Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 7/1 kk. 7-10
  • Izithunjwa Ezintathu Zokukholelwa Ezeni Zithola Inkululeko

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izithunjwa Ezintathu Zokukholelwa Ezeni Zithola Inkululeko
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UEdmond ‘NemiMoya Yomfudlana’
  • Ukufuna Kuka-Adama Impumelelo
  • UAthanase Nomuthi Wakhe Wenhlanhla
  • Iqiniso Ngezinto Zenhlanhla
  • Imimoya Engabonakali—Ingabe Iyasisiza? Noma Ingabe Iyasilimaza?
    Imimoya Engabonakali (us)
  • Melana Nebutho Lomoya Ababi
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • Imimoya Emibi Inamandla
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ingabe Ukuphila Kwakho Kulawulwa Yizinkolelo-ze?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 7/1 kk. 7-10

Izithunjwa Ezintathu Zokukholelwa Ezeni Zithola Inkululeko

BABEMBIZA ngokuthi uM. Tout-Blanc, okusho ukuthi “Mnu. Mhlophe.” Isakhamuzi sasedolobheni laseIvory Coast iDimbokro, uEdmond wayeye wagqoka izingubo ezimhlophe kuphela yonke iminyaka eyi-16! Futhi uma ubuza uEdmond ukuthi kungani ayegqoka ezimhlophe zodwa, wayemane akutshele ukuthi kungoba wayehlonipha. Kodwa ehlonipha bani—noma ini—wayengasho.

Into ka-Adama eyayiyigugu kwakuyihembe lakhe ‘lempangele’ elilukiwe. Lalibizwa kanjalo ngoba imibala yalo emnyama nemhlophe yayikhumbuza ngempangele. Ukuthungwa kwalo kwakuwuhlobo lomsebenzi wesizwe samaTagbana eIvory Coast esenyakatho ephakathi. UAdama wayethole ihembe eseyingane, kodwa ngisho esemdala wayelilondoloza ngokunakekela endaweni elondekile. Wayezizwa kumelwe enze kanjalo.

Ngokufanayo uAthanase wayenokuthile ayekuthanda kakhulu—ibhodlela lamakha, ngokumangalisayo, elaligcwele inhlanganisela yempushana yekaolin (ubumba olumhlophe), isihlabathi, namanzi. Kodwa eqinisweni wayesaba ukulilahla!

Wonke lamadoda amathathu ayengabathunjwa bokwesaba kokukholelwa ezeni, nokungokwenkolo. Ukwesaba okwakukubusa ngempela ukuphila kwawo! Izigidi ezengeziwe zisekuthunjweni okufanayo. EAfrika abaningi bakholelwa ukuthi izinto ezinjengeziphandla, izindandatho, izithombe eziqoshiwe, kanye nemigexo zinamandla angaphezu kwawemvelo okuxosha imimoya emibi. Abakhuthaza ukukholelwa ezeni, njengabapristi abakholelwa enhlanhleni, baphila ngokwesaba okunjalo. Futhi iAfrika ayiyodwa kulokhu. Abalandeli abaningi bempucuko yaseNtshonalanga banenkolelo efanayo uma kuziwa ezintweni “zenhlanhla,” njengonyawo lukanogwaja nesondo lehhashi. Noma kunjalo, njengoba uEdmond, uAdama, noAthanase bafunda, kunendlela yokuphuma kulokhu kuthunjwa.

UEdmond ‘NemiMoya Yomfudlana’

Enye yezinkumbulo ezindala zikaEdmond ileyo yokuphelezela abazali bakhe beya entabeni “engcwele” ngaphandle kwedolobha labo. Eduze kwakunomfudlana lapho iminikelo yezinkomo nezimvu yayinikelwa khona ukuze kujatshuliswe imimoya yomfudlana. Abantu babeza babuze kulemimoya ikhambi lezinkinga zabo. Bonke babezwa kuphuma izwi kulomfudlana elalibanika njalo iseluleko.

Izingane ezithile emkhayeni ngamunye kwakuthiwa zinobuhlobo obukhethekile nalomoya. UEdmond wayengenye yazo, ngokusho kompristi okholelwa ezintweni zenhlanhla. Khona-ke, wayethembela kulomoya ukuba umqondise. Lapho uEdmond esemdala ngokwanele ukuba asebenze, wayeya kulomoya uma kubonakala ukuthi ezinye izisebenzi zazisethubeni lokuthola isikhundla ayesifuna. Umoya wawumtshela ukuba anikele inkukhu noma imvu njengomhlatshelo. Ngokuzincengela kanjalo emimoyeni, wayeqiniseka ngokuthi asebenza nabo babeyokwehlelwa “yishwa.” UEdmond wathuthuka ngokushesha futhi waba nesikhundla esiphakeme lapho esebenza khona. Ngisho nabazali bakhe, beqaphela ‘ubuhlobo bakhe obukhethekile,’ babeza kuEdmond uma bedinga ukuthintana nalomoya.

Ngokumangalisayo, uEdmond akabonanga kushayisana phakathi kokusebenzelana nemimoya nobuKatolika. ESontweni lamaKatolika ayeya kulo njalo, imikhuba yobuhedeni, njengokudlala izigubhu, yayiqhutshwa kanye nenkonzo “yobuKristu.”

Ekugcineni, umsebenzi kaEdmond wamletha enhloko-dolobha, iAbidjan. Lapho waba nesithakazelo komunye umoya—lowo umlamu wakhe ayeya kuwo njalo. Nokho, lomoya wawuxhumene nemitata nolwandle. Bawubiza ngokuthi Mami-Wata. Eduze komunye wemitata kwakunendawana esithekile uEdmond ayeya kuyo njalo ukuze abonane nalomoya athole iseluleko.

Nokho, ngelinye ilanga lomoya wabonakala ukhathazekile. “Iyini inkinga?” kubuza uEdmond. Umoya wakhala ngokuthi umlamu kaEdmond wayengasezi kuwo. “Kungani?” kubuza uEdmond. Watshelwa ukuthi kwakungenxa yenkolo entsha kamlamu wakhe. UEdmond waxakeka, ngoba wayengumKatolika, kodwa umoya wawungakaze ukhononde ngalokho. Kwakumelwe ukuba kwakunokuthile okuhlukile ngalenkolo entsha. Ngokushesha uEdmond wayezovakashelwa ilungu lalenkolo, futhi izinsuku zakhe zokuya kuMami-Wata nazo zazizophela.

Ukufuna Kuka-Adama Impumelelo

Isifiso sika-Adama sasiwukuphumelela ekuphileni. Abazali bakhe babengama-animists, bekholelwa ukuthi yonke into ebonakalayo inomphefumulo. Ngakho bamnika into yenhlanhla—ihembe ‘lempangele’—ukuze abe nenhlanhla aphumelele kahle esikoleni. Nokho, lapho ehluleka ekuhlolweni kwakhe kwasesikoleni, waphetha ngokuthi ezinye izingane kumelwe ukuba zinezinto zenhlanhla ezinamandla kuneyakhe.

Wakhuluma nabazali bakhe ngalokhu, futhi manje bamnika uphondo lwembuzi. Wayezolubophela ngentanjana encane kakhulu, esipikilini ophahleni lwekamelo lakhe. Ekuseni wayeya kulento yenhlanhla, ayitshele konke akufunayo. Khona-ke intanjana encane yayinqamuka! Manje, ngokwendlela uphondo lwembuzi oluwe ngayo, wayenquma noma kumelwe aqhubeke namacebo akhe osuku noma cha. Lento entsha yenhlanhla, nayo, yabonakala ingaphumeleli.

Ngemva kokuba uAdama eseqede isikole, waya edolobheni laseAgboville. Lapho, omunye wabangane bakhe wamqondisa kumpristi wezinto zenhlanhla, owathi angamqinisekisa uAdama ngokuphumelela ekutholeni umsebenzi. Elalela iziyalezo zompristi, uAdama wathenga ingidi encane. Watshelwa ukuba akhulume embotsheni yengidi asho zonke izinto ayezifuna ekuphileni. “Ngifuna ukuthola umsebenzi,” ekhuluma engidini, wayivala, futhi walindela impumelelo. Kodwa ayizange ifike.

Noma kunjalo, uAdama akazange alahle ithemba. Wayeqiniseka ukuthi wayesalokhu evikelwe umlingo wehembe lakhe ‘lempangele’ eliyigugu.

Ekugcineni uAdama wawuthola umsebenzi edolobheni laseSan Pedro. Kwakungelona uhlobo lomsebenzi ayewufuna, kodwa kwakuwumsebenzi. Kusihlwa, uAdama wayevakashela ekhaya lomngane. Ngobunye ubusuku wathola ukuthi umngane wakhe wayenesivakashi—umfundisi weBhayibheli. NjengomKatolika oshisekayo, uAdama wakuphikisa okwakushiwo isivakashi. Nokho wahlatshwa umxhwele umqondo wokutadisha iBhayibheli ukuze afunde ngoMdali. Ngobunye ubusuku lapho isihloko okwakuxoxwa ngaso sithi “Ikhona Yini Imimoya EMibi?” uAdama akakwazanga ukuzibamba ekubeni ahlanganyele engxoxweni ngokugcwele. Izinsuku zakhe njengomkhulekeli wezinto zenhlanhla naye zase zifika esiphelweni.

UAthanase Nomuthi Wakhe Wenhlanhla

UAthanase wakhula eyi“Harrist”—ihlelo lobuKristu, lokuzisholo elasungulwa uWilliam Wade Harris. WayengumLiberia owathi ukhethwe njengomprofethi ingelosi uGabriyeli. Cishe ngawo-1913, uHarris wahamba eLiberia waya eIvory Coast futhi waqala ukushumayela. Enye incwadi ithi: “Lapho ekhuluma, izinto zenhlanhla zaziba impuphu, labo ababekhonza izithombe balahla onkulunkulu babo bamanga, wonke amadolobha emukela inkolo yakhe. . . . Wathuthuka, edondolozela ngenduku enesiphambano sokhuni phezulu, elandelwa abesifazane abayisithupha bonke begqoke ezimhlophe njengaye futhi ababiza ngokuthi ‘abafundi’ bakhe.”

Ubaba ka-Athanase wamtshela ukuthi wayeyoba umpristi oyiHarrist uma esekhulile. Lapho amaHarrist ecatshangelwa njengazisolayo izinto zenhlanhla, athi iBhayibheli linamandla ezimangaliso! Njengomsunguli wawo, abapristi bamaHarrist babesebenzisa iBhayibheli ekubusiseni nasekuphulukiseni abantu. Nokho, uAthanase waphawula ukuthi babeyingcosana ababelifunda, beyingcosana kakhulu ababelilandela, iBhayibheli.

Lapho eseqede isikole, wanquma ukuchitha amasonto amabili enelungu eliphakeme lenkolo yamaHarrist, ethemba ukuthi lokhu kwakuyophumela ekutholeni kwakhe umsebenzi. Kwammangalisa, ukuthi umholi wenkolo wamnika umuthi wenhlanhla—ibhodlela lamakha elaligcwele impuphu yebumba, isihlabathi, namanzi—futhi wamtshela ukuthi lokhu kwakuyoqinisekisa impumelelo yakhe ekutholeni umsebenzi. “Kodwa,” kusho lelilungu, “uma ulilahla, uyohlanya futhi ugcine ngokufa!”

UAthanase wayedidekile. Wayengabonimehluko phakathi kwalelibhodlela lamakha nezinto zenhlanhla ezazisetshenziswa amalunga ezinye izinkolo. Nokho, esaba abazali bakhe nomholi wenkolo, wawugcina umuthi wenhlanhla. Awuzange uyilethe inhlanhla ayeyithenjisiwe. Kwaphela unyaka wonke efuna umsebenzi kodwa kungekho mpumelelo. Nokho, uAthanase, naye, wahlangana nothile owamkhulula ekwesabeni umuthi wenhlanhla.

Iqiniso Ngezinto Zenhlanhla

Wonke lamadoda amathathu ahlangana noFakazi BakaJehova. Ngesifundo seBhayibheli noFakazi, afunda ngemvelaphi yemimoya. IBhayibheli labonisa ukuthi ngaphambi kukaZamcolo kaNowa, izingelosi zahlubuka kuNkulunkulu futhi zathatha imizimba yabantu ukuze zijabulele ubuhlobo bobulili nabesifazane. UZamcolo waphoqelela lemimoya ukuba ilahle imizimba yabantu, futhi kusukela lapho iye yabhajwa endaweni yemimoya. Akumangalisi ukuthi lamademoni agcizelela kangaka izinto ezibonakalayo, njengezinto zenhlanhla!—Genesise 6:1-5; 2 Petru 2:4.

Ngokuhamba kwesikhathi ngayinye yalamadoda amathathu yakha uthando ngoJehova uNkulunkulu nenzondo ngezenzo eziphathelene nemimoya. IBhayibheli likusola ngokusobala ukufuna ukuxhumana nemimoya emibi, lithi kuDuteronomi 18:10-12: “Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezizinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho.” Bengafuni isijeziso sikaJehova, manje bobathathu balandela iseluleko somfundi ongumKristu uJakobe: “Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibabalekela.”—Jakobe 4:7.

Nokho, ukugqashula ekuthunjweni okungokwenkolo kwakungelula. Ngokwesibonelo, uEdmond, kwadingeka ashise imithi yenhlanhla eyayimxhumanisa ngokusobala no“Mami-Wata.” Kodwa wathuthuka kahle ngemva kwalokho, enikezela ngisho nokuphila kwakhe kuNkulunkulu futhi ebhapathizwa njengesibonakaliso salokhu. Khona-ke, esontweni elilodwa nje ngemva kokubhapathizwa kwakhe, imimoya yaqala ukumhlupha. Amazwi anitshela ukuthi makashiye lolukholo olusha. Kodwa uEdmond wathandaza futhi wabiza igama likaJehova. Ekugcineni imimoya emibi yayeka ukumkhathaza.—IzAga 18:10.

NoAdama wayenezinkinga zakhe. Efisa ukusiza abanye ukuba bagqashule ethonyeni likaSathane, waba umshumayeli wesikhathi esigcwele. Nokho, okwesikhashana wakhathazwa imizwa yokudumazeka. Waba nomuzwa wokuthi wayengathuthuki kahle nokuthi naphezu komsebenzi omkhulu wobuKristu, ingokomoya lakhe laliphansi. Yini eyayingaba isizathu sokuzinyeza okunjalo? Ngokushesha uAdama wakhumbula ukuthi wayesenaleliyahembe ‘lempangele’ ayelinikwe abazali bakhe. Waphenya endlini, wathola leloketanga lokugcina elalimxhumanisa nezwe lemimoya futhi walibhubhisa. Wathi, “Ngazizwa ngikhululeke kakhulu engqondweni yami.”

NoAthanase kwakudingeka alahle okuthile—lowamuthi wenhlanhla ayewunikiwe. Ngemva kokwenza lokhu, wagula kakhulu. ‘Ingabe kwakungenxa yokungalaleli umyalo wokiingawulahli?’ ezibuza. Kodwa naye waphendukela kuJehova ngomthandazo. Kunokuba ahlulwe ukucindezela kwezihlobo zakhe kokuba abuyele emimoyeni futhi, wafuna usizo lodokotela. Ngokuhamba kwesikhathi, impilo yakhe, kokubili engokwenyama nengokomoya, yathuthuka. UAthanase manje usebenzisa izimpelasonto esiza omakhelwane ukuba bafunde iqiniso leBhayibheli.—Johane 8:44.

Okuhlangenwe nakho kwalaba abathathu ababeyizithunjwa zokukholelwa ezeni kuqinisekisa ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyakwazi ukusebenza ngamandla kulabo abakholwayo. (1 Thesalonika 2:13; IzEnzo 19:18-20) Abanye abangaphezu kwezi-2 000 eIvory Coast basebenza nalezinsizwa ekusizeni abantu ukuba bathole inkululeko ekuthunjweni okungokwenkolo. OFakazi BakaJehova endaweni yakini, nawe, bayokusiza ngenjabulo ukuba uthole inkululeko enjalo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela