Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 2/15 kk. 30-31
  • Isidingo Semfundo YobuKristu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isidingo Semfundo YobuKristu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izihlokwana
  • Umfundisi Omkhulu Kunabo Bonke
  • Imfundo Nebandla LobuKristu
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 2/15 kk. 30-31

Isidingo Semfundo YobuKristu

EKHULWINI lokuqala C.E. abazali ngokuyinhloko babenomthwalo wemfanelo ngemfundo yezingane zabo, ikakhulukazi imfundo yazo yasebuntwaneni. (2 Thimothewu 1:5; 3:14, 15) Sifunda ukuthi uJesu wakhuliswa usingayise nonina eNazaretha futhi waqhubeka ekhula futhi eqina, egcwala ukuhlakanipha. Lapho eneminyaka engu-12 wamangaza abafundisi ethempelini ngokuqonda nangezimpendulo zakhe. (Luka 2:41, 46-52) Ababhali baqhubeka bengabafundisi abayinhloko basobala nabasezikoleni ezazimiswe emasinagogeni.

Umfundisi Omkhulu Kunabo Bonke

UJesu wayengumfundisi omkhulu kunabo bonke. Ngisho naphakathi kwabantu ababephila ngesikhathi sakhe wayaziwa njengomfundisi onethonya nodume ngokuyingqayizivele. Abafundi bakhe babevame ukumbiza ngokuthi “Rabi,” okusho ukuthi “Mfundisi.” (Marku 9:5) Ngezinye izikhathi abaphikisi bakhe babeze bavume ukuthi wayekhuluma kahle, ngesinye isikhathi izikhulu ezazithunywe abaFarisi ukuyombopha, lapho zibuzwa isizathu sokubuya zilambatha, zaphendula: “Akukaze kukhulume omunye umuntu kanje.”—Johane 7:46.

Okokuqala, njengoba asho, uJesu akazange akhulume okusuka kuye kodwa weza egameni likaYise futhi wakhuluma izinto ayezifunde kuye uYise. (Johane 5:19, 30, 43) Wayesondelene ngokuseduze noJehova uNkulunkulu, eyiNdodana yakhe ezelwe yodwa evela ezulwini, futhi ngenxa yalokho wayengumfundisi osezingeni eliphezulu kakhulu ngokuphathelene nezimfanelo, imisebenzi, nezinjongo zikaYise. (Mathewu 11:27) Wayengowesibili onemfanelo ebaluleke kakhulu yomfundisi omuhle ngoba wayebathanda labo ayebafundisa.—Johane 13:1, 34.

Bambalwa abafundisi abaye bathanda abafundi babo kangangokuthi bazimisele ukunikela ukuphila kwabo ngenxa yabo, njengoba kwenza uJesu. (Johane 15:13) Wayeziqonda izingqondo zezilaleli zakhe. (Johane 2:25) Wayenokuqonda okujulile. (Luka 6:8) Wayengenazo izithakazelo zobugovu lapho efundisa, ngoba wayengenasono futhi engenabuqili. (Heberu 7:26) Akazange afundise ngamazwi ababhali efilosofi kodwa wasebenzisa imifanekiso ehilela izinto zansuku zonke. Ngenxa yalesi sizathu izimfundiso zakhe zisaqondakala nanamuhla. Ukufundisa kwakhe kwakugcwele imifanekiso.

Imfundo Nebandla LobuKristu

Abafundi bakaJesu balandela ezinyathelweni zakhe emsebenzini wobuKristu wokufundisa futhi baba nempumelelo efana neyakhe. Abazange nje bashumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kuyo yonke indawo kodwa futhi bafundisa labo ababengalalela. (IzEnzo 2:42) NjengoJesu, babenesibindi futhi bakhuluma ngegunya.—IzEnzo 4:13, 19, 20; 5:29.

Umoya kaNkulunkulu wabanika amandla nobufakazi bokuthi ukufundisa kwabo kwakuvunyelwe ngokwaphezulu. Bafundisa ethempelini, emasinagogeni, nasendlini ngendlu. (IzEnzo 20:20) Babehlangana namaKristu akanye nabo ukuze bafundisane futhi bavuselelane othandweni nasemisebenzini emihle.—Heberu 10:24, 25.

Umphostoli uPawulu wachaza izikhundla nemisebenzi ehlukahlukene yasebandleni eyayenziwa amadoda avuthiwe, amanye awo engabafundisi. Wabonisa ukuthi injongo yayo yonke lemisebenzi kwakuwukufundisa, ukuze kuqeqeshwe abangcwele, emsebenzini wokukhonza, ukuze kwakhiwe umzimba kaKristu. (Efesu 4:11-16) Ibandla laliqhuba isimiso sasikhathi sonke sokufundisa ngeZwi likaNkulunkulu, njengoba kuvezwe kweyoku-1 Korinte isahluko 14.

Wonke amalungu ebandla lobuKristu, ngisho nabesifazane, kwakufanele abe abafundisi; kwakufanele enze abantu bezwe babe abafundi. (IzEnzo 18:26; Heberu 5:12) Kodwa ebandleni ngokwalo kwakumiswe amadoda avuthiwe, njengoThimothewu noThithu, ukuba engamele. (1 Thimothewu 2:12) Amadoda anjalo kwakumelwe abe akufanelekelayo ukufundisa ibandla nokulungisa izinto okungenzeka ukuthi ziye zaphuma endleleni. Kwakufanele aqaphelisise ukuze aqiniseke ukuthi ukufundisa kwawo kunembile futhi kunempilo.—2 Thimothewu 4:2, 3.

IBhayibheli alikhulumi kakhulu ngemfundo yezwe. Lixwayisa amaKristu ukuba angazihileli kumafilosofi abantu futhi angachithi isikhathi ecubungula imibuzo yobuwula nengenanzuzo. Likusola ngokuqinile ukucobelelana imibono nalabo abangakholelwa kuNkulunkulu naseZwini lakhe.—1 Thimothewu 6:20, 21; 1 Korinte 3:18-20.

AmaKristu ayekuqaphela ukuthi anesibopho phambi kukaNkulunkulu sokondla kahle imikhaya yawo. Ngokuvamile kwakudingeka uhlobo oluthile lwemfundo nokuqeqeshwa ukuze kuwahlomisele umsebenzi onjalo wezwe. (1 Thimothewu 5:8) Kodwa emlandweni wobuKristu bokuqala sithola ukuthi, ngokuyinhloko, ayenesithakazelo kunoma iyiphi indlela engokomthetho yokushumayela “izindaba ezinhle” nasemfundweni yeBhayibheli yabo neyabo bonke ababeyobezwa. (1 Korinte 9:16) Kunjengoba uProfesa E. J. Goodspeed esho, kwethi Christianity Goes to Press: “Kusukela esikhathini lapho amaKristu eqaphela ukuthi angasebenzisa izincwadi ekusakazeni ivangeli lawo emhlabeni wonke azisebenzisa ngokugcwele, enganyathelisi izincwadi ezintsha nje kuphela kodwa efuna nezindala ukuze azisakaze, futhi lombono wobuhlakani wokusakaza izincwadi awukaze uwadumaze. Kuyiphutha ukucabanga ukuthi waqala ngokusungulwa komsebenzi wokunyathelisa; wawuphawula isimo sengqondo samaKristu kusukela ngo-A.D. 70 kuqhubeke, owaya uba namandla njengoba lendlela yayithela izithelo eziningi. Ngisho nokungena ngokungemthetho kwamaqaba neNkathi Yobumnyama akukwazanga ukuwuqeda. Futhi konke kuwubufakazi bamandla amakhulu ayefundisa konke ukuphila kobuKristu bokuqala, engafundisi ngesenzo nangezwi kuphela kodwa nangazo zonke izindlela ezithuthukiswe kunazo zonke zokunyathelisa ukuze kuyiswe ivangeli kuso sonke isintu, liphelele futhi kungekho okugodliwe.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela