Ukuthola Induduzo EZwini LikaNkulunkulu
UJEHOVA ‘unguBaba wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.’ (2 Korinte 1:3, 4) Ngakho-ke, kumelwe siphendukele kuye naseZwini lakhe ukuze sithole induduzo yeqiniso ezikhathini zosizi.—Roma 15:4.
Uma sithembekile kuNkulunkulu, khona-ke ‘akasoze asiyeka noma asishiye.’ Ngethemba, singathi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?” (Heberu 13:5, 6; IHubo 37:39, 40; 145:20) Ngakho-ke, ngokuqinisekile, akumelwe sikhathazeke noma sidumale, ngisho nalapho sithola ukuhlushwa okukhulu.
Njengengxenye yesiprofetho sakhe esikhulu esigcwaliseka esikhathini sethu, uJesu wathi: “Niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami.” Kodwa ngemva nje kwalokho uJesu wanezela: “Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu.” (Luka 21:16-18) Kwakungenzeka kanjani lokho? Ngenxa yovuko, lona kanye ithemba elaqinisa uPawulu. (Johane 5:28, 29; 2 Korinte 1:9, 10) Akududuzi yini ukwazi ukuthi ngisho nokufa ngokwakho akunakulisusa ithemba lethu elimangalisayo ngekusasa?
Cabanga ngenduduzo lelithemba nezithembiso zosizo lukaNkulunkulu ezingayiletha kumaKristu ashushiswayo akhuthazelela ukuhlushwa okungokwenyama, kulabo abakhubazekile nabayizigoga ngenxa yonya, kwabesifazane abesaba uNkulunkulu abaye badlwengulwa, kubazali abahlukaniswa ngenkani nabantwana babo. Yebo, eZwini likaJehova sithola amazwi amaningi enduduzo nethemba lawo angasibangela ngisho nokujabula lapho siphansi kosizi.—Mathewu 5:10-12.
Khumbula Umvuzo
Lapho uhlangabezana nosizi lokuhlushwa, khumbula ukuthi akukho lutho olwenzeka kithi olungenzekanga kwezinye izinceku ezithembekile zikaJehova. Singayivimba imizamo kaDeveli yokusibangela ukuba siyeke ukukhonza uJehova uma senza lokho umphostoli uPetru akukhuthaza: “Melanani [noDeveli] niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezozinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni.” (1 Petru 5:9) Yebo, amanye amaKristu akhuthazelela uvivinyo olufanayo ngenxa yezindaba ezinhle futhi enza kanjalo ngaphandle kokuhlehla. Nathi singenza okufanayo.
Kumelwe singaqapheli kuphela labo abaye bama beqinile kodwa futhi nemivuzo abayithola. Ngokwesibonelo: uSathane, ethambekele ekuqinisekiseni ukuthi uJobe wayekhonza uJehova ngenxa yezizathu zobugovu kuphela, waletha izinhlupheko ezilandelanayo kulomuntu kaNkulunkulu. Okokuqala imfuyo yakhe yabulawa, kwase kuba izinceku zakhe, futhi ekugcineni ngisho nabantwana bakhe abayishumi. Enganelisiwe yilokho, uSathane wamshaya uJobe “ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.” (Jobe, izahluko 1 no-2) Ingabe uJobe wabuphula ubuqotho bakhe kuNkulunkulu ngenxa yalezinhlupheko?
Cha, akazange. Kodwa kuthiwani ngomvuzo? Nokho, uJehova wabuyisela impilo kaJobe, wamnika “ngokukuphinda kabili” konke okwakungokwakhe, futhi wamnika ukuphila okweluliwe, nokwanelisayo. (Jobe 42:10-17) Ngaphezu kwalemivuzo, kukhona omkhulu kakhulu wovuko ngethemba lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. (Jobe 14:13-15) Ngokuqinisekile, okuhlangenwe nakho kukaJobe kunikeza induduzo namandla kumaKristu ahlushwayo namuhla.
“UJehova Uyasiza”
Manje, cabangela indaba yowesifazane ongumKristu owakhuthazelela iminyaka eminingi yokuhlupheka ezinkanjini zokuhlushwa eJalimane phakathi neMpi Yezwe II. Ngaphezu kwezimo ezesabekayo, ukushushiswa ngonya, nokuphucwa konke akudingayo wahlukaniswa ngenkani nomyeni wakhe nengane yakhe iminyaka eyisihlanu, engazi ukuthi kwakwenzekani kubo. Ekugcineni, ngemva kweminyaka yokukhuthazela ngokwethembeka, wahlanganiswa futhi nomyeni wakhe nengane yakhe, futhi bobathathu kusukela ngalesosikhathi baye bakhonza uJehova ngokwethembeka. Phawula ukukhulumela kwakhe ngokuphathelene nokuhlangenwe nakho kwakhe:
“Iminyaka yami emakamu okuhlushwa aseJalimane yangifundisa isifundo esivelele. Siwukuthi umoya kaJehova ungakuqinisa kakhulu kangakanani lapho ungaphansi kovivinyo olukhulu kakhulu! Ngaphambi kokuba ngiboshwe, ngangifunde incwadi kadade eyayithi ngaphansi kovivinyo olunzima umoya kaJehova wenza ukuthula kube kuwe. Ngacabanga ukuthi kumelwe ukuba wayeqisa kancane. Kodwa lapho mina ngokwami ngingena ovivinyweni, ngabona ukuthi ayekushilo kwakuyiqiniso. Kwenzeka kanjalo ngempela. Kunzima ukukucabanga, uma ungakaze uhlangabezane nakho. Yebo kwenzeka ngempela kimi. UJehova uyasiza.”
Ingabe lamazwi awakududuzi futhi akuqinise? Ngenxa yokugcina ubuqotho bakhe ngaphansi kovivinyo, lona wesifazane ongumKristu, kanye nomkhaya wakhe, ubheka phambili ekuzuzeni ithemba lakhe lokuphila okuphakade. (Heberu 10:39) Yeka umvuzo okhazimulayo wokwethembeka!
Ngemva kokuhlangabezana novivinyo iminyaka eminingi, wazizwa kanjani umfowethu othandekayo uPawulu? Edumazekile? Edangele? Ekhathazekile? Lutho neze! Wayeqinisekile, enethemba, ejabula ngokuthi wayekhuthazelile. “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa,” kusho uPawulu. “Sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolosuku iNkosi, umahluleli olungileyo.” (2 Thimothewu 4:7, 8) UPawulu wabambelela enkambweni yakhe ngaphandle kokuntengantenga futhi uye wawuthola umvuzo wakhe wasezulwini. (Filipi 3:4-14) Ubani ongaduduzwa isibonelo esihle kanjalo? Kwangathi nathi ngokufanayo singalukhuthazelela usizi, sithole induduzo emiBhalweni, futhi sihlale sithembekile kuNkulunkulu wethu onothando, uJehova.
[Isithombe ekhasini 7]
Okuhlangenwe nakho kukaJobe kunikeza amandla kumaKristu ahlushwayo namuhla