Ingabe Ikhona Indlela Yokuphuma Osizini?
YEKA ukuthi ingakheka kanjani imicabango ephikisanayo ngaphakathi kubantu! Kungenzeka ngokushesha, ngenxa nje yalokho othile aye wakusho noma wakwenza noma ngenxa yokuhlangabezana nento ebuhlungu. Esikhathini esinjalo kunzima ukucabanga noma yini. Futhi sithola ukuthi, ngenxa yokungayiboni indlela yokuphuma ebunzimeni bethu, ubuhlobo bethu noNkulunkulu buyalimala. Singase sicabange ngisho nokuyeka ukulwela ukholo. (Juda 3) Injabulo yethu iyancipha futhi sibanjwa umoya wendumalo. (IzAga 18:14) Ngobuqotho sifisela ukuhlala ‘endleleni yokuphila,’ kodwa kubonakala sengathi lendlela iba nzima kakhulu kithi.—IHubo 16:11.
Yini engenziwa uma izimo zethu zibangela usizi kangako? Ingabe kumelwe nje siqhubeke sizama ngokungajabuli? Noma ingabe ikhona indlela ethile yokuphuma osizini?
Ukuzibheka
Abantu bayehlukana kakhulu ekusabeleni kwabo ezinkingeni. Ngakho lapho sibhekene nobunzima, kuhle ukuba sizibheke ngobuqotho. Kungase kube khona okuthile kithi okufuna ukulungiswa.—IHubo 139:23, 24.
Abantu abathile bangezwa ubuhlungu obukhulu bethule, futhi abanye babonakala bebunqoba ngokushesha ubunzima babo kunabanye. Lokhu kungase kube ngenxa yendlela abakhuliswa ngayo, ubuntu noma isimo sempilo. Ngokwesibonelo, uma umuntu ayentula uthando nokuqeqeshwa okuhle ebusheni bakhe, angase abe nobunzima obukhulu uma esemdala.
Labo abancishwa uthando besebancane ngokuvamile basheshe bacabange ukuthi abantu ababathandi futhi kungakho bebaphatha kabi. Ngakolunye uhlangothi, labo abaye batotoswa ngokunakekelwa kakhulu ngokuvamile balindela ukuba yonke into ekuphileni ibe seduze kwabo, futhi ngenxa yalesosizathu ubungane nabo abuqhubeki isikhathi eside. Ngalabo abanezinkinga zempilo, noma ikuphi ukuphathwa okungemthetho nokudunyazwa kungaba okuvivinya kakhulu. Ngokuvamile banomuzwa wokuthi abakwazi ukubekezelela noma yini. Ngakho uma sithambekele ekuzweleni kakhulu, kuhle ukucabanga ngalezizici, ikakhulukazi uma sinomuzwa wokuthi siye sawela ochungechungeni lwezinkinga ezingenakwehlulwa.
Uma sikhathazwa okuthile, ingabe sithambekele ekuqheleni kulabo abaseduze nathi? Lokhu kuwukusabela okuvamile, kodwa akumelwe kuvunyelwe kuqhubeke isikhathi eside. Ngaphandle kwalokho, ingozi ekhona iwukuthi, njengoba sizindla ngezinkinga zethu, siyoqala ukuthola noma ubani osizungezile ewuhlupho. Singase sizehlukanise ngokungahlakaniphile, futhi kungaba sengathi indlu yethu igcwele izibuko esizibuka kuzo njalonje ukuze sibone ubunzima esinabo.—IzAga 18:1.
Lapho ubumoya bethu buphansi kusenokwenzeka kakhulu ukuba sisole abasizungezile. Uma futhi senza iphutha lokubabeka icala ngezisusa ezimbi, lokho kungabangela ukucindezeleka okukhulu. Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukungazindlekeli ngokungafanele!—Qhathanisa no-1 Thimothewu 6:4.
Ingabe mhlawumbe sizwela kakhulu ngamaphutha alabo esijwayelene nabo? Ukuphila bekuyoba mnandi kakhulu ukuba besingabonisa ukubekezela nokuqonda. Khumbula ukuthi uJesu Kristu wathi: “Uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.” Esikhundleni sokubalisa ngendlela abantu abaye basiphatha ngayo, kumelwe sithandaze kuJehova, simcele ukuba asize labo abaye basicasula. Kakade, abazilimazi yini bona kunathi? Yebo, “ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.”—Mathewu 6:14; Galathiya 6:7.
Uma sicindezeleke kanzima, mhlawumbe sithandaza kuJehova ngendlela ethile yobuntwana, simcele ukuba asenze sijabule futhi. Yebo, singase sikwenze lokhu. Kodwa singalindela ukuthi uyosusa ngokushesha yonke imicabango emibi nenkumbulo yosizi? Izinto ezithile ziye zenzeka, kodwa kukuphi lapho kungenzeka khona ukungajabuli? Ingabe kusekukhumbuleni lokho okuye kwenzeka noma ekusabeleni kwethu kabi kulokho? Ingabe akukhona yini ukuthukuthela kwethu, ulaka lwethu nokuzidabukela okusincisha kakhulu injabulo yethu nokulinganisela ngokomoya?
Ngakho-ke, siyobe sihlakaniphile uma sinqoba imizwa eqeda amandla kanjalo ngokushesha uma iqala ukuvela kithi. Ngaphandle kwalokho, singase siphazamiseke imizwa yethu size singene esimweni cishe esingenathemba. Khona uma sicela kuJehova, uyosisiza. Kodwa asinakulindela izimangaliso, ngoba singase siphindele endleleni engalungile esiye sayithatha. Ngakho masilungise izinto ngalesosikhathi, uma kudingekile. Ukuhlala nonembeza omubi nomoya ongajabuli kudumaza kakhulu kunokuvuma amaphutha. Ngobuqotho ‘masihlole izindlela zethu,’ ngamandla avuselelwe, sizimisele ukuthi siyosebenza ngamandla kaNkulunkulu ukuze senze ngcono.—IsiLilo 3:40-42.
Ukuqondisa Imicabango Yethu
Eqinisweni, ukuthi sijabula ngempela noma cha kuxhomeke kithi kakhulu. Kungakho sidinga ukuba imicabango yethu iqondiswe. Ngaphandle kwalokho, izinkumbulo ezimbi, imicabango yobuthutha noma ngisho nezisusa ezimbi kuyohlala ngokushesha. Uma sizithola sisesimweni sengqondo esingajabulisi, singase sizibuze: Yini ebengiyicabanga ngaphambi kokuba ngidikibale ngokushesha? Yebo, singase silucishe uhlelo olubi lwethelevishini, kodwa imicabango emibi, uma isilapho, ayixosheki kalula. Nokho, yeka isibusiso okuyiso ukuthi singathandazela usizo kuNkulunkulu! Ngomoya wakhe ongcwele, noma amandla ayisiphekupheku, uJehova uyosisiza ngokujabula ukuba sibambe imicabango yethu. Umhubi uDavide wake wathi: “Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami ukududuza kwakho [Jehova] kwathokozisa umphefumulo wami.”—IHubo 94:19.
Uma sinxusa uJehova ukuba asisize, noma ngasiphi isizathu, kumelwe simlalele uma ekhuluma nathi. Ukuhlakanipha kwakhe okungapheli nothando kuboniswa emiBhalweni, neseluleko kunoma isiphi isimo okungenzeka sihlangabezane naso sibekwe ngokukhanyayo eBhayibhelini. Ngakho-ke, injabulo yethu ingabuyiselwa noma iqiniswe uma sisebenzisa iseluleko sikaJehova ekuphileni. UJesu wathi: “Babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”—Luka 11:28.
Singase siqondise ngokunenzuzo imicabango yethu ngokugcina engqondweni umbhalo othile weBhayibheli amahora ambalwa noma ngisho usuku lonke. Uma sihlangana namazwi aduduza ngokukhethekile noma aqinisayo ekufundeni kwethu iBhayibheli, singawagxilisa engqondweni. Khona-ke isikhathi ngasinye, uma sizwa isidingo, singase siphindaphinde lamavesi eZwi likaJehova. Ngalendlela “uNkulunkulu wenduduzo yonke” uyosisiza, futhi “ukuthula kukaNkulunkulu” ‘kuyolondoloza izinhliziyo zethu nemicabango.’ Khona-ke, naphezu kwezinkinga zethu, singakwazi ukubekezela enkonzweni yakhe ngenjabulo. Yebo, akumelwe nje sifunde kuphela lokho uNkulunkulu akucabangayo ngezinto kodwa kumelwe futhi senze lokho asitshela ukuba sikwenze.—2 Korinte 1:3, 4; Filipi 4:6, 7.
Ukujabulela Lokho UNkulunkulu Asinikeza Khona
Ngokuqinisekile kumelwe silalele uNkulunkulu, ngoba usibonisa uthando futhi usinikeza “izipho zonke ezinhle.” (Jakobe 1:17) Ngezikhathi zobunzima nezokudumazeka, singase sikhohlwe ukuthi kunokuningi okujabulisayo. Futhi, uBaba wethu wasezulwini ufisa ukuba samukele ngokukhululekile zonke izinto ezinhle azilungiselelayo. Futhi ufuna ukuba sijabule, njengoba nomshumayeli abonisa lapho ethi: “Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle nokumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo . . . Ngokuba akakhumbuli kakhulu izinsuku zokuphila kwakhe, lokhu uNkulunkulu emnika intokozo enhliziyweni yakhe.” (UmShumayeli 5:18-20; 9:7-10) Sonke sihlangabezana nosizi oluthile, kodwa uma sigcina amehlo ethu evulekile, siyokubona ‘ukukhanya kwelanga,’ ngisho naphakathi ‘kwamafu.’
Phakathi kwezipho zethu ezinhle kakhulu ezivela kuNkulunkulu abangane bethu abangamaKristu. Yeka ukuthi sibalangazelela kanjani uma sibhekene nobunzima! Kukulesosikhathi lapho sidinga othile ozimisele ukusilalela ngokuqonda. Ngokuvamile siyakwazi okumelwe sikwenze, kodwa asinakukwazi ukukukhipha enhliziyweni yethu elimele. Nokho, kungani singaba namahloni okucela ukunakekela kothando okuncane kumngane othandekayo ebandleni lobuKristu? Abadala abanokuhlangenwe nakho emabandleni oFakazi BakaJehova bayojabulela ukusisiza ngezindlela eziwusizo futhi ikakhulukazi ngokunikeza usizo olusekelwe eZwini likaNkulunkulu.—Jakobe 5:13-16.
Noma kuphi lapho sihlala khona emhlabeni sinabaningi ‘abangane abancane’ eduze kwethu. Sidinga nje kuphela ukubenza basethembe, futhi izilwane ezinhlobonhlobo nezinyoni ziyosifuna nakanjani uma sizinikeza ukudla okuncane. Yeka ukuthi kujabulisa kanjani uma sezijwayele ngokwanele ukuba zidle esandleni sethu!
Kuthiwani ngabantwana endaweni yakithi? Bayojabulela ukusivakashela uma sinomusa noma siphana noma sibavumela basisize ngemisebenzana ethile. Cha, asidingi ukuba sibe nesizungu noma singajabuli uma kuphela sicabanga izibusiso zethu futhi sijabulela yonke into uJehova asinikeza yona.
Kuyaphumuza futhi kuyasiza ekufakeni imiqondo eyakhayo ezingqondweni zethu uma siphuma sishaywa umoya. Izingqondo ezithola i-oksijini encane kakhulu azikwazi kahle ukuthuthukisa umoya ohlambulukile. Kukaningi umuntu ebuyelwa ukulinganisela kwakhe okungokomoya ngemva kohambo olude. Futhi uma sihamba sidlula ezingadini noma emahlathini, kumelwe sizame ukuqonda lokho esikubonayo. Kuvamile ukuba sihambe noma sihlale ngaphandle sigqolozele phambi kwethu bese sihlaselwa yiyo yonke imicabango yosizi. Kodwa noma isiphi isihlahla, noma isiphi isithombo, noma isiphi isilwane ngisho nesibhakabhaka kungasitshela okuthile ngoMdali, uma kuphela sibuvumela ubuhle bomklamo, ubuhle obukhulu bemibala nayo yonke into esiyitholayo ibe nomphumela kithi. Njengoba sibheka emazulwini anezinkanyezi ebusuku obungenafu, amazwi anjengalawo omhubi angaphuphuma kithi: “Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.” (IHubo 19:1) Emizuzwini enjalo zonke izinkathazo zomuntu ziya zifiphala, futhi sibona okuthile kobucwazicwazi bukaNkulunkulu. Khona-ke asiyikuba nabunzima ekuqheliseni izinkathazo zethu futhi sinyuse ukubonga nokudumisa kuMdali wethu Omuhle.
Ukulala kwethu kungesinye sezipho zikaNkulunkulu. Ekupheleni kosuku olumatasa singase siphumule, sithembela ngokuphelele esivikelweni sikaNkulunkulu. Lokho kusiza ukuba siqale usuku olulandelayo ngamandla avuselelwe. Kodwa uma silala kabi, yini esingayenza? Singathandaza kuBaba wethu wasezulwini, futhi sikhumbula abakholwa nathi ezicelweni ezinjalo. Singakucabanga ngeZwi lakhe nangezithembiso ezinhle. (IHubo 77:6; Efesu 6:17-20) Yeka ukuthi kungcono kangakanani kunokucabanga ngazo zonke izinkinga zethu! Sidinga ukugcwalisa ingqondo yethu ngezinto eziningi ezinhle ezingokomoya. Khona-ke singase sizitshele ukuthi, ‘Hhayi-ke, lala kahle.’
Asisodwa
Yebo, akuthina kuphela abantu abanezinkinga. Ukuba besingabuza abanye ngezinkinga zabo, besingase sicabange: Nokho, kungcono ukuthula. Eqinisweni, singase sikhethe ezethu siqu izinkinga kunalezo ezikhathaza abanye abaningi.
NjengamaKristu azinikezele, asinakukhululeka kubo bonke ubunzima kulesisikhathi, ngoba uJesu wathi abalandeli bakhe babeyoshushiswa. (Johane 15:20) Akuthina kuphela esibhekene nalokho isitha sethu esikhulu, uSathane uDeveli, angase akulethe kithi, ngoba “zona lezozinhlupheko zehlela abazalwane [bethu] abasezweni.” Nokho, okubaluleke kakhulu ukuthi thina namanye amaKristu akhathazekayo sinosizo lwaphezulu. Ngakho masithembele ‘kuNkulunkulu womusa omkhulu,’ onathi. Futhi kwangathi singabheka ngethemba osukwini oluseduze kakhulu lapho izinsizi zethu zingasayikuba khona.—1 Petru 5:6-11; 2 Thesalonika 1:6-10.
Ubunzima wonke amaKristu athembekile amanje anabo buzophela ngokushesha, ngoba sisondela ngokushesha esikhathini esisha, esijabulisayo. Sisemnyango we“zulu elisha nomhlaba omusha.” (IsAmbulo 21:1-4) Yeka Isizathu senjabulo!
UJesu Kristu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bacele uNkulunkulu ngomthandazo: “Mawufike umbuso wakho.” (Mathewu 6:10) Ngakho masithembele ngempela kulowoMbuso futhi sibheke esikhathini esizayo ngokujabula. UJesu wakwazi ukubekezelela ihlazo elikhulu nosizi esigxotsheni sokuhlushwa ngoba, kukho konke ukuhlupheka kwakhe, wayecabanga njalo nge“ntokozo ayibekelweyo.” (Heberu 12:1-3) Ngokushesha wayezobona futhi uYise wasezulwini ubuso nobuso futhi wayezozungezwa yibo bonke abangane bakhe abajabulayo basezulwini.
Phakathi namakhulu eminyaka, abalandeli bakaKristu baye babekezelela ukuvivinywa okuningi, ngisho nokubhekana nezilo zasendle enkundleni yaseRoma nezinto ezixhaphazelisa amathumbu ezinkanjini zokuhlushwa. Baye bakwazi ukukubekezelela konke lokhu ngoba babefuna ukujabulisa uJehova futhi baye bahlala bebheke emklomelweni wokuphila okuphakade. UJehova uNkulunkulu akayikubakhohlwa. Nathi akayikusikhohlwa uma sithembekile njengabakhulekeli bakhe futhi sihlala ‘endleleni yokuphila.’ Ngakho, ngethemba lethu elimangalisayo elingaphambili, singase sithi ngokujabula: “Uyavula isandla sakho [Nkulunkulu wethu, Jehova], usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.”—IHubo 145:16.