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 1990, saxoxa ngokuthi kungani singenakusho ngokuqiniseka ukuthi insali yabagcotshiwe iyoyiswa nini ezulwini. Ngakho lesi sihloko samuva (August 15, 1996) asizange sichaze, samane sathi: “Ngokufanayo engxenyeni yokugcina yosizi, ‘inyama’ eyobe ibalekele ohlangothini lukaJehova iyosinda.”

Ngokuphathelene nokuthi abathile abasha bangase bakwazi yini ukufunda iqiniso futhi beze ohlangothini lukaNkulunkulu ngemva kokuqala kosizi olukhulu, phawula amazwi kaJesu alotshwe kuMathewu 24:29-31. Ngemva kokugqashuka kosizi, kuyovela isibonakaliso seNdodana yomuntu. UJesu wathi zonke izizwe zomhlaba ziyozishaya futhi zilile. Akazange asho lutho ngabantu abasangulukiswa yilesi simo, baphenduke, babe ngasohlangothini lukaNkulunkulu, futhi babe abafundi beqiniso.

Ngokufanayo, emfanekisweni wezimvu nezimbuzi, iNdodana yomuntu iyabonakala futhi ihlukanisa abantu ngokwahlulela ngesisekelo salokho abakwenza noma abangazange bakwenze esikhathini esidlule. UJesu akazange asho lutho ngabantu osekuyisikhathi eside bebonisa izimfanelo ezinjengezezimbuzi kodwa abaguquka ngokungazelelwe babe njengezimvu. Uza ezokwahlulela ngokwalokho abantu asebezibonakalise beyikho kakade.—Mathewu 25:31-46.

Kodwa, nalapha, asikho isizathu sokuba sikhulume ngokuqiniseka ngaleli phuzu. Abantu bakaNkulunkulu, kokubili abagcotshiwe nabesixuku esikhulu, bayakwazi okumelwe bakwenze manje—ukushumayela nokwenza abafundi. (Mathewu 28:19, 20; Marku 13:10) Njengamanje isikhathi sokuba silalele lokhu kunxusa: “Njengoba sisebenza kanye naye, siyanincenga futhi ukuba ningawamukeli umusa ongafanelwe kaNkulunkulu bese nilahlekelwa injongo yawo. Ngoba yena uthi: ‘Ngesikhathi esamukelekayo ngakuzwa, nangosuku lwensindiso ngakusiza.’ Bhekani! Manje yiso isikhathi esamukeleka ngokukhethekile. Bhekani! Manje yilo usuku lwensindiso.”—2 Korinte 6:1, 2.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela