Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 3/15 k. 23
  • Ingatholakalaphi Injabulo Yangempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingatholakalaphi Injabulo Yangempela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokuthola Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indlela Yokuthola Injabulo Yangempela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Injabulo Yeqiniso Ekukhonzeni UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Bayajabula Abakhonza ‘UNkulunkulu Ojabulayo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 3/15 k. 23

Ingatholakalaphi Injabulo Yangempela?

ABANTU abaningi banomuzwa wokuthi injabulo ingatholakala ngokuba nezinto ezibonakalayo. Kuthiwani ngawe? Nakuba izinto ezibonakalayo ngokuqinisekile zingaba nengxenye enjabulweni yethu, aziyiqinisekisi; futhi ukunethezeka ngokomzimba akulwakhi ukholo noma kwanelise izidingo ezingokomoya.

ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu Kristu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, ngoba umbuso wamazulu ungowabo.” (Mathewu 5:3) Futhi uJesu wathi: “Niqaphe yonke inhlobo yokukhanuka, ngoba ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.”—Luka 12:15.

Abaningi bafuna injabulo ngokuhlanganyela ebuhlotsheni bobulili obungemthetho nakweminye “imisebenzi yenyama.” (Galathiya 5:19-21) Nokho, ukuvumela ukunqotshwa izinjabulo zenyama akuyilethi injabulo yangempela nehlala njalo. Empeleni, labo abenza izinto ezinjalo ngeke bawuzuze njengefa uMbuso kaNkulunkulu.—1 Korinte 6:9, 10.

Abanye baphendukela kubo ngokwabo befuna injabulo ngokuzama ukwakha ukuzihlonipha. Imitapo nezitolo zezincwadi kugcwele izincwadi zokuzisiza, kodwa izincwadi ezinjalo azizange zilethele abantu injabulo ehlala njalo. Khona-ke, singayitholaphi injabulo yangempela?

Ukuze sijabule ngempela, kumelwe siqaphele isidingo sethu semvelo esingokomoya. UJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” Yiqiniso, ngeke kusisize ukuqonda lesi sidingo bese sihluleka ukwenza okuthile ngaso. Ngokwesibonelo: Kungenzekani kumsubathi womjaho ohluleka ukusabela ekomeleni amanzi komzimba wakhe ngemva komncintiswano? Ngeke yini ngokushesha aphelelwe amanzi emzimbeni futhi abhekane neminye imiphumela emibi? Ngokufanayo, uma sihluleka ukusabela esidingweni sethu sokondliwa okungokomoya, siyogcina sibunile ngokomoya. Lokhu kuyoholela ekulahlekelweni injabulo nokwenama.

UJesu wasiqaphela ngokuphelele isidingo sakhe esingokomoya, etadisha futhi ezindla ngeZwi likaNkulunkulu njalo. Wayengathola futhi afunde izingxenye zemiBhalo Engcwele kalula, futhi wafundisa nabanye ukuba benze okufanayo. (Luka 4:16-21; qhathanisa neyabase-Efesu 4:20, 21.) Futhi uJesu wafanisa ukwenza intando kaYise osezulwini nokudla. Ukwenza intando kaNkulunkulu kwamlethela injabulo enkulu.—Johane 4:34.

Yebo, injabulo yangempela ayinakutholakala ngokuba nezinto ezibonakalayo; futhi injabulo ayitholakali ngokwanelisa izifiso zenyama enesono. Injabulo yangempela iyisimo senhliziyo, esisekelwe okholweni lwangempela nasebuhlotsheni obuhle noJehova uNkulunkulu. Khona-ke, umhubi uDavide wahuba ngokufanelekile: “[Bayajabula, NW] abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova.”—IHubo 144:15b.

[Isithombe ekhasini 23]

Ukholo nobuhlobo obuhle noNkulunkulu kuyokulethela injabulo yangempela

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela