Imimoya—UNkulunkulu Uyibheka Kanjani?
“UKUTHANDA nokuzonda izinto ezifanayo, yilokho okwenza ubungane obuqinile,” kusho isazi-mlando esingumRoma uSallust. Ngempela, umngane umuntu eninokuningi enifana ngakho, umuntu ongamethemba. Ngokufanayo, uNkulunkulu usibheka njengabangane futhi usivumela ukuba sisondele kuye uma sithanda futhi sizonda izinto ezifanayo naye. Lokhu kusho ukuthi sidonselwa ezimfanelweni zikaNkulunkulu ezinjengothando, ukuthula, ububele, nobuvi, nokuthi futhi senza imizamo eqotho yokulingisa lezici ekuphileni kwethu.—Galathiya 5:22, 23.
Khona-ke, ukuze sithole ukuthi imimoya ivunyelwe yini uNkulunkulu singaqala ngokuhlola izithelo zayo. (Mathewu 7:17, 18) Ingabe iyasisiza ekuthuthukiseni izimfanelo ezinhle zikaNkulunkulu? Ukuze sibone, ake sibheke izibonelo ezimbili zabantu abangokoqobo.
Ubungoma, Ukuhlupheka, Nokufa
UAsamaja Amelia, owesifazane waseSuriname oweve emashumini amane, wayeneminyaka eyi-17 lapho ehileleka okokuqala ebungomeni, uhlobo oluthile lwemimoya. Njengoba lokho ayekubikezela kwakugcwaliseka futhi nalabo ayebabhulela bezuza eselulekweni sakhe, wayethandwa kakhulu emphakathini wakubo. (Qhathanisa nezEnzo 16:16.) Kodwa kukhona okwakumkhathaza.
Uthi, “Imimoya eyayikhuluma ngami yayinobubele kulabo ababefuna usizo lwayo, kodwa ngesikhathi esifanayo yayenza ukuphila kwami kube usizi. Ngemva kokubhula ngakunye, ngangizizwa ngitubekile futhi kunzima ukunyakaza. Lapho kuhlwa, ngangithemba ukuthi ngizophumula, kodwa imimoya yayingangiyeki. Yayiqhubeka ingiphazamisa, ikhuluma nami futhi ingigcina ngiqwashile. Futhi izinto eyayizisho!” Uphefumulela phezulu bese ebheka phansi, enikina ikhanda ngokucasuka. “Yayithanda ukukhuluma ngobulili futhi iphikelela ngokufuna ukulala nami. Kwakwethusa. Ngangishadile. Ngangingafuni ukungethembeki futhi ngayitshela lokho. Akusizanga. Ngesinye isikhathi imimoya engabonakali yanginqoba, yathinta umzimba wami futhi yawucindezela, yangishaya ngisho nokungishaya. Ngazizwa ngidumazekile.”
“Imimoya ekhuthaza ukuziphatha okubi kobulili? Isimanga!” ungase usho. Ingabe leyomimoya ngempela ingcolé ngaleyondlela?
“Kubi ngisho nangokwedlulele!” kusho uIzaak, ophawulwe ekuqaleni. “Ngobunye ubusuku sabizwa ukuba sizosiza owesifazane owayegula ehlushwa umoya. Umholi weqembu—umlozi onamandla amakhulu—wazama ukuxosha umoya. Lonke usuku sanxusa usizo lomoya wakhe. Sasina futhi sashaya izigubhu, owesifazane welulama kancane kancane. Waxosha umoya wakhe, futhi lokhu kwasebenza. ‘Sanqoba,’ kusho umholi ngokujabula. Sase sihlala phansi siphumula.”
Izingalo zikaIzaak ezishukumayo zithi ukuphumula lapho ethula ngokuchazayo. Khona-ke uyaqhubeka: “Konke kwabonakala kuhamba kahle okwesikhashana, kodwa kwaba nokuklabalasa okwaphazamisa ukuthula. Saphuthuma endlini okwakuvela kuyo futhi sabona inkosikazi yomholi. Yayikhala ngokuhayiza. Endlini, sathola indodakazi yakhe encane—ikhanda layo libheke emuva! Amandla athile ayeyisontile ayiphula intamo, eyibulalisa okwenkukhu—ngokusobala, kwakuwukuziphindisela kwemimoya ekhishiwe. Kuyesabeka! Leyomimoya ingababulali abanonya.”
Imimoya “Nemisebenzi Yenyama”
Ukungcola, ukuziphatha okubi kobulili, kanye nokubulala—njengoba kwahlangabezwana nakho kulokhu okuhlangenwe nakho okubili nemimoya—kuyizici eziphikisana ngokuphelele nobuntu bukaNkulunkulu. Futhi lokho kusiza ukuba kwaziwe ukuthi leyomimoya ingobani ngempela. Ingase izibonakalise iyizithunywa zikaNkulunkulu, kodwa imisebenzi yayo yokuziphatha okubi neyokubulala iyibonakalisa ingabalingisi besitha sikaNkulunkulu nombulali wokuqala emlandweni, uSathane uDeveli. (Johane 8:44) Ungumholi wayo. Ingabasizi bakhe—izingelosi ezimbi, noma amademoni.—Luka 11:15-20.
Kodwa ungase ubuze: ‘Ingabe lezici zikaSathane zibonakala emimoyeni ngokwethukela kuphela? Ingabe imimoya njengesimiso ingangixhumanisa nemimoya emihle engangisiza ngisondele eduze noNkulunkulu?’ Cha, iBhayibheli libeka “imisebenzi yemimoya” kanye neminye “imisebenzi yenyama” ephikisana ngokuqondile nezimfanelo zobuKristu.—Galathiya 5:19-21, qhathanisa neNW.
KusAmbulo 21:8, qhathanisa neNW “labo abasebenzisa imimoya” (“labo abakhuluma namademoni,” The Living Bible) babekwa esigabeni esifanayo nalabo ‘abangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe . . . nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga.’ UJehova ubabheka kanjani abaqambi-manga bangamabomu, izifebe, ababulali, nabasebenzisa imimoya? Uyazizonda izenzo zabo!—IzAga 6:16-19.
Ngakho-ke, ukujwayelana nemimoya kufana nokuthanda lokho uJehova uNkulunkulu akuzondayo. Kufana nokushiya uJehova, ukuba sekamu likaSathane, nokuba ngasohlangothini lwesitha esikhulu sikaNkulunkulu nabasizi baso. Manje cabanga ngalokhu: Ubungathanda yini ukuba seduze nomuntu ongasohlangothini lwezitha zakho? Lutho neze. Kunalokho, ubuyoba kude nalowomuntu. Ngokusobala-ke, singalindela isinyathelo esifanayo kuJehova uNkulunkulu. IzAga 15:29 zithi, “uJehova ukude nababi.”—Bheka futhi iHubo 5:4.
Imimoya Iholela Ekufeni
Ukugxila emimoyeni kusongela futhi ukuphila. UNkulunkulu wakubheka njengesizathu sesijeziso esikhulu phakathi kwabantu bakhe kwaIsrayeli wasendulo. (Levitikusi 20:27; Duteronomi 18:9-12) Ngakho akumelwe kumangaze ukuthi labo abasebenzisa imimoya “abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.” (Galathiya 5:20, 21) Kunalokho, “isabelo sabo siyakuba-sechibini elivutha umlilo,” okusho “ukufa kwesibili,” noma ukubhujiswa kwaphakade. (IsAmbulo 21:8) Iqiniso, amanye amasonto eLobukholwa namuhla angase ayivumele imimoya, kodwa umbono weBhayibheli awukaguquki.
Kuthiwani uma usuye wazithatha kakade izinyathelo zokuqala emgwaqweni oya emimoyeni? Khona-ke uyobe wenza kahle ngokuma ngokushesha futhi uphindele emuva. Landela iseluleko esiphefumlelwe phezulu leso umprofethi kaNkulunkulu uIsaya asinika amaIsrayeli akudala. Isimo sawo sifuze esabantu namuhla abahlanganyela emikhubeni engcolile kodwa ngesikhathi esifanayo becabanga ukuthi bakhulekela uNkulunklu. Ngakho-ke, kunezifundo ezibalulekile kokuhlangenwe nakho kwabo. Yiziphi lezo zifundo?
Lalela Isixwayiso SikaIsaya
Ukuhlola isahluko sokuqala sikaIsaya kubonisa ukuthi amaIsrayeli ‘ayesemshiyile uJehova’ futhi ‘abuyela emuva.’ (Ivesi 4) Nakuba ayesenhlanhlathile, aqhubeka enikela imihlatshelo, egubha imikhosi yenkolo, futhi enza nemithandazo. Kodwa akusizanga! Njengoba ayentula isifiso sangaphakathi sokujabulisa uMdali wawo, uJehova wathi: “Ngiyakufihla kini amehlo ami; yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa.” LawomaIsrayeli ayemphendukele ngokwenza imisebenzi yokungcola, kuze kube ngisho nasephuzwini ‘lokungcolisa izandla zawo ngegazi.’—Amavesi 11-15.
Kungaphansi kwaziphi izimo lapho uJehova ayezowavumela ukuba abuye? Phawula izimfuneko ezilotshwe kuIsaya 1:16. Uthi: “Gezani, nihlanzeke.” Ngakho-ke uma lesoseluleko sisithatha ngokungathi sína, siyoyilahla noma siyishiye imikhuba engcolile, kuhlanganise nemimoya, okungeminye ‘yemisebenzi yenyama.’ Njengoba sazi ukuthi umqondo omubi oshukumisa imimoya yilowo kaSathane uDeveli, sizokhulisa inzondo ngayo.
Ngakho kumelwe sisuse yonke into ephathelene nemimoya. UIzaak wenza kanjalo. Uthi: “Ngolunye usuku ngaqoqela zonke izimpahla zami zemimoya phambi kwendlu yami, ngathatha imbazo, ngaziqoba zaba izicucu. Umakhelwane wami wamemeza ethi ngangiyozisola ngalokho engangikwenzile. Ngenkathi esamemeza, ngathela uphethiloli ezicucwini ngashisa yonke into. Akusalanga lutho.”
Lokho kwenzeka eminyakeni engama-28 edlule. Ingabe uIzaak wazisola ngesenzo sakhe? Kungokuphambene. Namuhla ukhonza uJehova ngenjabulo njengesikhonzi esingumKristu kwelinye lamabandla oFakazi BakaJehova.
UIsaya 1:17 unikeza leseluleko futhi: “Fundani ukwenza okuhle.” Lokho kudinga ukutadisha iZwi likaJehova, iBhayibheli, ukuze sithole ukuthi ikuphi “okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.” (Roma 12:2) Futhi ukusebenzisa lololwazi olusanda kutholwa kuyoholela ezibusisweni eziqabulayo. Yilokho uAsamaja akuthola.
Naphezu kokuphikiswa okunzima okuvela ezihlotsheni nakomakhelwane, uAsamaja watadisha ngesibindi iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi ngokushesha ngemva kwalokho wakhululeka emimoyeni. Khona-ke wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova uNkulunkulu futhi wabhapathizwa, phakathi nomhlangano. Manje, cishe eminyakeni eyi-12 kamuva, ngokubonga uthi: “Selokhu ngabhapathizwa, angizange ngikhathazwe yimimoya.” Futhi emoyizela uyakhumbula: “Ngobusuku bangemva kokubhapathizwa kwami, ubuthongo bami babujulile futhi bungaphazanyiswa kangangokuba ngephuza ukufika esimisweni somhlangano sosuku olulandelayo.”
Izinzuzo Ezihlala Njalo
Namuhla, bobabili uIzaak noAsamaja bangasho ngokusuka enhliziyweni kanye nomhubi uAsafa: “Kungilungele ukusondela kuNkulunkulu.” (IHubo 73:28) Ngempela, ukusondela kuJehova kubalethele izinzuzo ezingokwenyama nezingokwemizwelo. Kodwa ngaphezu kwakho konke, kuye kwabanika ukuthula kwangaphakathi nobuhlobo obuseduze noJehova.
Izibusiso ezinjalo zibudlula kude ubuhlungu nomzamo odingekayo ukuze uphume ejokeni lemimoya. Nokho, ukuphuma kulo kungase kube okuhlangenwe nakho okunzima. ULintina van Geenen, owesifazane waseSuriname, waba nokuhlanganwe nakho okunjalo. Ngokulandelayo, sizobona indlela alwa ngayo iminyaka eminingi kodwa ekugcineni waphumelela.
[Isithombe ekhasini 5]
UAsamaja Amelia uyalandisa: “Imimoya . . . yenza ukuphila kwami kwaba usizi. . . . Futhi izinto eyayizisho!”