Indlela Ongakuthazelela Ngayo Usizi
“NGOKUKHUTHAZELA kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.” UJesu Kristu wakhuluma lawomazwi lapho enikeza isiprofetho sakhe ngokuphathelene ‘nesikhathi sokugcina.’ (Luka 21:19; Daniyeli 12:4) Emazwini akhe, lamaphuzu amabili aba ngavelele: (1) Ukukhuthazela kubalulekile ekusindisweni kokuphila kwethu, futhi (2) kunokwenzeka ukukhuthazela.
Kodwa ungakhuthazela kanjani? Ukuze siphendule lombuzo, okokuqala sidinga ukwazi ukuthi kungani uJehova evumela ukuhlupheka nokushushiswa kwehlele ezincekwini zakhe.
Ukuhlupheka Nokushushiswa—Kungani?
Isizathu esiyinhloko siwukuthi uSathane wabekela igunya nokulunga kobukhosi bukaJehova inselele. (Genesise 3:1-19) UJehova uye walungiselela ukubhekana nalenselele ngenxa yegama lakhe nangenxa yabanye.
UNkulunkulu uye wavumela nabantu bakhe ukuba bahlupheke ngenxa yezinjongo eziyobonakala zinosizo kakhulu kithi uma sibheka ukuhlushwa okunjalo ngendlela efanele. Ngokwesibonelo, uma sikhuthazela lapho singaphansi kovivinyo ngaphandle kokucasukela usizi lwethu, siqinisekisa ukuthi ukholo lwethu lungokoqobo, uhlobo lokholo oluthokozisa uNkulunkulu. (1 Petru 1:6, 7; Heberu 11:6) Kodwa ukuhlushwa kungaveza futhi nobuthakathaka bobuntu obunjengokuzazisa, ukungabekezeli, nokuthanda ukunethezeka. Ngosizo lomoya kaNkulunkulu, singasebenzela ukunqoba ukushiyeka okunjalo futhi ‘sizembathise umuntu omusha’ ngokuphelele.—Kolose 3:9-14.
Umhubi wasivezela kahle kakhulu leliphuzu, ethi: “Kwangibangela ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho.” (IHubo 119:71) Yeka indlela enhle yokubheka ukuhlushwa! Akukho ukukhonona noma ukunganeliswa. Akukho ukukhathalela kobugovu ngokulahlekelwa komuntu okungenzeka ukuhlushwa kuye kwakubangela. Kunalokho, lokhu ukuqaphela okuhlakaniphile kokuthi lokho uJehova akuvumela ukuba kwenzeke kumhubi kwakungamsiza ukuba azise izimiso zikaJehova ngokwengeziwe. Ingabe sivumela ukuhlupheka kube nomphumela ofanayo kithina?
Umphostoli uPawulu wazuza osizini aluthola esifundeni saseAsiya. Ngokwesibonelo, lolusizi lwamenza wancika ngokwengeziwe kuJehova. Lwagcizelela futhi nokukholelwa komphostoli ovukweni, ngoba wakhuthazelela ubunzima bakhe ngethemba eliphelele ‘kuNkulunkulu ovusa abafileyo.’ (2 Korinte 1:8-10) Yebo, uPawulu wajabulela izinzuzo ngenxa yokukhuthazela kwakhe ngaphansi kokuhlupheka.
Kungokufanayo futhi ngalawomaKristu anombono oqondile ngokuhlushwa namuhla. EZimbabwe, izwe elake lakhathazwa amaphekulazikhuni, ibandla labantu bakaJehova lathuthelwa edolobhaneni elivikelekile. Ngenxa yezimo zesikhathi sempi, ngamunye wabadala abathathu abamisiwe ebandleni wayefelwe ingane. Ngaphezu kwalokho, abantu bendawo babebeka ubunzima obukhulu kulabazali abangamaKristu ngokubenza bahlehle okholweni lwabo ngokushweleza emimoyeni okwakuthiwa icasukile. Ingabe abadala bazizwa kanjani ngalokhu? Ekhulumela bobathathu, omunye wabo wathi: “Lapho isizwe sisempini, nathi sisempini nemimoya emibi. Sinokusinqoba isitha [imimoya emibi] ngoba sinethemba, ithemba eliphilayo. Ngakho, ngisho noma sifa empini, uma nje sifa sithembekile kuJehova, siyovuswa. Siyobe sisinqobile isitha.” Lamadoda amathathu athembekile awazange alahlekelwe umbono wamandla kaJehova okukhulula. Siqaphela ukuma kwawo okuqinile, nathi, ngokufanayo, kumelwe sikholelwe ukuthi singakhuthazela!
Lapho Ushushiso Lwenziwa Ngonya
‘Kodwa kuthiwani uma ushushiso lwenziwa ngonya, kusetshenziswa izindlela zonya zokuhlupha?’ ungase ubuze. Ingabe ngisho nalapho singakhuthazela futhi singaluyeki ukholo lwethu?’ Nokho, amaKristu okuqala ayekwazi ukukhuthazelela ukuphathwa ngokwesabekayo ngaphandle kokulahla ukholo lwawo.
Ngokufanayo, ukholo olugcwele kuJehova lwaboniswa umKristu wosuku lwanamuhla ohlala endaweni esemaphandleni eZimbabwe. Ngesinye isikhathi wayeyedwa ngoba umkakhe wayevakashele indodakazi yabo eshadile. Ngokushesha, wahlaselwa amadoda athile ahlomile ammangalela ngamanga ngenxa yesimo sakhe sobuKristu. Ngemva kokumshaya kabuhlungu, lamadoda abophela izitini ezishisayo phakathi kwemilenze yakhe ayesemhambisa futhi phezu kwezitini ezinjalo. Ayesemshiya yedwa ukuba afe. Ngenxa yokuthi ukuguquka okungalindelekile kwezimo endaweni kwakwenze ukuhamba kwangaba nakwenzeka, inkosikazi yalendoda yayingasazi isimo somyeni wayo. Omakhelwane baxwayiswa ngokusatshiswa ngokufa ukuba bangayisizi. Ngakho wahlala eyedwa kulesimo zonke izinyanga ezintathu, elindele ukufa nsuku zonke.
Lendoda engumKristu ehluphekayo yakwazi ukuziphilisa ngamanzi nempuphu esekhaya layo. Kodwa ngenxa yokuphathwa ngonya eyayikutholile, yayingakwazi ukuhamba. Ngakho-ke, lapho izinkuni eziseduze ziphela, kwadingeka ukuba iphule ifenisha yayo futhi iyisebenzise ekubaseni umlilo wokupheka. Amanzi onakala futhi agcwala izibungu. Izilonda zokusha zaqhubeka zibhibha.
Lomzalwane wayekulesimo lapho ekugcineni umkakhe ekwazi ukubuyela ekhaya ezinyangeni ezintathu kamuva. Cabanga nje ukuthi wazizwa kanjani lapho embona! Ngokushesha, wenza amalungiselelo okumyisa esibhedlela. Ukuze enze lokhu, kwadingeka ukuba amfake ebhaleni amyise esitobhini sebhasi esiseduze bese emyisa edolobheni lapho kwakunesibhedlela khona. Emasontweni amathathu kamuva, wakhishwa esibhedlela waya ekhaya lendodakazi yakhe, lapho athola khona usizo olungokomoya nesikhuthazo esivela kumalungu ebandla loFakazi BakaJehova kuleyondawo.
Yini eyasiza lomsekeli othembekile woMbuso kaNkulunkulu ukuba akhuthazelele ukuphathwa ngonya? Izinyanga ezintathu wayeyedwa kuphela. Wayekulindele ngokugcwele ukufa. Futhi, nakuba ebuzwa ukuthi wayezizwa kanjani phakathi nalesikhathi senhlupheko impendulo yakhe yayiwukuthi, “Nganginomuzwa wokuthi uJehova wayenami ngaso sonke isikhathi.” Kwakungekho ukukhonona ngabashushisi bakhe noma ukukhala ngalokho okwakwenzeke kuye—ukukholelwa nje okuqinile ukuthi uJehova akazishiyi neze izinceku zakhe ezithembekile.—IHubo 37:28.
Yebo, amaKristu angakhuthazela. Ayazi ukuthi uma uJehova evumela usizi, kungenxa yenjongo enhle, futhi ukukhuthazela kunokwenzeka. IZwi likaNkulunkulu nokuhlangenwe nakho kwabanye kuyasiqinisekisa ngaleliqiniso. (Mathewu 24:13) Nokho, lapho sikhuthazelela izilingo, ngokuvamile sidinga ukududuzwa, akunjalo? Kodwa kumelwe siphendukele kuphi ngenduduzo enjalo?