Ukuphuma Ejokeni Lemimoya
USIZI lwahlasela umkhaya wakithi lapho ngiyintombazana eneminyaka eyi-14. Ngalesosikhathi, umbulali omubi waqala ukunciphisa izihlobo zami. Izisulu zakhe zokuqala kwakungabashana bami—bonke abayisishiyagalolunye. Wayesephendukela kumlamu wami. Ngemva kwalokho, wabulala omunye futhi wodadewethu. Abane futhi babafowethu nodadewethu balandela, kwaze kwasala mina nomama kuphela. Oh, yeka indlela engangithuke ngayo!
Phakathi neminyaka eyalandela, ngadla, ngasebenza, futhi ngalala ngesaba nsukuzonke. Ngazibuza: ‘Uzohlasela nini? Futhi ubani ozolandela—uMama noma yimi?’
Isizinda Sami
Ukuze ngikusize uqonde ukuthi yini eyenzeka kamuva, ake ngikutshele ngesizinda sami. Ngo-1917, ngazalwa njengelungu lesizwe samaParamaccaner Bush-Negroe esiqhingini esiseMfuleni iMaroni eSuriname. Okhokho bami babengamaden lowenengre, noma izigqila ezingababaleki ezabalekela ehlane ukuze zithole ukuphila okunzima kodwa okukhululekile. Nokho, eqinisweni kwakuwukuphila okukhululekile ekubeni yizigqila zabantu kodwa okwakungakhululekile edemonini.
Ukuphila kwansuku zonke edolobhaneni lakithi kwakubuswa ukukhulekelwa kwamademoni kanye nokokhokho. Ukuloya nokuletha ukugula kanye nokufa kwabanye, abanye abantu babesebenzisa iwisi, ubuthakathi, noma bathole usizo lwekoenoe (liphinyiselwa ngokuthi khu nu), umhluphi. Labahluphi kuthiwa bangabantu ababephathwa kabi ilungu lomkhaya. Ngemva kokufa kwabo, kucatshangelwa ukuthi babuyela emkhayeni bazoziphindiselelela. Nokho, eqinisweni laba bahluphi bangamademoni amabi aphoqelela abantu ukuba bawakhulekele.
Njengelungu le-Evangelical Brother Community, isonto lobuProtestani, ngafunda futhi okuthile ngoNkulunkulu. Nakuba ngangishiywe ebumnyameni ngendlela yokumkhulekela, amahlathi ayethola imvula eningi ayengizungezile anika ubufakazi obukhulu bokuthi unguMlungiseleli omuhle. Ngacabanga: ‘Ngifuna ukukhulekela uNkulunkulu omuhle hhayi umoya omubi obangela ukuhlupheka.’ Ngangazi ukuthi abahluphi bayakujabulela ukuhlupha izisulu zabo ezingabafuni zize zife.
Cabanga ngendlela engashaqeka ngayo lapho ngithola ukuthi yizitha zomkhaya wakithi ezazithumele ikoenoe kithi. Ngangineminyaka eyi-14 lapho iqalisa umsebenzi wayo wokubulala. Eminyakeni engamashumi amabili nesithupha kamuva, kwase kusele mina noMama kuphela.
Okuhlangenwe Nakho Kokuqala
UMama wayekuthanda ukusebenza. Ngolunye usuku, ehamba epulazini lakhe, washayeka phansi futhi wehluleka ukuvuka. Ikoenoe yayisikhethe uMama. Impilo yakhe yaba buthakathaka futhi wakhubazeka. Wadinga usizo—usizo lwami. Kodwa ngangisenkingeni ngoba ngangimthanda futhi ngesaba amademoni ayemphethe. Nokho, phakathi nokuhlasela kwekoenoe, uMama wakhala ezwa ubuhlungu kangangokuthi ngangingasenakukubekezelela futhi wacamela ethangeni lami ngimduduza. Khona-ke, wathula, kodwa ngezwa “izandla” zicindezela umzimba wami.
Lapho ngifuna ukubaleka, uMama waphinda wakhala. Ngakho-ke, ngenxa yakhe ngahlala ngabekezelela okuhlangenwe nakho kwami kokuqala okuhlasimulisayo nalombulali. Ngangineminyaka engama-40.
Ukuhlasela Okunamandla
UMama wafa. Ngemva kwezinsuku ezintathu, ngezwa izwi elinobungane lithi: “Lintina, Lintina, awungizwa yini? Ngiyakubiza.” Leso kwakuyisiqalo sokuhlupheka okukhulu kangangokuba ngafisa ukufa ngokushesha.
Ekuqaleni idemoni lalingihlupha kuphela lapho sengiyolala. Kwakuthi lapho kufika ubuthongo, izwi lingivuse, likhulume ngamathuna nokufa. Ukuqwasha kwangenza ngazizwa ngibuthakathaka, nakuba ngaqhubeka nginakekela izingane zami.
Kamuva idemoni laqinisa ukuhlasela kwalo. Izikhathi eziningi ngangizwa sengathi liyangiklinya. Nakuba ngangizama ukubaleka, ngangihluleka ngoba kwakuba sengathi okuthile okusindayo kwakungicindezela. Ngafuna ukumemeza kodwa izwi aliphumanga. Nalapha ngenqaba ukukhulekela umhlaseli wami.
Lapho ngilulama ngemva kokuhlasela ngakunye, ngangiqhubeka nokulima, ngitshala umdumbula nomoba futhi ngikuthengise emakethe edolobheni elincane elingasogwini. Kwaba lula ukuziphilisa, kodwa izinhlupheko zami ezinkulu zazingaphambili.
Ukufuna Ikhambi
Ngolunye usuku ngezwa izwi elibikezelayo ledemoni lithi, “Ngizokhukhumalisa isisu sakho njengebhola.” Ngemva kwesikhathi, kwaba nesigaxa esiswini sami esakhula kwaze kwaba sengathi ngikhulelwe. Ngithuke ngempela, ngazibuza: ‘Ingabe uNkulunkulu, uMdali, angangisiza ngixoshe ikoenoe? Ingabe angawuthumela umoya omuhle futhi onamandla uyixoshe?’ Ukuze ngithole ukwaziswa, ngaya kuyibonoeman, isangoma.
Isangoma sokuqala sanginika itapoes, noma okokuvimbela amademoni, kodwa isigaxa sasala. Ngizimisele ngokuthola ikhambi, ngaya kumabonoeman amaningi—kodwa akungisizanga. Phakathi nalokho kuhamba, ngaqhubeka ngilima ukuze ngithole imali yokuthenga utshwala obuhlukahlukene namabhayi ukuze ngikhokhele izangoma. Ezikhathini eziningi zazeluleka: “Khothamela ikoenoe. Inxuse njengenkosi yakho. Ikhulekele, izokuyeka.” Kodwa ngingawukhulekela kanjani umoya ongihluphayo futhi ofuna ukungibulala? Ngangingeke.
Nokho, ngokuzidela ngenza yonke into izangoma ezazithi angiyenze ngaphandle kwalokho. Esinye sazo sangelapha izinyanga eziyisihlanu. Sangigeza ngamakhambi futhi saconsisela amanzi ezitshalo eziyi-11 ezihlukene emehlweni ami—“ukuze ahlanzeke,” sasho kanjalo lapho ngikhala ngizwa ubuhlungu. Kodwa ekupheleni kokwelashwa, ngaphindela ekhaya ngingenamali, ngihlushiwe, futhi ngigula kakhulu kunanini.
“Lesi Isiphelo Sakho”
Enye yamadodana ami, ehlala eNetherlands, yangithumelela imali yokuqhubeka ngifuna usizo. Khona-ke, ngaya kudokotela wezokwelapha osedolobheni elikhulu. Ngemva kokuhlolwa, wathi: “Anginakukusiza. Hamba uyobona ibonoeman.” Khona-ke ngazama umlozi womdabu waseMpumalanga India—kodwa nakho akusizanga. Ngaphindela ekhaya kodwa ngakwazi ukufika edolobheni elikhulu, lapho ngaya khona endlini yenye yamadodakazi ami. Lapho ngawa ngaphuka—futhi ngagula. Ngachitha iminyaka eyi-17 kanye nama-guilder angama-15 000 (R16 600) ngifuna usizo, kwaba nhlanga zimuka nomoya. Ngase ngineminyaka engama-57.
Okulandelayo, idemoni lasongela: “Ngiqedile ngawe. Lesi isiphelo sakho.”
Ngathi, “Kodwa awuyena uNkulunkulu, awuyena uJesu.”
“Ngisho noNkulunkulu akanakungivimba,” kuphendula idemoni. “Izinsuku zakho zibaliwe.”
Umzabalazo Wokugcina
Amasonto adlula. UMeena, owesifazane ongumakhelwane owayeyisikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova, wabuza indodakazi yami ngesimo sami futhi wathi: “Umama wakho angasizakala kodwa ngeBhayibheli kuphela.” Ngizwa ingxoxo, ngasondela kubo. Nokho, ngaphambi kokuba ngifike kubo, ngashayeka phansi. UMeena weza ngokushesha futhi wathi: “Lelo demoni alinakukuyeka. Umuntu ongakusiza uJehova kuphela, akekho omunye.” Khona-ke wathandaza nami kuJehova uNkulunkulu futhi waqala ukungivakashela. Kodwa lapho eqhubeka engivakashela, ukuhlasela kwedemoni kwakukhula. Ebusuku, umzimba wami wawuqhaqhazela ngamandla kangangokuba akekho endlini owayengalala. Ngangingasadli futhi kwakuba khona isikhathi lapho ingqondo yami yayilahleka ngokuphelele.
Isimo sami saba bucayi kangangokuba indodana yami ehlala phakathi nedolobha yafika izongithatha ingiphindisela edolobhaneni ukuze ngifele khona. Njengoba ngangibuthakathaka kakhulu ukuba ngingahamba, ngenqaba. Kodwa nginomuzwa wokusondela kokufa, ngabiza uFakazi ukuba ngizovalelisa. UMeena wachaza ngokusuka eBhayibhelini ukuthi noma ngifa kunethemba lovuko.
“Uvuko? Usho ukuthini?”
Waphendula: “UNkulunkulu angakuvusela ekuphileni ePharadesi.” Inhlansi yethemba!
Kodwa ngabo lobo busuku idemoni langihlasela. Emnyango, kwaba sengathi ngibona ikoenoe ilandelwa isixuku sabantu. Yahleka usulu: “Lona ucabanga ukuthi uzovuswa.” Khona-ke isixuku sahleka kakhulu. Kodwa ngenza into engangingakaze ngiyenze ngaphambili. Ngamemeza: “Jehova! Jehova!” Yilokho kuphela engangikwazi ukukusho. Futhi idemoni lahamba!
Amadodana ami afika futhi angincenga: “Mama, ungafeli lapha edolobheni. Masikuyise emzini wakho.” Ngenqaba, ngoba ngangifuna ukufunda okwengeziwe ngoJehova. Ngabatshela, “Kulungile, mhlawumbe ngizofa, kodwa okungenani ngiyobe sengimkhonzile uMdali.”
Njengombhoshongo Onamandla
UMeena nabanye oFakazi baqhubeka bengivakashela. Bangifundisa ukuthandaza kuJehova. Phakathi kokunye, bangitshela ngempikiswano ephakathi kukaJehova noSathane nangendlela uDeveli ahlupha ngayo uJobe ukuze aphike uNkulunkulu. Ukufunda ngalezinto kwaqinisa isifiso sami sokungalikhulekeli idemoni. OFakazi bafunda umbhalo engawuthanda kakhulu: “Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.”—IzAga 18:10.
Amandla ami abuya kancane kancane. Lapho indodana yami ibuya, ngayitshela ukuba ilinde ngaphandle. Ngagqoka futhi ngafaka ibulawuzi ngaphansi kwesiketi ukuze ngikhombise ukuthi isigaxa cishe sase siphelile. Khona-ke ngaphumela ngaphandle?
“Ingabe uMama uLintina lo?” kumemeza indodana yami ngokujabula.
“Yebo, nguye—ngiyambonga uJehova, uNkulunkulu wami!”
Ukuthatha Ukuma Kwami
Lapho sengikwazi ukuhamba kancane, ngaya eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova. Lapho ngathola izikhuthazo eziningi ezivela kubangane kangangokuba angibange ngisayeka ukuba khona emihlanganweni. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, ngahamba noFakazi emsebenzini wokushumayela obala. Ngokushesha ngemva kwalokho, ngabhapathizwa ngaba inceku kaJehova, uMkhululi wami onothando. Ngase ngineminyaka engama-58.
Nokho, okuthile kwakusamelwe kwenziwe. Eminyakeni edlule, endlini yami, ngangakhe ialtare engangenzela kulo iminikelo kokhokho bami. Ukuze ngihlanzeke ngokomoya, kwakumelwe ngilidilize. Ngacela usizo kuJehova, njengoba isenzo sami sasingase sidale umsindo kwabahlala edolobhaneni. Lapho ngifika endlini yami ngivula umnyango, othile wamemeza: “Pingos!” (Izingulube zasendle) Umhlambi wawudabula esiqhingini wangena emanzini ukuze uwelele ngaphesheya. Ngokushesha, abancane nabadala basuka edolobhaneni ukuze bazibambe. Ngimangele, ngaguqa ngamadolo ngabonga uJehova ngalesisehlakalo. Ngokushesha, ngakhiphela ialtare ngaphandle, ngalithela ngopharafini ngase ngilishisa ngomlilo. Ialtare lase lishile ngaphambi kokuba isixuku sibuye. Yebo, bezwa ngalokho, kodwa akukho okwakungenziwa ngakho. Khona-ke, nginokuthula kwengqondo, ngabuyela edolobheni elikhulu.
Ukusuka Osizini Kuya Enjabulweni
Ngehlelwa izibusiso eziningi. Indodana yami eseNetherlands ayizikholwanga izindaba eyayizizwile ngami ngakho yagibela indiza eya eSuriname izozibonela. Yajabula kakhulu ngokungibona ngiphilile kangangokuba yangithengela indlu enhle edolobheni elikhulu, lapho engihlala khona manje. Yeka ushintsho oluye lwenzeka kimi—kusukela esigqilini esingenamali samademoni kuya encekwini kaJehova enakekelwa kahle!
Eminyakeni eyishumi nanye ngemva kokubhapathizwa kwami, nginesizathu esengeziwe sokubonga. Zishukunyiswa izibusiso eziningi engizamukele, izingane zami ezintathu kanye nomyeni wendodakazi yami baba nesithakazelo eqinisweni leBhayibheli futhi banikezela ukuphila kwabo kuJehova uNkulunkulu. Ngazo zonke izikhathi, ngiye ngaxoxa okuhlangenwe nakho kwami kwamademoni lapho abafowethu nodadewethu behamba nami ezifundweni zabo zeBhayibheli ezintula isibindi sokushiya amademoni. Ngaleyondlela ngisho naleyominyaka esabekayo iye yaba nokusetshenziswa okuthile emsebenzini wokushumayela ngoMbuso.
Ngintula amazwi afanele okuzwakalisa ukubonga kwami kuJehova, uNkulunkulu wami. Ngokuqinisekile, ngiye ngabona isandla sakhe esinamandla kimina. Yebo, uJehova uye waba muhle kimi!—Qhathanisa neHubo 18:17-19.
[Isithombe ekhasini 7]
Ekukhululekeni emimoyeni, uLintina van Geenen wafunda ukuthi “igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla”
[Isithombe ekhasini 9]
Ingxenye ephakathi yeSuriname lapho abantu abaningi beyizigqila zemimoya