Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 2/15 kk. 16-21
  • “Sitshele Ukuthi Lokhu Kuyakuba-Nini?”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Sitshele Ukuthi Lokhu Kuyakuba-Nini?”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Usizi Nezenzakalo Zasemkhathini Wezulu
  • Yiluphi Usizi Olwaluyokwandulela Izenzakalo Zasemkhathini Wezulu?
  • Kuyokwenzekani?
  • ‘Siyakuba Yini Isibonakaliso Sokuba-Khona Kwakho?’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • “Sitshele, Ziyokwenzeka Nini Lezi Zinto?”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Uyosinda Yini Lapho UNkulunkulu Ethatha Isinyathelo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • “Lezizinto Kumelwe Zenzeke”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 2/15 kk. 16-21

“Sitshele Ukuthi Lokhu Kuyakuba-Nini?”

“Sengimemezela izinto ezintsha; zingakaqhamuki, ngiyanizwisa zona.”—ISAYA 42:9.

1, 2. (a) Yini abaphostoli bakaJesu abayibuza ngesikhathi esizayo? (b) Impendulo kaJesu ngesibonakaliso esiyinhlanganisela iye yagcwaliseka kanjani?

UKUFUNDISA kwaphezulu kuvela kuJehova uNkulunkulu, ‘omemezela ngaphambili okuyakuza.’ (Isaya 46:10) Njengoba isihloko esandulelayo siye sabonisa, abaphostoli babefuna ukufundisa okunjalo kuJesu, bembuza: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba-nini, nesibonakaliso siyakuba-yini, lapho sekuyakufezeka konke lokhu, na?”—Marku 13:4.

2 Ephendula, uJesu wachaza “isibonakaliso” esiyinhlanganisela esiqukethe ubufakazi obabuyobonisa ukuthi isimiso sobuJuda sase sizophela ngokushesha. Lokhu kwagcwaliseka ngokubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E. Kodwa isiprofetho sikaJesu sasiyoba nokugcwaliseka okukhulu eminyakeni eminingi esikhathini eside esizayo. Lapho nje “izikhathi [ezimisiwe, NW] zabezizwe” ziphela ngo-1914, kwakuyoba khona isibonakaliso esikhulu, esibonisa ukuthi ngokushesha isimiso samanje esibi sasiyophelela “osizini olukhulu.”a (Luka 21:24) Izigidi eziphilayo namuhla zingakufakazela ukuthi lesisibonakaliso siye sagcwaliseka ezimpini zezwe nezinye izenzakalo eziphawulekayo zalelikhulu lama-20. Lezi futhi ziphawula ukugcwaliseka okukhulu kwesiprofetho sikaJesu, njengoba lokhu kugcwaliseka kosuku lwanamuhla kufanekiselwa yilokho okwenzeka kusukela ngo-33 kuya ku-70 C.E.

3. Lapho ekhuluma ngesinye isibonakaliso, iziphi izenzakalo ezengeziwe uJesu azibikezela?

3 Ngemva kokuba uLuka ekhulume ngezikhathi ezimisiwe zabezizwe, ukulandisa okufanayo kuMathewu, uMarku, noLuka kuchaza ezinye izenzakalo eziwuchungechunge ezihlanganisa isibonakaliso ngaphandle ‘kwesibonakaliso esiyinhlanganisela sokuphela kwesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3) (Ekhasini 15, leliphuzu kulokhu kulandisa liphawulwe ngemigqa emibili.) UMathewu uthi: “Kepha masinyane emva kosizi lwalezozinsuku ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa. Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese-zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu. Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube-komunye.”—Mathewu 24:29-31.

Usizi Nezenzakalo Zasemkhathini Wezulu

4. Yimiphi imibuzo ephakamayo ephathelene nezenzakalo zasemkhathini wezulu uJesu akhuluma ngazo?

4 Kwakuyogcwaliseka nini lokho? Ukulandisa kwawo womathathu lamaVangeli kukhuluma ngalokho esingase sikubize ngokuthi izenzakalo zasemkhathini wezulu—ukufiphazwa kwelanga nenyanga nezinkanyezi eziwayo. UJesu wathi lokhu kwakuyolandela ‘usizi.’ Ingabe uJesu wayecabanga ngosizi olwafinyelela umvuthwandaba walo ngo-70 C.E., noma ingabe wayekhuluma ngosizi olukhulu olusengaphambili ezikhathini zethu zanamuhla?—Mathewu 24:29; Marku 13:24.

5. Yimuphi umbono owake waba khona ngokuphathelene nosizi olukhulu ezikhathini zanamuhla?

5 Selokhu kwaphela izikhathi zabezizwe ngo-1914, abantu bakaNkulunkulu bebenesithakazelo esijulile “osizini olukhulu.” (IsAmbulo 7:14) Eminyakeni eminingi babecabanga ukuthi usizi olukhulu losuku lwanamuhla lunengxenye yesiqalo ehambisana nesikhathi seMpi Yezwe I, bese kuba nesikhawu esithikamezayo, ekugcineni kube nengxenye ephethayo, ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ Uma lokho kwakunjalo, yini eyayizokwenzeka phakathi nalamashumi eminyaka aphakathi ‘esiphelo sesimiso sezinto’?—IsAmbulo 16:14; Mathewu 13:39; 24:3, NW; 28:20.

6. Yini okwakucatshangwa ukuthi igcwalisa isiprofetho sikaJesu ngezenzakalo zasemkhathini wezulu?

6 Nokho, kwakucatshangwa ukuthi phakathi nalesikhawu kwakuyobonakala isibonakaliso esiyinhlanganisela, kuhlanganise nomsebenzi wokushumayela owenziwa abantu bakaNkulunkulu abaqoqiwe. Futhi kwakubonakala sengathi izenzakalo zasemkhathini ezabikezelwa zazingase zilindelwe phakathi nalesikhawu ngemva kwengxenye eqalayo yango-1914-18. (Mathewu 24:29; Marku 13:24, 25; Luka 21:25) Ukunakekela kwagxiliswa ezintweni ezenzeka ngokoqobo emazulwini—iziphuphutheki, ama-rocket, imisebe eyingozi evela ezindaweni ezingaphandle komkhathi wethu, nokuhlala enyangeni.

7 .Yikuphi ukuqonda okuthuthukisiwe ngokuphathelene nosizi olukhulu okuye kwanikezwa?

7 Nokho, INqabayokulinda ka-July 15, 1970, yasihlolisisa kabusha isiprofetho sikaJesu, ikakhulukazi usizi olukhulu oluzayo. Yabonisa ukuthi uma kucatshangelwa lokho okwenzeka ekhulwini lokuqala, usizi losuku lwanamuhla lwalungenakuqala ngo-1914-18, bese kuba nesikhawu samashumi eminyaka, kamuva luphinde luqale. Lowomagazini waphetha: “‘Usizi olukhulu’ olungasayikuba-khona lusengaphambili, ngoba lusho ukubhujiswa kombuso wezwe wenkolo yamanga (kuhlanganise neLobukholwa) okuzolandelwa ‘ukulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ eHarmagedoni.”

8. Ngokuvumelana nombono othuthukisiwe wosizi losuku lwanamuhla, uMathewu 24:29 wachazwa kanjani?

8 Kodwa uMathewu 24:29 uthi lezizenzakalo zasemkhathini wezulu zenzeka “masinyane emva kosizi.” Kungenzeka kanjani lokho? INqabayokulinda ka-November 1, 1975, yasikisela ukuthi ‘lolusizi’ yilolo olwafinyelela umvuthwandaba emuva ngo-70 C.E. Kodwa kungashiwo ngamuphi umqondo ukuthi izenzakalo zasemkhathini wezulu zosuku lwethu zenzeka “masinyane” ngemva kwesenzakalo sango-70 C.E.? Kwakucatshangwa ukuthi ngombono kaNkulunkulu amakhulu eminyaka aphakathi ayeyoba mafushane. (Roma 16:20; 2 Petru 3:8) Nokho, ukuhlolwa kwalesisiprofetho ngokujulile, ikakhulukazi esikuMathewu 24:29-31, kuveza incazelo ehluke kakhulu. Lokhu kubonisa indlela ukukhanya okukhanya ngayo “ngokwengeziwe kuze kuse.” (IzAga 4:18, American Standard Version)b Ake sicabangele ukuthi kungani incazelo entsha, noma eguquliwe, ifaneleka.

