Siyini Isihluthulelo Senjabulo?
UKUZE ujabule, kumelwe ucebe, ube muhle futhi uthandwe abantu. Ungase ucabange kanjalo, uma kumelwe sikholelwe ezokukhangisa, amabhayisikobho nezincwadi.
Kodwa, ekugcineni, ingabe imali nezimpahla eziningi kuphumela enjabulweni yoqobo nehlala njalo? Ingabe ubusha nobuhle bomzimba kudingekile ngawe ukuze ujabule? Abantwana abadlalayo ngokuvamile babonakala bejabula. Kodwa yini ngempela eyisihluthulelo senjabulo?
Ingabe UNkulunkulu Angayithuthukisa Injabulo Yethu?
Ungase utshelwe ukuthi injabulo empeleni ixhomeke ekubeni nobuhlobo obuhle noNkulunkulu. Kodwa abantu abaningi bakuthola kunzima ukukholelwa kuNkulunkulu. Abamboni, abamazi futhi bacabanga ukuthi kumelwe nje bakwamukele ukuthi ukhona. Ngakho abakwazi ukubona indlela uNkulunkulu angayithuthukisa ngayo injabulo yabo.
Kuyiqiniso, ngoba “uNkulunkulu unguMoya” asinakukwazi ukumbona ngamehlo ethu. (Johane 4:24) Kodwa, ingabe akukuningi okungabonakali nakuba sivuma ukuthi kukhona? Sijabulela ubungane kodwa asikuboni lokho thina nabangane bethu esikuzwayo ngempela. Siyacabanga, kodwa ingabe ukhona umuntu osewake wabona imicabango? Siyaphila, kodwa ingabe singawabona amandla okuphila?
Yonke into emhlabeni engakonakaliswa umuntu ibonisa ubukhona bokuhleleka, ubuhle nokufaneleka. Ngakho kumelwe kube khona othile oye wacabangela ngokunakekela futhi waklama izinto, othile onomuzwa omkhulu wokubumbeka nobuhle—yebo, othile okwaziyo okuyosenza sijabule. Umbhali wezikhathi zasendulo wenza ukuphawula okumangalisayo ngokuthi izimfanelo ezingabonakaliyo zikaNkulunkulu zibonakala ngezinto aye wazenza. Ingabe umfanekiso omuhle opendiweyo noma into ebaziweyo ayimbuli okuningi ngengcweti eyawenza? Yebo, kungokufanayo nangoNkulunkulu. Kunokwenzeka “ukumbona” endalweni nakukho konke asenzela khona.—Roma 1:20.
Yini UNkulunkulu Asenzela Yona?
UNkulunkulu angasisiza ukuba sijabule, ngisho nakuba sibona nje kuphela athile amandla akhe, ukuhlakanipha nothando emisebenzini yakhe yendalo. Ngokuphambene nababusi abaningi bezwe, unobungane kulabo ababusayo. Ngothando uJehova uNkulunkulu unikeza izidalwa zakhe umyalo ongazisiza ukuze ziphile ukuphila okujabulisayo. Eqinisweni, iBhayibheli ligcwele ‘izikhumbuzo’ zikaNkulunkulu ezithuthukisa injabulo.—IHubo 25:8-10.
Ecaphuna imithetho ethile esenza sazi indlela uNkulunkulu abheka ngayo izenzo ezihlukahlukene, uJesu Kristu wathi: “Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokho uzithanda wena.” (Mathewu 19:18, 19) Ucabanga ukuthi izwe ngabe linjani ukuba imiyalo enjalo yayisetshenziswa? Ngokuqinisekile ukuba akukho muntu ongumbulali, ophingayo, oyisela, njalonjalo, isintu ngabe siyajabula kahle kakhulu.
ImiBhalo ithi: “Bayajabula abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova?” (IHubo 144:15, NW) Yeka ukuthi kuyiqiniso kanjani! Abaningi baye basebenzisa iseluleko sikaNkulunkulu, futhi lokhu kuye kwabanikeza ukuthula nethemba okungokudingekayo ukuze kube nenjabulo yeqiniso. (Filipi 4:6, 7) Ake siphawule okushiwo abambalwa babo.
Yini eyayingenza umuntu ohlala endaweni ngokungemthetho noluthwa imilaliso ajabule? Uye wakhetha ukuphila okonakele, ukuphuza kakhulu, isithakazelo emicimbini ye“pop” nokulwa. Yebo, angabona ukuthi umphakathi awuzonda awuguqulwanga izinto azenza. Waba nomuzwa wokuthi okuwukuphela kwento angayenza, ukuba azijabulise futhi enze lokho akuthandayo. Kodwa abazali bentombazane ayeshade nayo bambonisa indlela eya emphakathini omusha manje osukhona. Uthi: “Lapho ngishada, kwakunjengokungathi ngiphoqelelwa ukuba ngibone ukuthi ukuphila engangikuphila kuze kube ngalesosikhathi kwakungaphumela enhlekeleleni kuphela. Manje nginokuqonda okujulile kokuthi ukulandela iseluleko seBhayibheli kungaletha izinguquko ezinkulu ezinhle ekuphileni komuntu. Ngikhonza uNkulunkulu njengofakazi kaJehova obhapathiziwe kanye nomkami nabantwana ababili.” Lendoda iye yathola injabulo yeqiniso njengomKristu.
Cabangela esinye isibonelo. Kodwa okokuqala zibuze: Bengiyojabula kangakanani ukuba ngangisanda kuhlinzwa ngenxa yekhensa, futhi ngisathola ukwelashwa ngemisebe futhi kusenokwenzeka ukuba ngihlinzwe okwesibili? Owesifazane othile onenkinga yalezizilonda wake waziwa esifundeni sakubo njengesifebe. Kwathatha isikhathi ngaphambi kokuba akwazi ukugcina zonke izeluleko ezingokomBhalo azamukela. Kodwa ukuthembela kuNkulunkulu kwamenza wakwazi ukwenza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwakhe. Esifundeni sakubo eNetherlands, lapho wonke umuntu emazi ngedumela lakhe langaphambili, manje uya endlini ngendlu ukuze amemezele “izindaba ezinhle” futhi asize abanye bathole injabulo yoqobo. Nakuba lona owesifazane enezinkinga zempilo ezingathi sína, uthi: “Ngibeke lonke ithemba lami kuJehova uNkulunkulu, futhi uyongisiza.” Naye uyayazi injabulo yoqobo.
Okuhlangenwe nakho kowesifazane osekhulile eAmsterdam kubonisa ukuthi umuntu akalahlekelwa injabulo yeqiniso naphezu kwezithiyo eziningi kulelizwe elingajabulisi. Lona wesifazane wayeshade ngokujabulisayo iminyaka engama-57, kodwa ezinyangeni ezimbalwa ngemva kokuba umfelokazi wathi: “Ngiyajabula ngempela, ngizizwa ngilondekile endlini yami futhi angesabi.” Siyini isihluthulelo senjabulo yakhe? Uthi: “Uma ulalela imithetho kaNkulunkulu, khona-ke uyojabula.”
Injabulo Ingaba Ngeyakho
Ngakho kubonakala ukuthi ukuthula kwangaphakathi nenjabulo akuxhomeki kakhulu ezimweni ezinjengempilo, umnotho, udumo nokunye. Injabulo ehlala njalo ixhomeke kunembeza omuhle, ukuzihlonipha, abangane beqiniso—futhi, ngaphezu kwakho konke, ubungane noNkulunkulu. Kungani ungazami ‘ukumbona’ ngokubheka indalo yakhe ngokuqonda okwengeziwe futhi ikakhulukazi ngokutadisha iBhayibheli? Ubani owaziyo ukuthi ungase ujabule kangakanani ngoba uzindla ngalokho okufunda eZwini likaNkulunkulu eliphefumlelwe?
Kodwa ingabe abantu ababa ofakazi bakaJehova bajabula ngokuphelele ngaso sonke isikhathi? Eqinisweni akunjalo. Njengoba isihloko esilandelayo sibonisa, abantu abangaphelele bonke banezinkinga futhi badinga usizo ekubhekaneni nazo. Kodwa iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lisiza amaKristu aqotho ukuba aqhubeke ehamba endleleni eya enjabulweni engapheliyo.