Ukukhulekela Kweqiniso—Kwenziwa Umuntu Noma Kwembulwa UNkulunkulu?
CISHE yonke into umuntu ayaziyo, kuye kwadingeka azitholele yona.
Lona kanye ulwazi olungelutho oluyisisekelo—indlela yokutshala nokupheka ukudla, indlela yokwakha uphahla phezu kwekhanda lakhe—luye lwatholakala kuphela ngokuzama nokwenza amaphutha ngendlela ebuhlungu. Kodwa eminyakeni eyikhulu edlule umuntu uye wandisa ulwazi lwakhe ngokushesha lwaba ngalé kwezidingo nje zokuphila. Manje uhlukanisa iathomu, undiza ngokushesha ngaphezu kwejubane lomsindo—uze ngisho athumele abantu emkhathini njalo. Nokho, ingabe lokhu kusho ukuthi umuntu ukwazi ngokufanayo ukuzitholela yena ukuthi angamkhonza kahle kangakanani uNkulunkulu?
Akunjalo ngokomlobi wamaHubo 143:10, owathi: “Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba wena unguNkulunkulu wami; umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelezekileyo.” Kanjalo umhubi waqaphela ukuthi umuntu, ngalo lonke ulwazi lwakhe nokuhlakanipha, udinga usizo lwaphezulu ukuze afunde intando kaNkulunkulu. (Qhathanisa noJeremiya 10:23.) Nokho, lokhu kungasho ukuthi uNkulunkulu kumelwe azembule kumuntu ngandlela thile.
Ingabe iye yenzeka into enjalo? Ngezigidi, iBhayibheli liwubufakazi bokuthi isambulo esinjalo sesiye senzeka kakade. Nokho, abanye bayaphika. Bahlabeke umxhwele ngokuhlakanipha komuntu kangangokuthi abasiboni isidingo sesambulo esinjalo. Laba bangase bathi ulwazi lwenkolo “wonke umuntu uzalwa nalo” noma bathi ulwazi olunjalo “lungatholakala ngokusebenzisa umqondo” kunokuluthola “ngesambulo noma ngokufundisa kwanoma iliphi isonto.”
Nokho, uma lokhu kuyiqiniso, kungasho ukuthi, bekungaba kumuntu ukuqamba inkolo yakhe, aziqalele izimfundiso zakhe nezindinganiso zokuziphatha. Ingabe lokhu kubonakala kunengqondo kuwe? Iyiphi injongo ebingafezwa inkolo eyenziwe umuntu? Ingabe ibingakwazi ngempela ukwanelisa izidingo zomuntu ezingokomoya? (Mathewu 5:3) Ibingayiphendula ngempela imibuzo abantu abafuna iqiniso abayibuzayo ngoNkulunkulu?
Ake sihlole lemibuzo ngokubheka kafushane enkolweni eye yazama ukuthola uNkulunkulu ngokucabanga komuntu nolwazi lokuhlakanipha—ukholo lwamaHindu.