9. ImiBhalo yesiHeberu isisiza kanjani ukuba siqonde amazwi kaJesu aphathelene nezenzakalo zasezulwini?

9 Kubaphostoli bakhe abane, uJesu wanikeza isiprofetho esiphathelene ‘nokufiphazwa kwelanga, inyanga engakhanyi, nezinkanyezi eziwayo.’ NjengamaJuda, babeyokukhumbula ukusetshenziswa kolimi olunjalo emiBhalweni YesiHeberu, lapho, ngokwesibonelo kuZefaniya 1:15, isikhathi sikaNkulunkulu sokwahlulela sibizwa khona ngokuthi “usuku lwencithakalo nolokuyize, usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu.” Abaprofethi abahlukahlukene abangamaHeberu nabo bachaza ilanga njengelifiphazwayo, inyanga ingakhanyi, nezinkanyezi zingakukhiphi ukukhanya. Uyothola ulimi olunjalo ezigijimini zaphezulu ngokumelene neBabiloni, i-Edomi, iGibithe, nombuso wasenyakatho wakwa-Israyeli.—Isaya 13:9, 10; 34:4, 5; Jeremiya 4:28; Hezekeli 32:2, 6-8; Amose 5:20; 8:2, 9.

10, 11. (a) Yini eyaprofethwa uJoweli ngezinto zasezulwini? (b) Yiziphi izici zesiprofetho sikaJoweli ezagcwaliseka ngo-33 C.E., futhi yiziphi ezingazange zigcwaliseke?

10 Lapho bezwa lokho uJesu akusho, uPetru nabanye abaphostoli abathathu cishe bakhumbula isiprofetho sikaJoweli esitholakala kuJoweli 2:28-31 no-3:15: “[Ngiyakuthulula] uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, . . . Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, nomlilo, nezinsika zomusi. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe-yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.” “Ilanga nenyanga kuba-mnyama, izinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.”

11 Njengoba kulandiswe kuzEnzo 2:1-4 no-14-21, ngePentekoste lika-33 C.E., uNkulunkulu wathululela umoya ongcwele kubafundi abangu-120, kokubili abesilisa nabesifazane. Umphostoli uPetru wakhanyisa ukuthi lokhu kwakuyilokho uJoweli ayekubikezele. Nokho, kuthiwani ngamazwi kaJoweli akhuluma ‘ngelanga eliphenduka ubumnyama nenyanga eba-yigazi nezinkanyezi ezisusa ukukhanya kwazo’? Akukho okubonisa ukuthi lokhu kwagcwaliseka ngo-33 C.E. noma phakathi nenkathi yeminyaka engaphezu kwengu-30 yesiphelo sesimiso sezinto sobuJuda.

12, 13. Izenzakalo zasemkhathini wezulu ezabikezelwa uJoweli zagcwaliseka kanjani?

12 Ngokusobala leyongxenye yokugcina yesibikezelo sikaJoweli yayihlobene eduze ‘nokufika kosuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova’—ukubhujiswa kweJerusalema. INqabayokulinda ka-July 1, 1967, ngokuphathelene nosizi olwehlela iJerusalema ngo-70 C.E. yathi: “Lolo ngempela ‘kwakuwusuku lukaJehova’ uma kubhekiselwa eJerusalema nabantwana balo. Futhi ngokuqondene nalolosuku ‘kwakunegazi eliningi nomlilo nomusi othunqayo,’ ilanga lingasikhanyisi isigayegaye somuzi emini, nenyanga isikhumbuza igazi elichithiwe, kungekhona ukukhanya kwenyanga okunokuthula nokucwathile ebusuku.”c

13 Yebo, njengoba kwakunjalo nangezinye iziprofetho esiziphawulile, izenzakalo zasemkhathini wezulu ezabikezelwa uJoweli zazizogcwaliseka lapho uJehova ekhipha isahlulelo. Kunokuba kuqhubekele kuyo yonke inkathi yokuphela kwesimiso sobuJuda, ukufiphala kwelanga, inyanga, nezinkanyezi kwenzeka lapho amabutho esahlulelo ehlasela iJerusalema. Ngokunengqondo, singalindela ukugcwaliseka okukhulu kwaleyongxenye yesiprofetho sikaJoweli lapho uNkulunkulu eqala ukukhipha isahlulelo kulesisimiso sezinto samanje.

Yiluphi Usizi Olwaluyokwandulela Izenzakalo Zasemkhathini Wezulu?

14, 15. Isiprofetho sikaJoweli sinamuphi umphumela ekuqondeni kwethu uMathewu 24:29?

14 Ukugcwaliseka kwesiprofetho sikaJoweli (ngokuvumelana nezinye iziprofetho ezisebenzisa ulimi olufanayo) kusisiza ukuba siqonde amazwi kaMathewu 24:29. Ngokusobala, lokho uJesu akusho ‘ngokufiphazwa kwelanga, ukungakhanyi kwenyanga, nokuwa kwezinkanyezi’ akubhekiseli ezintweni ezenzeka emashumini amaningi eminyaka yesiphelo sesimiso samanje, njengokutshuza kwama-rocket emkhathini, ukuhlala enyangeni, nokunye okunjalo. Cha, wabhekisela ezintweni ezihlobene ‘nosuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova,’ imbubhiso esazofika.

15 Lokhu kusisiza ukuba siyiqonde kangcono indlela lezizenzakalo zasemkhathini wezulu ezaziyokwenzeka ngayo “masinyane emva kosizi.” UJesu wayengabhekiseli osizini olwafinyelela umvuthwandaba ngo-70 C.E. Kunalokho, wayebhekisela ekuqaleni kosizi olukhulu olwaluyofikela isimiso sezwe esikhathini esizayo, okwakuyoletha ‘ukuba-khona’ kwakhe okuthenjisiwe emvuthwandaba wakho. (Mathewu 24:3) Lolosizi luseza.

16. Yiluphi usizi uMarku 13:24 ayebhekisela kulo, futhi kungani kunjalo?

16 Kuthiwani ngamazwi kaMarku 13:24: “Ngalezozinsuku emva kwalolosizi ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya”? Lapha, womabili amagama elithi “lezo” nelithi “lolo” awukuhunyushwa komqondo wegama lesiGreki elithi e·keiʹnos, isabizwana sokukhomba esibonisa into ethile esikhathini esikude. Elithi e·keiʹnos lingasetshenziswa ukubonisa into ethile eyadlula kudala (noma eyashiwo esikhathini esidlule) noma into esazokwenzeka esikhathini esikude esizayo. (Mathewu 3:1; 7:22; 10:19; 24:38; Marku 13:11, 17, 32; 14:25; Luka 10:12; 2 Thesalonika 1:10) Ngakho, uMarku 13:24 ubhekisela ‘kulolosizi,’ hhayi usizi olwabangelwa amaRoma, kodwa esenzweni sikaJehova samandla ekupheleni kwesimiso samanje.

17, 18. IsAmbulo sinikeza kuphi ukukhanyiselwa ngokuphathelene nendlela usizi olukhulu oluyoqala ngayo?

17 Izahluko 17 kuya ku-19 zesAmbulo ziyavumelana nakho futhi ziyakucacisa lokhu kuqondwa okuthuthukisiwe kukaMathewu 24:29-31, Marku 13:24-27, noLuka 21:25-28. Ngayiphi indlela? LamaVangeli abonisa ukuthi lolusizi ngeke luqale futhi luphele ngesikhathi esisodwa. Ngemva kokuqala kwalo, abanye besintu esingalaleli bayobe besaphila ukuze babone “isibonakaliso seNdodana yomuntu” futhi basabele—bakhale, futhi njengoba kuphawulwe kuLuka 21:26, “baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba.” Lokho kwesaba okuqeda amandla kuyobangelwa ukubona kwabo “isibonakaliso” esisho ukubhujiswa kwabo okusondelayo.

18 Ukulandisa kwesAmbulo kubonisa ukuthi usizi olukhulu lwesikhathi esizayo luyoqala lapho “izimpondo” ezihlomile ‘zesilo’ samazwe ngamazwe ziphendukela “isifebe esikhulu,” iBabiloni Elikhulu.d (IsAmbulo 17:1, 10-16) Kodwa abantu abaningi bayosala, ngoba amakhosi, abathengisi, amatilosi, nabanye bakhalela ukuphela kwenkolo yamanga. Akungabazeki ukuthi abaningi bayoqaphela ukuthi sekuzolandela ukwahlulelwa kwabo.—IsAmbulo 18:9-19.

Kuyokwenzekani?

19. Yini esingayilindela lapho kuqala usizi olukhulu?

19 Izindima zamaVangeli kuMathewu, uMarku, noLuka ziyahlangana nesAmbulo izahluko 17-19 ukuze zisikhanyisele kakhudlwana ngalokho okuzokwenzeka masinyane. Ngesikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe, usizi olukhulu luzoqala ngokuhlaselwa kombuso wezwe wenkolo yamanga (iBabiloni Elikhulu). Lokhu kuhlaselwa kuyoqina ikakhulukazi ngokumelene neLobukholwa, elifana neJerusalema elingathembekile. “Masinyane emva” kwalenkathi yosizi, “kuyakuba-khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini nasemhlabeni usizi [olungakaze lube khona, NW] luyakwehlela izizwe.”—Mathewu 24:29; Luka 21:25.

20. Yisiphi isenzakalo sasemkhathini esisengasilindela?

20 Kungamuphi umqondo ‘ilanga liyofiphazwa, inyanga ingakhanyi, izinkanyenzi ziwe ezulwini, namandla ezulu azanyazanyiswe’? Ngokungangabazeki, engxenyeni yokuqala yosizi olukhulu, izinkanyiso eziningi—abefundisi abavelele bezenkolo—bayobe bedaluliwe futhi bebhujiswé “izimpondo eziyishumi” okukhulunywa ngazo kusAmbulo 17:16. Akungabazeki ukuthi nemibuso yezombangazwe iyobe izanyazanyisiwe. Zingaba khona yini nezenzakalo ezisabisayo emazulwini angokoqobo? Cishe ziyoba khona, futhi ezithusa kakhulu kunalezo ezichazwe uJosephus njengezenzeka ngasekupheleni kwesimiso sobuJuda. Siyazi ukuthi esikhathini esidlule sasendulo, uNkulunkulu wabonakalisa amandla akhe okubangela imiphumela enjalo eyinhlekelele, futhi angaphinde enze kanjalo.—Eksodusi 10:21-23; Joshuwa 10:12-14; AbAhluleli 5:20; Luka 23:44, 45.

21. “Isibonakaliso” sangesikhathi esizayo siyovela kanjani?

21 Kuleliqophelo bobathathu abalobi bamaVangeli basebenzisa elithi toʹte (khona-ke) ukuze bethule isenzakalo esilandelayo. “[Khona-ke, NW] kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu.” (Mathewu 24:30; Marku 13:26; Luka 21:27) Kusukela eMpini Yezwe I, abafundi bakaJesu beqiniso baye basiqonda isibonakaliso esiyinhlanganisela sokuba-khona kwakhe okungabonakali, kuyilapho abantu abaningi bengazange basiqaphele. Kodwa uMathewu 24:30 ukhomba phambili kwesinye “isibonakaliso” esiyovela esikhathini esizayo, “seNdodana yomuntu,” futhi zonke izizwe ziyophoqeleleka ukuba zisiqaphele. Lapho uJesu eza ngamafu angabonakali, abantu abaphikisayo emhlabeni wonke kuyomelwe bakuqaphele lokho ‘kuza’ (ngesiGreki, er·khoʹme·non) ngenxa yokubonakaliswa kwamandla akhe obukhosi okungaphezu kokwemvelo.—IsAmbulo 1:7.

22. Uyoba yini umphumela wokubona “isibonakaliso” sikaMathewu 24:30?

22 UMathewu 24:30 uphinde asebenzise elithi toʹte ukuze ethule okulandelayo. Khona-ke izizwe, ziqaphela umphumela wesimo sazo, ziyodazuluka futhi zikhale, mhlawumbe ziqaphela ukuthi ukubhujiswa kwazo kuseduze. Yeka ukuthi kuyoba okuhluke kanjani ngezinceku zikaNkulunkulu, ngoba siyokwazi ukuphakamisa amakhanda ethu, sazi ukuthi ukukhululwa kwethu kuseduze! (Luka 21:28) IsAmbulo 19:1-6 sibonisa nangokujabula kwabakhulekeli beqiniso ezulwini nasemhlabeni ngokupheliswa kwesifebe esikhulu.

23. (a) Yisiphi isinyathelo uJesu ayosithatha ngabakhethiweyo? (b) Yini engase ishiwo ngokuyiswa kwensali ezulwini?

23 Isiprofetho sikaJesu siqhubeka sithi, kuMarku 13:27: “[Khona-ke, NW (toʹte)] iyakuthuma izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube-semkhawulweni wezulu.” UJesu lapha ubhekisela ukunakekela ensalini ‘yabakhethiweyo’ abangu-144 000 abasaphila emhlabeni. Ekuqaleni kwesiphelo sesimiso sezinto, labafundi abagcotshiwe bakaJesu balethwa ebunyeni obungokwasezulwini. Nokho, ngokuvumelana nokulandelana kwezenzakalo okusetshenziswe lapha, uMarku 13:27 noMathewu 24:31 uchaza okuthile okuhlukile. “Ngokukhala okukhulu kwecilongo,” abaseleyo ‘babakhethiweyo’ bayoqoqwa emikhawulweni yomhlaba. Bayoqoqwa kanjani? Ngokungangabazeki, ‘bayophawulwa’ futhi bahlukaniswe ngokusobala uJehova njengengxenye ‘yababiziweyo nabakhethiweyo nabathembekileyo.’ Futhi ngesikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe, bayoqoqelwa ezulwini ukuze babe abapristi abangamakhosi.e Lokhu kuyoletha injabulo kubo nakubangane babo abathembekile, “isixuku esikhulu,” nabo abayophawulelwa ‘ukuphuma osizini olukhulu’ ukuze bajabulele izibusiso emhlabeni oyipharadesi.—Mathewu 24:22; IsAmbulo 7:3, 4, 9-17; 17:14; 20:6; Hezekeli 9:4, 6.

24. Yikuphi ukulandelana kwezenzakalo ezisazokwenzeka uMathewu 24:29-31 akwembulayo?

24 Lapho abaphostoli bethi, “Sitshele . . . ,” impendulo kaJesu yahlanganisa okungaphezu kwalokho ababengakuqonda. Nokho, phakathi nesikhathi sabo sokuphila bakujabulela ukubona ukugcwaliseka okuwumfuziselo kwesiprofetho sakhe. Ukuhlola kwethu impendulo kaJesu kuye kwagxila engxenyeni yesiprofetho sakhe ezogcwaliseka esikhathini esizayo esiseduze. (Mathewu 24:29-31; Marku 13:24-27; Luka 21:25-28) Kakade sesingabona ukuthi ukukhululwa kwethu kuseduze. Singabheka phambili ekuqaleni kosizi olukhulu, emva kwalokho kulandele isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese kuba ukuqoqa kukaNkulunkulu abakhethiweyo. Ekugcineni, njengoMahluleli kaJehova eHarmagedoni, iNkosi yethu eyiQhawe, uJesu obekwe esihlalweni sobukhosi, ‘uyophelelisa ukunqoba kwakhe.’ (IsAmbulo 6:2) Lolosuku lukaJehova, lapho eziphindiselela, luyofinyelela esiphelweni salesisimiso sezinto njengomvuthwandaba omkhulu oye waphawula usuku lweNkosi uJesu kusukela ngo-1914 kuqhubeke.

25. Singahlanganyela kanjani ekugcwalisekeni kukaLuka 21:28 okuzokwenzeka esikhathini esizayo?

25 Kwangathi ungaqhubeka uzizuzisa ngokufundisa kwaphezulu, ukuze usabele ekugcwalisekeni okusazokwenzeka esikhathini esizayo kwamazwi kaJesu: “Nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.” (Luka 21:28) Yeka ikusasa elihle elilindele abakhethiweyo nesixuku esikhulu njengoba uJehova eqhubeka nokungcwelisa igama lakhe elingcwele!

[Imibhalo yaphansi]

a OFakazi BakaJehova bayakujabulela ukunikeza ubufakazi balokhu, bebonisa indlela amaqiniso aphathekayo osuku lwethu agcwalisa ngayo isiprofetho seBhayibheli.

b Ukwaziswa okwengeziwe kuvela emakhasini 296-323 encwadi ethi God’s Kingdom of a Thousand Years Has Approached, eyakhishwa ngo-1973 yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., naku-Nqabayokulinda ka-March 1, 1983, amakhasi 14-19.

c UJosephus ubhala ngezenzakalo ezenzeka phakathi nokuhlaselwa kokuqala kweJerusalema amaRoma (66 C.E.) nokubhujiswa kwalo: “Phakathi nobusuku kwaqubuka isivunguvungu esibhubhisayo; kwagasela isiphepho, imvula yana ngamathantala, imibani yabaneka iphindelela, ukuqeqebula kwezulu kwakwethusa, umhlaba wazamazama ngomsindo ovimbanisa izindlebe. Inhlekelele eyayizokwehlela uhlanga lwesintu yafanekiselwa ngokucacile yilokhu kuwa kwaso sonke lesisimiso sezinto, futhi akekho owayengangabaza ukuthi lezizigameko zazibikezela inhlekelele engenakuqhathaniswa.”

d Lokho uJesu akhuluma ngakho ‘njengosizi olukhulu’ ‘nosizi’ ekugcwalisekeni kwakho kokuqala kwakuwukubhujiswa kwesimiso sobuJuda. Kodwa emavesini asebenza osukwini lwethu kuphela, wasebenzisa umunci ocacile u-“the” ethi usizi (“the tribulation”). (Mathewu 24:21, 29; Marku 13:19, 24) IsAmbulo 7:14 sabiza lesisenzakalo sesikhathi esizayo ngokuthi “usizi olukhulu,” ngokwezwi nezwi okusho ukuthi usizi olukhulu (“the tribulation the great”).

e Bheka esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” ku-Nqabayokulinda ka-August 15, 1990.

Uyakhumbula?

◻ Izici zikaJoweli 2:28-31 no-3:15 zagcwaliseka kanjani ekhulwini lokuqala?

◻ Yiluphi usizi olukhulu uMathewu 24:29 abhekisela kulo, futhi kungani siphetha kanjalo?

◻ Yiziphi izenzakalo zasemkhathini wezulu uMathewu 24:29 abhekisela kuzo, futhi lezi zingenzeka kanjani masinyane ngemva kosizi olukhulu?

◻ ULuka 21:26, 28 uzogcwaliseka kanjani esikhathini esizayo?

[Isithombe ekhasini 16, 17]

Indawo yethempeli

[Umthombo]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela