Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 7/15 kk. 4-7
  • Izimfundiso Eziyiqiniso Ezijabulisa UNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimfundiso Eziyiqiniso Ezijabulisa UNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lidala Kangakanani?
  • Lihlelwe Kanjani?
  • Ungalethemba Yini IBhayibheli?
  • IBhayibheli Lisifundisani?
  • Wena Uzokwenzani?
  • Incwadi Eyembula Ulwazi NgoNkulunkulu
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • Ingabe IBhayibheli Ngempela Livela KuNkulunkulu?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Umthombo Oyingqayizivele Wokuhlakanipha Okuphakeme
    Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?
  • IBhayibheli​—⁠Incwadi Evela KuNkulunkulu
    Lingasifundisani IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 7/15 kk. 4-7

Izimfundiso Eziyiqiniso Ezijabulisa UNkulunkulu

UKUZE abantu basemhlabeni bazi ukuthi iziphi izimfundiso eziyiqiniso nezijabulisa uNkulunkulu, kumelwe abembulele imicabango yakhe. Leso sambulo kumelwe sitholwe yibo bonke abantu. Iyiphi enye indlela isintu esingazazi ngayo izimfundiso, ukukhulekela, nokuziphatha okuvunyelwa uNkulunkulu? Ingabe uNkulunkulu uye wakunikeza ukwaziswa okunjalo? Uma kunjalo, ngayiphi indlela?

Ingabe ukhona umuntu ophila amashumi ambalwa eminyaka ongafinyelela sonke isintu futhi abe umzila wokuxhumana noNkulunkulu? Cha. Kodwa umbhalo ohlala njalo ungaba umzila. Ngakho, bekungeke yini kufaneleke ukuba isambulo esivela kuNkulunkulu sitholakale ngencwadi? IBhayibheli lingenye yezincwadi zasendulo ethi iphefumulelwe uNkulunkulu. “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni,” kusho omunye wabalobi balo. (2 Thimothewu 3:16) Ake silibhekisise iBhayibheli futhi sibone ukuthi liwumthombo wezimfundiso eziyiqiniso yini.

Lidala Kangakanani?

Ezincwadini eziyinhloko zenkolo, iBhayibheli lingenye yezindala kakhulu. Izingxenye zalo zokuqala zabhalwa eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule. Le ncwadi yaqedwa ngo-98 C.E.a Nakuba labhalwa amadoda angaba ngu-40 enkathini eyiminyaka engu-1 600, iBhayibheli liyindikimba yemibhalo evumelana kamnandi. Lokhu kunjalo ngenxa yokuthi uMlobi walo wangempela uNkulunkulu.

Kuwo wonke umlando, iBhayibheli liye laba incwadi esakazwa kabanzi futhi ehunyushelwa ezilimini eziningi kunazo zonke izincwadi. Unyaka ngamunye, kusakazwa amaBhayibheli aphelele noma ayizingxenye angaba izigidi ezingu-60. IBhayibheli eliphelele noma izingxenye zalo ziye zahunyushelwa ezilimini ezingaphezu kuka-2 300 nemixhantela yazo. Abantu abangamaphesenti angaphezu kuka-90 banalo iBhayibheli, noma okungenani banengxenye yalo ngolimi lwabo. Le ncwadi iye yafinyelela zonke izizwe nezinhlanga.

Lihlelwe Kanjani?

Uma uneBhayibheli, kunganjani ulivule bese ubona indlela elihlelwe ngayo.b Okokuqala, phenya uhlu lokungaphakathi. Iningi lamaBhayibheli linalolu hlu ekuqaleni lapho kuhlelwe khona amagama encwadi ngayinye kanye nekhasi lapho ingatholakala khona. Uzophawula ukuthi empeleni iBhayibheli liyiqoqo lezincwadi eziningi, ngayinye enegama layo elingafani nelinye. Incwadi yokuqala ngqá uGenesise, futhi eyokugcina isAmbulo, noma i-Apocalypse. Lezi zincwadi zihlelwe zaba izingxenye ezimbili. Izincwadi zokuqala ezingu-39 zibizwa ngokuthi imiBhalo YesiHebheru ngoba ngokuyinhloko zazibhalwe ngolimi lwesiHebheru. Ezokugcina ezingu-27 zazibhalwe ngesiGreki futhi zakha imiBhalo YesiGreki. Abanye babiza lezi zingxenye ezimbili ngokuthi iThestamente Elidala neThestamente Elisha.

Ukuze kube lula ngomuntu ukuthola umBhalo awufunayo, izincwadi zeBhayibheli zinezahluko kanye namavesi. Uma kukhonjwe imiBhalo kulo magazini, kunegama lencwadi yeBhayibheli, bese kuthi ngemva kwayo kube nenombolo yokuqala ebonisa isahluko saleyo ncwadi kanti elandelayo isho ivesi. Ngokwesibonelo, isikhombo esithi “2 Thimothewu 3:16” sisho ukuthi incwadi yesiBili KuThimothewu, isahluko 3, ivesi 16. Bheka eBhayibhelini ukuze ubone ukuthi ungalithola yini leli vesi.

Awuvumi yini ukuthi indlela engcono kakhulu yokujwayelana neBhayibheli iwukulifunda njalo? Abanye baye bakuthola kuwusizo ukuqala ngofunda imiBhalo YesiGreki, beqala ngencwadi kaMathewu. Uma ufunda izahluko ezintathu kuya kwezinhlanu ngosuku, ungaliqeda lonke iBhayibheli ngonyaka. Kodwa ungaqiniseka kanjani ukuthi lokho okufunda eBhayibhelini kuphefumulelwe uNkulunkulu ngempela?

Ungalethemba Yini IBhayibheli?

Ingabe akufanele incwadi yabo bonke abantu nephefumulelwe uNkulunkulu ibe neseluleko sendlela yokuphila esingaphelelwa isikhathi? IBhayibheli libonisa ukuqonda isimo sabantu bazo zonke izizukulwane zesintu, futhi izimiso zalo zisebenza kakhulu namuhla njengoba nje zazinjalo ekuqaleni ngesikhathi libhalwa. Lokhu kungabonakala kalula enkulumweni edumile eyanikezwa uJesu Kristu, uMsunguli wobuKristu. Ilotshwe kuMathewu izahluko 5 kuya ku-7. Le nkulumo, eyaziwa ngokuthi iNtshumayelo YaseNtabeni, ayisibonisi kuphela indlela yokuthola injabulo yeqiniso kodwa nendlela yokuxazulula izingxabano, indlela yokuthandaza, indlela yokubheka izidingo zezinto ezibonakalayo nokunye okuningi. Kule nkulumo, nakuwo wonke amakhasi alo, iBhayibheli lisitshela ngokucacile okufanele sikwenze nokufanele sikugweme ukuze sijabulise uNkulunkulu futhi sithuthukise ukuphila kwethu.

Esinye isizathu sokuba ulethembe iBhayibheli ukuthi lapho likhuluma ngezindaba zesayensi, lokho okushiwo yile ncwadi yasendulo kunembile. Ngokwesibonelo, ngesikhathi iningi labantu likholelwa ukuthi umhlaba uyisicaba, iBhayibheli lakhuluma ‘ngesiyingi [noma imbulunga] somhlaba.’c (Isaya 40:22) Ngaphezu kwalokho, eminyakeni engaphezu kuka-3 000 ngaphambi kokuba isazi sesayensi esidumile uSir Isaac Newton sichaze ukuthi amaplanethi asemkhathini abanjwe amandla adonsela phansi, iBhayibheli lasho ngokusankondlo ukuthi ‘umhlaba ulenga phezu kweze.’ (Jobe 26:7) Cabanga nangale ncazelo esankondlo yokujikeleza kwamanzi asemhlabeni, eyalotshwa eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule: “Yonke imifula iyangena elwandle, kepha ulwandle alugcwali; endaweni eya kuyo imifula, ibuye iye khona njalo.” (UmShumayeli 1:7, iBhayibheli lesiZulu elivamile) Yebo, uMdali wendawo yonke ubuye abe uMlobi weBhayibheli.

Ukunemba komlando weBhayibheli kuvumelana neqiniso lokuthi liphefumulelwe uNkulunkulu. Izenzakalo ezilandiswa iBhayibheli azizona nje izinganekwane. Zenzeka ngezinsuku ezithile, kubantu nasezindaweni ezithile. Ngokwesibonelo, uLuka 3:1 ubhekisela ‘onyakeni weshumi nanhlanu wokubusa kukaTiberiyu Khesari, lapho uPontiyu Pilatu engumbusi waseJudiya, uHerode engumbusi wesifunda waseGalile.’

Nakuba cishe njalo izazi-mlando zasendulo zazibika kuphela impumelelo nobuhle bababusi, abalobi beBhayibheli babethembekile, bewavuma ngokungananazi ngisho namaphutha abo siqu. Ngokwesibonelo, inkosi yakwa-Israyeli uDavide yavuma: “Ngoné kakhulu kulokhu engikwenzile. . . . Ngenze ubuwula obukhulu.” Lawo mazwi abhalwe ngokucacile eBhayibhelini. (2 Samuweli 24:10) Nomlobi weBhayibheli uMose wabhala ngesenzakalo lapho yena uqobo engazange abonise ukwethembela kuNkulunkulu weqiniso.—Numeri 20:12.

IBhayibheli linobunye ubufakazi bokuthi liphefumulelwe uNkulunkulu. Lobo bufakazi iziprofetho zalo ezigcwalisekile—umlando owabhalwa ungakenzeki. Ezinye zalezi ziprofetho zimayelana noJesu Kristu. Ngokwesibonelo, eminyakeni engaphezu kuka-700 ngaphambi kokuzalwa kukaJesu, imiBhalo YesiHebheru yabikezela ngokunembile ukuthi Othenjisiwe wayeyozalelwa “eBhetlehema laseJudiya.”—Mathewu 2:1-6; Mika 5:2.

Cabanga ngesinye isibonelo. Kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5, iBhayibheli lithi: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu, abanesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bewaphika amandla ako.” Ingabe lokhu akuchazi isimo sengqondo sabantu abaningi namuhla? La mazwi alotshwa ngonyaka ka-65 C.E., eminyakeni engaphezu kwengu-1 900 edlule!

IBhayibheli Lisifundisani?

Njengoba isigijimi salo sembuleka phambi kwamehlo akho, uzokwazi ukubona ukuthi iBhayibheli liwumthombo wokuhlakanipha okuphakeme. Linikeza izimpendulo ezigculisayo zemibuzo enjengalena: Ungubani uNkulunkulu? Ingabe ukhona uDeveli? UJesu Kristu ungubani? Kungani kunokuhlupheka? Kwenzekani kithi lapho sifa? Izimpendulo ongase uzithole kwabanye zihlukahlukene njengezinkolelo namasiko abantu. Kodwa iBhayibheli lembula iqiniso ngalezi zindaba nangezinye eziningi. Ngaphezu kwalokho, isiqondiso seBhayibheli maqondana nokuziphatha kwethu nesimo sengqondo kwabanye abantu namagunya aphakeme, singcono kakhulu.d

IBhayibheli lembulani ngenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba nangesintu? Liyathembisa: “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho . . . Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” (IHubo 37:10, 11) “UNkulunkulu ngokwakhe uyoba [nabantu]. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” (IsAmbulo 21:3, 4) “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.

IBhayibheli libuye libikezele ukuthi maduze kuzophela impi, ubugebengu, ubudlova nobubi. Ukugula, ukuguga nokufa ngeke kusaba khona. Ukuphila phakade emhlabeni oyipharadesi kuzokwenzeka ngempela. Yeka amathemba ajabulisayo! Futhi yeka ukuthi konke lokhu kulubonisa kanjani uthando uNkulunkulu analo ngesintu!

Wena Uzokwenzani?

IBhayibheli liyisipho esimangalisayo esivela kuMdali. Yini okufanele uyenze ngale ncwadi? Indoda enesizinda sobuHindu yayikholelwa ukuthi ukuze isambulo esivela kuNkulunkulu sizuzise sonke isintu, kufanele kube esakudala ngesikhathi kusafufusa impucuko. Ngesikhathi iqaphela ukuthi ezinye izingxenye zeBhayibheli zindala kunemibhalo emidala kakhulu yamaHindu, amaVeda, yanquma ukufunda iBhayibheli futhi ihlolisise elikuqukethe.e Noprofesa waseyunivesithi e-United States wasiqaphela isidingo sokufunda le ncwadi esakazwa kabanzi kunazo zonke emhlabeni ngaphambi kokuba azakhele umbono othile ngayo.

Ukufunda nokusebenzisa lokho okufundiswa iBhayibheli kuyokulethela izibusiso ezicebile. IBhayibheli lithi: ‘Uyajabula umuntu onjabulo yakhe isemthethweni kaJehova, futhi ofunda umthetho wakhe ngezwi eliphansi imini nobusuku. Ngokuqinisekile uyoba njengomuthi otshalwe ngasemifudlaneni yamanzi, othela isithelo sawo ngenkathi yaso nomahlamvu awo angabuni, futhi konke akwenzayo kuyophumelela.’f (IHubo 1:1-3) Ukutadisha iBhayibheli nokuzindla ngalokho elikushoyo kuyokulethela injabulo ngoba isidingo sakho esingokomoya siyobe saneliseka. (Mathewu 5:3) IBhayibheli lizokubonisa indlela yokuphila ukuphila okunenzuzo nendlela yokubhekana ngokuphumelelayo nezinkinga. Yebo, ‘kunomvuzo omkhulu ukugcina’ imithetho kaNkulunkulu eseBhayibhelini. (IHubo 19:11) Ngaphezu kwalokho, ukuthembela ezithembisweni zikaNkulunkulu kuyokwenza ukuba uthole izibusiso manje futhi ube nethemba lekusasa eliqhakazile.

IBhayibheli liyasinxusa: “Njengezinsana ezisanda kuzalwa, yakhani ukulangazelela ubisi olungonakalisiwe olungolwezwi.” (1 Petru 2:2) Usana luncike ekudleni futhi luyabelesela ukuze leso sidingo saneliswe. Ngokufanayo, sincike ngokuphelele olwazini oluvela kuNkulunkulu. Ngakho ‘yakha ukulangazelela,’ noma isifiso esinamandla, ngeZwi lakhe. IBhayibheli liyincwadi equkethe izimfundiso eziyiqiniso ezivela kuNkulunkulu. Kwenze umgomo wakho ukulitadisha njalo. OFakazi BakaJehova basendaweni yakini bazokujabulela ukukusiza ukuba uthole okuningi ekutadisheni kwakho. Sikumema ngokufudumele ukuba uthintane nabo. Noma ungabhalela abanyathelisi balo magazini.

[Imibhalo yaphansi]

a U-C.E. usho ukuthi “Common Era [ngeSikhathi Esivamile],” ngokuvamile okubizwa ngokuthi A.D., noma Anno Domini (ngonyaka weNkosi yethu). U-B.C.E. usho ukuthi “Before the Common Era [Ngaphambi Kwesikhathi Esivamile].”

b Uma ungenalo iBhayibheli, oFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukutholela lona.

c Igama lolimi lwakuqala elihunyushwe ngokuthi ‘isiyingi’ elitholakala ku-Isaya 40:22 lingahunyushwa nangokuthi “imbulunga.” Izinguqulo ezithile zeBhayibheli zifundeka kanje, “imbulunga engumhlaba” (Douay Version) nokuthi “umhlaba oyindilinga.”—Moffatt.

d Lezi zindaba kuxoxwa ngazo encwadini ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, ekhishwa oFakazi BakaJehova.

e Kukholelwa ukuthi amaculo akuqala amaVeda aqanjwa eminyakeni ecishe ibe ngu-3 000 edlule futhi adluliselwa ngomlomo. Encwadini yakhe ethi A History of India, uP. K. Saratkumar uthi: “IVeda yabhalwa ngekhulu leshumi nane A.D.”

f UJehova igama likaNkulunkulu waseBhayibhelini. Ezinguqulweni eziningi zeBhayibheli, lingatholakala kumaHubo 83:18.

[Isithombe ekhasini 7]

‘Yakha ukulangazelela’ iZwi likaNkulunkulu. Tadisha iBhayibheli njalo

[Umthombo Wesithombe ekhasini 5]

NASA photo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela