Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 9/1 k. 11
  • Iqiniso LeBhayibheli Likhulula Emimoyeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iqiniso LeBhayibheli Likhulula Emimoyeni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lithini IBhayibheli Ngokusebenzelana Nemimoya?
    I-Phaphama!—2017
  • Isizathu Sokuba Uqaphele Ukusebenzelana Nemimoya
    I-Phaphama!—2008
  • Kungani Sekuthandwa Kangaka Ukusebenzelana Nemimoya?
    I-Phaphama!—2000
  • Imimoya—UNkulunkulu Uyibheka Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 9/1 k. 11

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Iqiniso LeBhayibheli Likhulula Emimoyeni

UMBONO kaJehova ngemimoya wavezwa kahle kuIsrayeli ngalamazwi: “Ningenzi imilingo, ningahloli imihlola.” (Levitikusi 19:26) Kodwa umuntu ohileleke emilingweni nasemimoyeni angakhululeka kanjani emandleni amademoni? UJesu wathi: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” (Johane 8:32) Lokhu kwabonakala kuyiqiniso, njengoba kuboniswa okuhlangenwe nakho okulandelayo kukaFakazi eFrance.

“Lapho ngithuthela ekhaya lami elisha, ngangisanda kuzinza nje lapho kufika umakhelwane onobungane ecela ukungifundela izinkanyezi. Ngokushesha nganquma ukungabe ngisazihlanganisa naye, okwakungeyona into encane ngoba eqinisweni wayengumuntu onobungane kakhulu.

“NgoNovember 1980 ngagula, futhi wafika ezongisiza. Ngaqala ukwazisa inhliziyo yakhe enhle. Ngamzwela kakhulu lapho engazisa ukuthi wayevame ukuvuswa ubuhlungu obukhulu kungaphefumuleki. Khona-ke ngaqaphela ukuthi wayengajabulile njengoba ngangicabanga. Kodwa yayinganqotshwa kanjani lenkinga yemimoya? Nginomuzwa wokuthi angisenakuchitha-sikhathi, nganquma ukukhuluma naye ngeqiniso.

“Okokuqala saxoxa ngezinkinga ezingokwezimali ezithinta thina besifazane abangashadile. Khona-ke wathi: ‘Nginalo ikhambi. Ngithola imali ngokufunda amakhadi enhlanhla.’ Ngakho-ke ngakhipha iBhayibheli lami futhi ngambonisa indlela okuyingozi ngayo ukusebenzelana namandla emimoya emibi.

“Lokhu kwaqalisa ingxoxo engathi sína ngemimoya. Wachaza ukuthi konke akubikezela kwaphumelela. Ngazama ukumsiza acabange. Ngaqhubeka ngimbonisa amazwi kaMose akuDuteronomi 18:10, 11: ‘Makungafunyanwa kuwe umuntu . . . noma umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo . . . noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana.’ Njengoba ngase ngihamba, wathi: ‘Ngangikholelwa ukuthi ngilitholile ikhambi ezinkingeni zami.’ Yeka indlela lamazwi angikhuthaza ngayo, ngoba manje, ngemva nje kwengxoxo eyodwa, wayesekhuluma ngemimoya njengento yesikhathi esidlule! Lokhu kwangibonisa ukuthi ngaphakathi kuye wayelithole ngempela iphuzu.

“Enesifiso esinganeliseki sokudla okungokomoya, wayefunda iBhayibheli kuze kube ihora lesithathu noma lesine ekuseni. Ekuqaleni, sasifunda kabili ngesonto. Waba khona emihlanganweni futhi wathuthuka ngokushesha. Yebo, sayihlolisisa kakhulu indaba yemimoya, sisebenzisa iBhayibheli nezincwadi zeWatch Tower, futhi wenza isinqumo somuntu siqu sokushisa yonke into ayenayo ephathelene nemimoya.

“Lona wesifazane wakhuthazela futhi ngokushesha wayeseshumayela ‘izindaba ezinhle’ kwabanye. Ngezikhathi ezithile wayethola izingcingo ezivela kulabo ababengamakhasimende akhe, futhi ngemva kokuchaza ukuthi wayeseyiyekile imisebenzi yemimoya, wabamema ukuba bazozwa okuthile okuthakazelisa ngokwengeziwe. Wabhapathizwa futhi manje usengudadewethu.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela