Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 7/1 kk. 4-6
  • Inkolo Eyenziwe Umuntu—Ingabe Ingenelisa Ngempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inkolo Eyenziwe Umuntu—Ingabe Ingenelisa Ngempela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimfundiso Zomuntu NeBhayibheli
  • IBhayibheli—Isambulo Esivela KuNkulunkulu?
  • UbuHindu—Ukufuna Inkululeko
    Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu
  • Lapho Singaphendukela Khona Ukuze Sithole Izimpendulo
    Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?
  • Izimfundiso Eziyiqiniso Ezijabulisa UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Yini Ongayisho KumHindu?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 7/1 kk. 4-6

Inkolo Eyenziwe Umuntu—Ingabe Ingenelisa Ngempela?

CISHE abantu abayizi-450 000 000 bamukela inkolo yamaHindu. Isazi samaHindu solwazi lokuhlakanipha uDr. S. Radhakrishnan uthi: “Inkolo akusiyo kangako into okumelwe siyithole ngokholo njengomzamo wokwembula izisibekelo ezijulile zokuphila komuntu.” Uyanezela: “Umuntu, akungabazeki, uyisilinganiso sakho konke.”

Ayikho indikimba eyinhloko eqondisa abakhulekeli bamaHindu, alukho futhi uhlelo olumisiwe lokukhulekela. Ayikho futhi incwadi ethile eyodwa, njengeBhayibheli, ewumthombo wezinkolelo zabo. Emakhulwini eminyaka edlule kuye kwavela izincwadi eziningi zamaHindu, futhi kuye kwaba nezikole eziyisithupha ezihlukene zolwazi lokuhlakanipha kobuHindu: Nyāya (ukuqonda kokucwaningisisa), Vaiśeshika (ulwazi lwesayensi), Sānkhya (ukuhlanganiswa kwezinto ezincane), Yoga (ukuhlangana nonkulunkulu), Mīmāmsā (ukubuza), kanye neVedānta (ukugcwaliseka kweVeda).

Lolulwazi lokuhlakanipha luye lwaqaliswa abahlukahlukene abangamaHindu ngezikhathi nezigaba ezihlukene emlandweni, futhi ngamunye usebenzisa indlela ehlukile yokukhulekela. INyāya, ngokwengxenye yayo, isebenzisa izimiso ezinzima zokusebenzisa ingqondo ekuqinisekiseni ukuba khona kukaNkulunkulu ngenxa yeziphetho ezithile (ngokwesibonelo, ukuphetha ngokuthi umoya ungokoqobo ngenxa yokunyakaza kwezihlahla).

Lendlela ngokusobala iqinisile, njengoba eBhayibheli lisho okufanayo: “Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe.” (Roma 1:20) Noma kunjalo, ingabe isimiso sokusebenzisa ingqondo singakujwayelanisa noMdali? Isimiso esinjalo singembula ukuthi lingubani igama lakhe? Singayichaza imvelaphi yomhlaba noma ukuthi kungani isono nokuhlupheka kuvunyelwe? Singakunika ithemba elanelisayo ngekusasa? Ake sibone ukuthi iyiphi inkolo ephendula lemibuzo ngokwanelisa ngokwengeziwe—inkolo yamaqiniso embuliwe noma inkolo eyenziwe umuntu.

Izimfundiso Zomuntu NeBhayibheli

AmaHindu aye acabanga kakhulu ngesimo sikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ulwazi lokuhlakanipha iVedānta, lusekela imiqondo yalo ezincwadini zenkolo ezibizwa ngokuthi amaUpanishads. Lezincwadi zihlola isimo sikaNkulunkulu nobuhlobo bakhe nabantu.

Nokho, iBhayibheli lihamba phambili ekunikezeni umbono ngoNkulunkulu, futhi lenza kanjalo ngokucacile nangokuvumelana. Uchazwa njengoMdali wezinto zonke. (IsAmbulo 4:11) Kodwa akavezwa njengamandla athile angenagama. “Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu,” kusho iBhayibheli kumaHubo 148:13. Uchazwa ‘njengoNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso.’ (Eksodusi 34:6) Umema ngisho nabantu abangaphelele ukuba bamazi futhi babe nobuhlobo naye! (IHubo 34:8) Ingabe lokho iBhayibheli elikushoyo ngoNkulunkulu akwanelisi ngaphezu kokuhlola okudidayo kolwazi lokuhlakanipha komuntu?

AmaUpanishads ahlola futhi isimo somphefumulo womuntu. Nokho iBhayibheli lichaza ngokucacile ukuthi “uJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumlela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba-kanjalo umphefumulo ophilayo.” (Genesise 2:7) Ngakho umuntu ungumphefumulo—hhayi umnini womoya othile oyisithunzi othola ukuzalwa okuphindaphindiwe kweminye imizimba. Lomphefumulo futhi awusiwo ongafi. IBhayibheli lithi, “Umphefumulo owonayo uyakufa.”—Hezekeli 18:4.

AmaUpanishads ahlola isimo sobuMina nokuZidla. Nokho, iBhayibheli kuphela elinika isihluthulelo ekuqondeni umuntu ngokuveza obala isimo sakhe esinesono. “Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Ngokomphumela, umuntu kumelwe ahlale elwa nezisusa ezingalungile.—Roma 7:20, 25.

AmaUpanishads acubungula imibuzo ngokuphathelene nokuba ngokoqobo kobubi nomvuzo. Nokho, iBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi ububi kulomhlaba buwumphumela wokukhetha komuntu inkambo yokuzibusa. “Bheka, lokhu kuphela ngikufumene ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waba-qotho, kepha bona, bafunile amacebo amaningi.” (UmShumayeli 7:29) Ngokuqondene nomvuzo wokugcina wesono, imiBhalo ithi: “Oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe: labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo . . . ukuphila okuphakade; kepha labo abanombango bengalaleli iqiniso, belalela ukungalungi, bothola ulaka nentukuthelo. Usizi nokubandezeka . . . Ngokuba akukho ukukhetha umuntu kuNkulunkulu.”—Roma 2:6-9, 11.

Futhi lapho amaUpanishads ezama kanzima ukuchaza indlela eya ekusindisweni, iBhayibheli limane lithi, “Insindiso ingekaJehova.” (IHubo 3:8) Labo abalandela indlela kaJehova bayathenjiswa: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:29.

IBhayibheli linikeza izimpendulo ezilula, eziqondile, neziqondakalayo emibuzweni ekhungethe abantu abacabangelayo. Asikho isazi solwazi lokuhlakanipha esasingaphuma nalezimpendulo ngokwaso.

IBhayibheli—Isambulo Esivela KuNkulunkulu?

Nokho, ingabe lokhu ngokudingekile kusho ukuthi ungathembela eBhayibhelini njengesambulo esivela kuNkulunkulu? Kunezizathu eziningi zokuthi kungani angenza kanjalo.

Okokuqala ngqá, kumane nje kunengqondo ukuphetha ngokuthi uNkulunkulu wayengazembula kumuntu ngandlela-thile. Ucabangani ngendoda eba nezingane bese ibaleka izishiya? Kuthiwani uma leyondoda ishiya izingane zingazi lutho ngayo, ingazishiyeli ngisho negama layo? Ubungeke uyithukuthelele? Ngakho-ke, akukhona yini okunengqondo ukuphetha ngokuthi uMdali onothando wayeyoziveza ngandlela-thile ezinganeni zakhe zasemhlabeni?

‘Kodwa kungani ayengenza kanjalo ngencwadi?’ ungase ubuze. ‘UNkulunkulu onguMninimandla onke wayengenakusebenzisa yini okuthile okungokoqobo ngokwengeziwe—mhlawumbe izwi elivela esibhakabhakeni?’ UNkulunkulu wakhuluma esezulwini ngezikhathi eziningana njengalapho enikeza iMiyalo Eyishumi. Ngalesosikhathi abantu besaba kakhulu ngokubonakala kwesimanga esingokwemvelo kangangokuthi bancenga uMose, “UNkulunkulu makangakhulumi kithi, funa sife.” Ngakho bama kude lapho uJehova ekhuluma noMose. (Eksodusi 20:18-22)a Kodwa ngisho noMose wayengawakhohlwa lawomazwi akhulunywa uNkulunkulu. Ngakho-ke uJehova ngokuhlakanipha wakhetha ukuba uMose, futhi kamuva, abanye abantu abathembekile bagcine izwi laKhe lilotshiwe. (Eksodusi 34:28) Ngakho, abantu bangafunda ngemiqondo kaNkulunkulu beziphumulele. Bangacabanga, bazindle, futhi batadishe lokho uNkulunkulu akushoyo.—Bheka uJoshuwa 1:8; neyo-1 Thimothewu 4:15.

Iqiniso, iBhayibheli lalotshwa abantu, njengoba nje abantu baloba izincwadi zamaHindu. Kodwa abantu abaloba iBhayibheli babengaphansi kokuqhutshwa umoya ongcwele kaJehova uNkulunkulu. (2 Petru 1:21) Izincwadi zabo zazingesikho ukuzindla ngolwazi lokuhlakanipha komuntu. Futhi iBhayibheli linezimpawu ezihlukanisayo zokuqondisa kukaNkulunkulu. Ingabe ikhona enye into ngaphandle kokuqondisa kukaNkulunkulu engaba isizathu sokulandisa kweBhayibheli okungenzi-phutha ngendlela ukuphila okwavela ngayo emhlabeni? (Genesise isahluko 1) Ikhona yini enye into ngaphandle kokuqondisa kukaNkulunkulu engaba isizathu sokusho kweBhayibheli ngendlela engenaphutha, eminyakeni engaphezu kwezi-2 700 edlule, ukuthi umhlaba akusikho nje ukuthi uyimbulunga kuphela kodwa uphanyekwe “phezu kweze”? (Jobe 26:7; Isaya 40:22) Ingabe ikhona enye into ngaphandle kokuqondisa kwaphezulu engaba isizathu sokungenzi-phutha kweBhayibheli uma sibheka iziprofetho, njengesikuIsaya 44:28, lapho umnqobi wasePeresiya uKoresi oMkhulu abikezelwa ngegama eminyakeni engaba yi-130 ngaphambi kokuba azalwe? Ingabe noma imuphi umuntu wayengabikezela eminyakeni eyizi-2 500 edlule ukuba khona kwemibuso emibili emikhulu ephikisanayo okuyiyona engevelele emhlabeni wonke namuhla?—Daniyeli 11:27, 36-40.

Ngakho kunezizathu eziqinile zokukholelwa eBhayibhelini njengesambulo sentando kaNkulunkulu. Sikumema ukuba uhlole ngomqondo ovulekile lokho elikushoyo. OFakazi BakaJehova bayakujabulela ukusiza abantu ngabanye ukuba benze lokhu. Ngalendlela ukukhulekela kwakho ngeke kube ukuphishekelela ukuhlakanipha komuntu okuyize. (Mathewu 15:9) Ngeke futhi, njengamaSamariya asendulo, ukhuleke ‘kongakwaziyo.’ (Johane 4:22) Ngosizo lomoya kaNkulunkulu, ngempela ungazi ngisho “nokujulileyo kukaNkulunkulu.” (1 Korinte 2:10) Ngoba “uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina.”—2 IziKronike 15:2.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka futhi uEksodusi 33:11; Mathewu 3:17; 17:5; Johane 12:28.

[Isithombe ekhasini 5]

Izigidi zemukela izinkolo ezenziwe umuntu. Kodwa ingabe ziye zanikeza izimpendulo ezanelisayo emibuzweni ephathelene noNkulunkulu?

[Isithombe ekhasini 6]

IBhayibheli alibonisanga nje kuphela ukuthi umhlaba uyimbulunga kodwa futhi lathi uphanyekwe “phezu kweze.” Ingabe lokhu akubonisi ukuphefumlelwa kwaphezulu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela