“Isikhathi Sokukhuluma”—Sinini?
UMARY usiza kwezokwelapha esibhedlela. Enye imfuneko okumelwe abambelele kuyo emsebenzini wakhe ukugcina imfihlo. Kumelwe agcine amaphepha nokwaziswa okuphathelene nomsebenzi wakhe kungayi kubantu abangagunyaziwe. Izimpawu ezimelele izincazelo eziyimfihlo zemithetho yasezweni lakubo zengamele nokwambulwa kokwaziswa okuyimfihlo ezigulini.
Ngolunye usuku uMary wabhekana nenkinga. Lapho esebenza ngamarekhodi ezokwelapha, wahlangana nokwaziswa okwakubonisa ukuthi isiguli esithile, umKristu akanye naye, wayekhiphe isisu. Ingabe wayenawo umthwalo wemfanelo ongokomBhalo wokudalula lokhu kwaziswa kubadala ebandleni, ngisho nakuba kwakungase kuholele ekulahlekelweni kwakhe umsebenzi, ekumangalelweni kwakhe, noma ekubeni umqashi wakhe athole izinkinga ezingokomthetho? Noma ingabe izAga 11:13 zaziyovumelana nokuba agcine lendaba iyimfihlo? Zifundeka kanje: “Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo, kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.”—Qhathanisa nezAga 25:9, 10.
Ngezikhathi ezithile oFakazi BakaJehova babhekana nezimo ezinjengalesi. NjengoMary, bakuqaphela ngokuhlakanipha lokho iNkosi uSolomoni eyakusho: “Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu. . . . Isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.” (UmShumayeli 3:1, 7) Ingabe lesi kwakuyisikhathi sokuba uMary athule, noma ingabe kwakuyisikhathi sokuba akhulume ngalokho ayesekwazi?a
Izimo zingahlukahluka kakhulu. Ngakho-ke, kungaba okungenakwenzeka ukubeka indinganiso yokulandelwa kuzo zonke izimo, njengokungathi wonke umuntu kumelwe asingathe izindaba ngendlela uMary enza ngayo. Ngempela, umKristu ngamunye, noma nini uma ebhekene nesimo saloluhlobo, kumelwe azimisele ukuhlola zonke izici ezihilelekile futhi afinyelele isinqumo esicabangela izimiso zeBhayibheli kanye nanoma yiziphi izimiso ezingokomthetho nalezo ezizomshiya enonembeza ohlanzekile phambi kukaJehova. (1 Thimothewu 1:5, 19) Lapho izono zizincane futhi zibangelwa ukungapheleli kobuntu, lesimiso siyasebenza: “Uthando lusibekela inqwaba yezono.” (1 Petru 4:8) Kodwa lapho kubonakala kunobubi obungathi sína, ingabe umKristu othembekile ngenxa yothando lukaNkulunkulu nomKristu akanye naye kumelwe adalule lokho akwaziyo ukuze isoni sithole usizo futhi kulondolozwe ubumsulwa bebandla?
Ukusebenzisa Izimiso ZeBhayibheli
Yiziphi ezinye zezimiso zeBhayibheli eziyisisekelo ezisebenzayo? Okokuqala, noma ubani owenza ububi obungathi sína akumelwe azame ukubufihla. “Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.” (IzAga 28:13) Akukho lutho uJehova angaluqapheli. Ekugcineni kumelwe kulandiswe ngezono ezifihliwe. (IzAga 15:3; 1 Thimothewu 5:24, 25) Ngezinye izikhathi uJehova uletha ububi obufihliwe ekunakekeleni kwelungu lebandla ukuze bunikezwe ukunakekela okufanelekile.—Joshuwa 7:1-26.
Esinye isiqondiso seBhayibheli sibonakala kuLevitikusi 5:1: “Uma umuntu ona lapho ezwa izwi lesifungo [“ukuqalekisa kwasobala,” NW], engufakazi wokuthile, noma ekubonile noma ekwazi, engakusho nokho, khona wothwala ububi bakhe.” Lokhu “kuqalekisa kwasobala” kwakungeyona inhlamba noma ukuhlambalaza. Kunalokho, ngokuvamile kwakwenzeka lapho othile owayoniwe efuna ukuba noma yibaphi abangase babe ofakazi bakhe bamsize ekubeni icala lakhe lithethwe kahle, kuyilapho eqalekisa—cishe ngeziqalekiso ezivela kuJehova—lowo, mhlawumbe ongakaziwa, omonile. Kwakuyindlela yokufaka abanye ngaphansi kwesifungo. Noma yibaphi ofakazi besenzo sobubi babeyokwazi ukuthi ubani oyisisulu sesenzo sobubi futhi babeyoba nomthwalo wemfanelo wokuvela baqiniseke ngecala. Ngaphandle kwalokho, kwakuyodingeka ‘bathwale ububi babo’ phambi kukaJehova.b
Lomyalo ovela egunyeni eliPhakeme kunawo wonke endaweni yonke wawubeka umthwalo wemfanelo phezu komIsrayeli ngamunye ukuba abike kubahluleli noma yibuphi ububi obungathi sína abubonile ukuze indaba isingathwe. Nakuba amaKristu engekho ngempela ngaphansi koMthetho kaMose, izimiso zawo zisasebenza ebandleni lobuKristu. Ngakho-ke, kungase kube nezikhathi lapho umKristu ebophekile ukuba alethe indaba ekunakekeleni kwabadala. Yiqiniso, emazweni amaningi kungokungemthetho ukudalulela abantu abangagunyaziwe lokho okutholakale emarekhodini ayimfihlo. Kodwa uma, ngemva kokucabangela ngomthandazo, umKristu eba nomuzwa wokuthi ubhekene nesimo lapho umthetho kaNkulunkulu udinga ukuba abike lokho akwaziyo naphezu kwalokho okufunwa amagunya amancane, khona-ke yilowo umthwalo wemfanelo awamukelayo phambi kukaJehova. Kunezikhathi lapho umKristu ‘kumelwe alalele khona uNkulunkulu kunabantu.’—IzEnzo 5:29.
Nakuba izifungo noma izithembiso ezingathi sína kungamelwe zithathwe kalula, kungase kube nezikhathi lapho izithembiso ezifunwa abantu zishayisana nemfuneko yokuba sinikeze uNkulunkulu wethu ukuzinikela okukhethekile. Lapho othile enza isono esingathi sína, eqinisweni, uba ngaphansi ‘kwesiqalekiso sasobala’ esivela kuLowo owoniwe, uJehova uNkulunkulu. (Duteronomi 27:26; IzAga 3:33) Bonke ababa yingxenye yebandla lobuKristu bazifaka ngaphansi ‘kwesifungo’ sokugcina ibandla lihlanzekile, kokubili ngalokho abakwenzayo ngokomuntu siqu nangendlela abasiza ngayo abanye ukuba bahlale behlanzekile.
Umthwalo Wemfanelo Womuntu Siqu
Lezi ezinye zezimiso zeBhayibheli okungenzeka uMary wazicabangela ekwenzeni isinqumo sakhe somuntu siqu. Ukuhlakanipha kwamtshela ukuthi akumelwe athathe isinyathelo ngokushesha, engazihlolisisanga kahle izindaba. IBhayibheli liyeluleka: “Ungabi-ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho-sizathu; wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?” (IzAga 24:28) Ukuze indaba iqinisekiswe ngokuphelele, kudingeka okungenani ubufakazi bofakazi bokuzibonela ababili. (Duteronomi 19:15) Ukuba uMary wayebone kuphawulwe kancane kakhulu ngokukhishwa kwesisu, ngenxa kanembeza wayenganquma ukuthi ubufakazi banoma yiliphi icala babungaphelele kangangokuthi wayengenakuqhubeka. Kwakungenzeka ukuthi kwakube nephutha ekukhokhiseni, noma ngandlela-thile amarekhodi ayengasivezanga ngokufanelekile isimo.
Nokho, kulesimo uMary wayenokunye ukwaziswa okubalulekile. Ngokwesibonelo, wayazi ukuthi udade wayeyikhokhile imali, ngokusobala evuma ukuthi wayewenzelwe umsebenzi obhalwe phansi. Futhi, wayazi ukuthi udade wayengashadile, ngakho kungenzeka ukuthi kwakube nokuhlobonga. UMary waba nomuzwa wesifiso sothando sokusiza othile okungenzeka ukuthi wayonile nokuvikela ukuhlanzeka kwenhlangano kaJehova, ekhumbula izAga 14:25: “Ufakazi oqinisileyo uyophula imiphefumulo, kepha ophafuza amanga unenkohliso.”
Ngandlela-thile uMary wayezesaba izici ezingokomthetho kodwa waba nomuzwa wokuthi kulesimo izimiso zeBhayibheli kumelwe zibe ngezibaluleke kakhulu kunemfuneko yokuba avikele ukuba yimfihlo kwamarekhodi ezokwelapha. Wacabanga ukuthi ngokuqinisekile udade wayengeke afune ukucasuka futhi azame ukuphindisela ngokumenzela inkathazo. Ngakho lapho uMary ehlaziya wonke amaqiniso ayenawo, ngenxa kanembeza wanquma ukuthi lesi kwakuyisikhathi “sokukhuluma,” kwakungesona ‘esokuthula.’
Manje uMary wabhekana nomunye umbuzo: Kumelwe atshele bani, futhi lokho wayengakwenza kanjani ngokuqonda? Wayengaya ngokuqondile kubadala, kodwa wanquma ukuya kuqala kudade ngasese. Lokhu kwakuwukuhambela kothando. UMary wacabanga ukuthi lona osolwayo wayengalamukela ithuba lokucacisa izindaba noma, uma enecala, avume. Uma udade wayesebatshelile kakade abadala ngendaba, cishe wayezokusho, futhi kwakungenakudingeka ukuba uMary aphishekele izindaba ngokuqhubekayo. UMary wacabanga ukuthi uma udade asikhipha isisu futhi ayengakakuvumi lokhu kweqiwa okungathi sína komthetho kaNkulunkulu, wayezomkhuthaza ukuba enze lokhu. Khona-ke abadala babengamsiza ngokuvumelana nekaJakobe 5:13-20. Ngokujabulisayo, izinto zenzeka kanjalo. UMary wathola ukuthi udade wayekhiphe isisu ngaphansi kokucindezeleka okukhulu nangenxa yokuba buthakathaka ngokomoya. Ihlazo nokwesaba kwakumshukumisele ukuba asifihle isono sakhe, kodwa wajabula ngokuthola usizo oluvela kwabadala olwaphumela ekululameni ngokomoya.
Ukuba uMary wayebike kuqala endikimbeni yabadala, yayizobhekana nesinqumo esifanayo. Yayizokusingatha kanjani ukwaziswa okuyimfihlo okwakulethwa kuyo? Kwakuzodingeka ukuba yenze isinqumo esisekelwe kulokho eyayinomuzwa wokuthi uJehova neZwi lakhe lalikufuna kuyo njengabelusi bomhlambi. Ukuba umbiko wawuhilela umKristu obhapathiziwe owayehlanganyela ngentshiseko nebandla, kwakuyodingeka ukuba ihlole ubufakazi njengoba kwenza uMary ekunqumeni ukuthi kumelwe iqhubeke yini. Uma inquma ukuthi kungenzeka ngempela ukuthi kwakunesimo ‘semvubelo’ esasikhona ebandleni, yayingakhetha ukwabela ikomiti yokwahlulela ukuba ihlole indaba. (Galathiya 5:9, 10) Uma lowo osolwayo, eqinisweni, ayeseyekile ukuba yilungu, esenesikhathi esithile engasayi kunoma yimiphi imihlangano futhi engasazibonakalisi njengomunye woFakazi BakaJehova, yayingase ikhethe ukuyiyeka indaba kuze kube yilesosikhathi ayezoqala ngaso ukuzibonakalisa futhi njengoFakazi.
Ukucabanga Kusengaphambili
Abaqashi banelungelo lokulindela ukuba abaqashwa babo abangamaKristu ‘babonakalise konke ukwethembeka okuhle,’ kuhlanganise nokugcina imithetho yokugcina imfihlo. (Thithu 2:9, 10) Uma kwenziwa isifungo, akumelwe sithathwe kalula. Isifungo senza isithembiso sibe ngesingathi sína ngokwengeziwe futhi esibophayo. (IHubo 24:4) Futhi lapho umthetho ugcizelela imfuneko yokugcina imfihlo, indaba iba ngengathi sína ngokwengeziwe. Ngakho-ke, ngaphambi kokuba umKristu afunge noma azifake ngaphansi kwesibopho sokugcina imfihlo, kungakhathaliseki ukuthi iphathelene nomsebenzi noma okunye, kuyoba ukuhlakanipha ukuthola ngezinga okungenzeka ngalo ukuthi yiziphi izinkinga lokhu okungaziveza ngenxa yanoma yikuphi ukushayisana nezimfuneko zeBhayibheli. Umuntu uyozisingatha kanjani izindaba lapho umzalwane noma udade eba yikhasimende? Ngokuvamile imisebenzi enjengokusebenza nodokotela, izibhedlela, izinkantolo, nabameli iwuhlobo lwemisebenzi okungavela kuyo inkinga. Asinakuwushaya indiva umthetho kaKesari noma ukungathi sína kwesifungo, kodwa umthetho kaJehova uphakeme.
Becabanga ngalenkinga kusengaphambili, abanye abazalwane abangabameli, odokotela, abagcina izimali, njalonjalo, baye balungiselela iziqondiso ezilotshiwe futhi baye bacela abazalwane abeza kubo ukuba bazifunde ngaphambi kokudalula noma yini eyimfihlo. Ngakho, kudingeka ukuqonda kusengaphambili kokuthi uma kuvela ububi obungathi sína, umenzi wobubi uyokhuthazwa ukuba aye kubadala ebandleni lakubo ngendaba. Kuyoqondakala ukuthi uma engakwenzi lokho, umeluleki uyozizwa enesibopho sokuya kubadala ngokwakhe.
Kungase kube nezikhathi lapho inceku kaNkulunkulu ethembekile ishukunyiswa yizinkolelo zayo siqu, ezisekelwe olwazini lwayo lweZwi likaNkulunkulu, ukuba iphazamise noma ize iphule izimfuneko zokugcina imfihlo ngenxa yezimfuneko eziphakeme zomthetho waphezulu. Kungadingeka isibindi nokuqonda. Isisusa ngeke kube ukugada inkululeko yomunye kodwa ukusiza owonayo nokugcina ibandla lobuKristu lihlanzekile. Ukona okuncane okubangelwa yisono kumelwe kunganakwa. Lapha, “uthando lusibekela inqwaba yezono,” futhi kumelwe sithethelele “kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.” (Mathewu 18:21, 22) Lesi “isikhathi sokuthula.” Kodwa uma kwenziwa umzamo wokufihla izono ezinkulu, lesi kungaba “isikhathi sokukhuluma.”
[Imibhalo yaphansi]
a UMary ungumuntu oqanjiwe obhekene nesimo amanye amaKristu aye abhekana naso. Indlela asingatha ngayo lesimo imelela indlela abanye abaye basebenzisa ngayo izimiso zeBhayibheli ezimweni ezifanayo.
b Kweyabo ethi Commentary on the Old Testament, uKeil noDelitzsch bathi umuntu wayeyoba necala lephutha noma lesono uma “wayazi ngobugebengu bomunye, kungakhathaliseki ukuthi wayebubonile, noma wayenolwazi oluthile ngabo nganoma iyiphi enye indlela, ngalokho-ke wayekufanelekela ukuvela enkantolo njengofakazi ukuze isigebengu silahlwe yicala, engakunaki ukwenza kanjalo, futhi engakusho akubonile noma akwaziyo, lapho ezwa isifungo sikamahluleli lapho ubugebengu buhlolwa obala, okucelwa ngaso ukuba bonke abantu abakhona, okukhona abakwaziyo ngendaba, bafakaze.”
[Izithombe ekhasini 15]
Kuyinkambo elungile neyothando ukukhuthaza uFakazi owonayo ukuba akhulume nabadala, sinethemba lokuthi inkinga bazoyisingatha ngendlela yomusa neyokuqonda