Kungani Ubugebengu Obuhleliwe Buchuma?
U-AL CAPONE, ilungu elidumile leqembu lezigelekeqe le-Prohibition Era (inkathi yokuvinjelwa kukagologo) yase-United States (1920-33), wathi wayemane engusomabhizinisi olalela umthetho—umthetho wokwaneliswa kwesidingo. Ummeli weqembu elikhulu lama-yakuza eJapane wathi: “Akunakuphikwa ukuthi kunesidingo esinamandla [sobulili, izidakamizwa nokugembula].” Leso sidingo sizuzisa ubugebengu obuhleliwe. Nakuba engekho ofuna ukuba isisulu sobugebengu, abanye bangase baphendukele ezinhlanganweni zobugebengu futhi basetshenziswe yizo.
Ngokwesibonelo, cabangela amaqembu okuvikela asetshenziswa amaqembu ezigelekeqe emazweni amaningi njengomthombo wemali. Nakuba ngezinye izikhathi ehlasela abanikazi bezitolo abaqotho, ngokuvamile ahlasela labo abaqhuba amabhizinisi angabazisayo. Umnikazi wendawo yokugembula eShinjuku, eTokyo, oqhuba leli bhizinisi lakhe ngaphansi kwesigubuzelo sokuba indawo yemidlalo, wathi: “Kwagwazwa umabhalane ngommese, futhi waphangwa [ama-yen ayizigidi ezimbili (R93 500)]. Kodwa sasingeke siwabize amaphoyisa.” Ngani? “Njengoba senza umsebenzi ongemthetho (ukugembula), asifuni ukuhlangana namaphoyisa. Uma ikhasimende lisikhathaza, sibiza ama-yakuza.” Lomphathi wendawo yokugembula ukhokhela ama-yakuza amaRandi angu-19 000 ngenyanga, okuyinani elincane uma liqhathaniswa nenzuzo yamaRandi angu-1401 000 ayitholayo ngebhizinisi lakhe elingemthetho phakathi nesikhathi esifanayo. Ivelaphi leyo mali? Emakhukhwini alabo abajabulela ukugembula ngokungemthetho.
Kunjalo nasemabhizinisini amakhulu afuna ukugwema izinkinga. Isikhulu esithile saseNew York sabonisa ukuthi umapendana onenkontileka ozuza amaRandi ayizigidi ezingu-70 ngonyaka wonga amaRandi ayizigidi ezingu-17,7 ngokukhokhela iqembu lezigelekeqe. Lokhu kwanikeza lomapendana ithuba lokuqasha abantu abaholelwa kancane futhi agweme ukuxabana nenyunyana elawulwa iqembu lezigelekeqe. EJapane, phakathi nenkathi yokuchuma ngokomnotho, ababekeleli bezimali bafaka imali yabo ekuthengeni umhlaba futhi babhidliza izindlu nezitolo ezindala ukuze kwakhiwe izakhiwo ezibizayo. Lapho izakhamuzi zingafuni ukuthutha noma ukuthengisa indawo yazo, laba babekeleli bemali babiza ama-jiageya, izinkampani ezihlobene kakhulu nama-yakuza, ukuba asuse lezi zakhamuzi.
Lapho ama-yakuza eqaphela ukuthi kwakulula kangakanani ukuboleka nokuzuza imali ngawo-1980, akha izinkampani futhi angena shí kwezokuthengisa umhlaba nokuzama ibhizinisi. Amabhange nezinhlangano zezimali zafaka imali kulezi zinkampani, ngokusobala ukuze zizuze zona ngokwazo. Kodwa lapho ekugcineni kuba nezithiyo, kwaba nzima kakhulu ukuba amabhange abuyiselwe imali yawo. Ekhuluma kuyi-Newsweek ngokuntenga komnotho okuqhubekayo eJapane, owayeyisikhulu samaphoyisa wathi: “Isizathu sangempela esenza ukuba izinkinga zokubolekisa ngemali zingaxazululeki ngokushesha siwukuthi iningi lazo lihlobene nobugebengu obuhleliwe.”
Ngempela, ubugebengu obuhleliwe buyagxila futhi buchume ezindaweni lapho abantu bezimisele khona ukwanelisa izifiso zabo, kungakhathaliseki ukuthi bakwenza ngayiphi indlela. Ukuhahela injabulo, ubulili nemali kuyisizinda sokushushumbisa izidakamizwa, ubufebe, ukugembula nokubolekisa imali ngenzalo ephakeme. Ukuhileleka emisebenzini enjalo ngokuvamile kusho ukuxhasa nokusekela amaqembu ezigelekeqe. Yeka indlela okuyiqiniso ngayo ukuthi ubugebengu obuhleliwe banelisa izidingo zalabo abazimisele ukwanelisa izidingo zabo zenyama!
Imikhaya-mbumbulu
Ngaphezu kwesifiso sokuqhuba ibhizinisi elingemthetho, kunesinye isidingo namuhla esichumisa ubugebengu obuhleliwe. Umholi ongasekho welinye lamaqembu amakhulu ama-yakuza eJapane wabonisa ukuthi wayamukela izaphula-mthetho futhi azinakekele, ngaleyo ndlela azinqande zingabi abantu ababi. Wathi wayenguyise wamalungu eqembu. Amaqembu amaningi ezigebengu, kungakhathaliseki ubuzwe bawo, akha izinhlangano zawo ngobuhlobo obunjalo bomkhaya-mbumbulu.
Ngokwesibonelo, cabangela uChi Sun,a owazalelwa emkhayeni ompofu eHong Kong. Uyise wayevame ukumshaya ngesihluku ngezizathu eziwubala. UChi Sun owayesakhula wavukela futhi wagcina ejoyine ama-Triad odumo lapho eneminyaka engu-12 ubudala. Kulenhlangano yezigebengu, wathola indawo lapho ayezizwa “efaneleka” khona. Ngenxa yesibindi sakhe ekulweni ngezikhali, ngokushesha wakhushulelwa esikhundleni waphatha amadoda ambalwa. Ekugcineni, lapho eneminyaka engu-17 kuphela ubudala, wavalelwa ejele.
Abaningi njengoChi Sun baphendukela ezinhlanganweni zezigebengu ukuze bajabulele izibopho zomkhaya ezazingekho ekhaya. Amalungu athi ayakhathalela, kodwa ngokuvamile abasebasha bayadumala lapho bethola ukuthi ngokuyinhloko ilungu ngalinye linaké okwalo.
Ingelosi Yokukhanya
Lapho iqembu lobugebengu elikhulu kunawo wonke eJapane kuthiwa liyiqembu elinobudlova ngaphansi komthetho omusha owenqabela amaqembu ngo-1992, omunye wabaholi balo wabonisa ukuthi leli qembu lizibheka “njengamaqhawe,” alwa nobubi. Lapho ukuzamazama komhlaba okukhulu kugadla eKobe ngo-1995, lona leli qembu laba ukudla, amanzi nezinye izimpahla zosizo oluphuthumayo komakhelwane. I-Asahi Evening News yabika: “Umoya onjalo wokuphana nakanjani uzosiqinisa isithunzi sama-yakuza esihlala njalo eJapane njengezaphula-mthetho ezihloniphekayo.”
Abaholi bamaqembu obugebengu baye bazama ukuziveza njengabaqotho. UPablo Escobar, umholi odumile weqembu elishushumbisa izidakamizwa eMedellín eColombia, kubantu abahlala emijondolo edolobheni lakubo “wayengumuntu oyisimanga—ngokwengxenye enguMesiya, ngokwengxenye enguRobin Hood, ngokwengxenye enguMmeli ngomqondo wokuphatha we-patrón, umholi,” kubhala u-Ana Carrigan kuyi-Newsweek. Wakha izindawo zabantwana zokushwibeka eqhweni wakhela nabampofu izindlu ezinesizotha, futhi wanikeza izingane eziyimizulane imisebenzi. Wayeyiqhawe kulabo abazuza ngokuphana kwakhe.
Nokho, izigebengu okubonakala zifihla imisebenzi yazo ngamaqembu azo zimane zingamathuluzi engcweti eyisigebengu endaweni yonke. IBhayibheli liyembula ukuthi lowo ungubani. “USathane ngokwakhe uqhubeka eziguqula ingelosi yokukhanya. Ngakho-ke akuyona into enkulu uma nezikhonzi zakhe ziqhubeka ziziguqula izikhonzi zokulunga. Kodwa ukuphela kwazo kuyoba njengokwemisebenzi yazo.” (2 Korinte 11:14, 15) Namuhla, abantu abaningi abakholelwa ukuthi uSathane ungumuntu wangempela. Imbongi yaseFrance yekhulu le-19 yathi: “Icebo likaDeveli eliwubuhlakani kakhulu ukukwenza ukholelwe ukuthi akekho.” Uyazifihla abese eqondisa okwenzekayo, hhayi nje emaqenjini obugebengu kodwa kuwo wonke umhlaba. “Lonke izwe lisemandleni omubi,” kuchaza iBhayibheli. UJesu wachaza uSathane ngokuthi “wayengumbulali wabantu lapho eqala, . . . ungumqambimanga noyise wamanga.”—1 Johane 5:19; Johane 8:44.
Iziprofetho zeBhayibheli zembula ukuthi uSathane uDeveli ubematasa ikakhulukazi kusukela ngo-1914. Kusukela ngalowo nyaka kuqhubeke, uye wakhiphela amabutho akhe empini yokuzidela amathambo ngokumelene nabantu bakaNkulunkulu. Ufaka isintu esiyaluyalwini. Uyimbangela eyinhloko yokuthi kungani ubugebengu nezinhlangano zobugebengu kuchuma namuhla.—IsAmbulo 12:9-12.
Ingabe uyoke asuswe lomqondisi wezinhlangano zezigebengu emhlabeni? Ingabe isintu siyoke sijabulele ukuthula nokuhleleka? Ingabe ungagqashula embusweni wobubi oye wamiswa uSathane emhlabeni namuhla?
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe ukuze abahilelekile baphephe.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]
Indlela Yokuvikela Umkhaya Wakho
UKUNTULEKA komoya womkhaya onemfudumalo nobunye kungenza izingane kalula zibe izisulu zamaqembu ezigebengu. Kubikwa ukuthi e-United States, iningi lentsha ehileleka ekubulaleni kwamaqembu livela emikhayeni empofu noma ehlukene. “Njengoba impofu,” kusho isikhulu sejele elithile eNyakatho Carolina, “ishukunyiswa kalula isibopho esiqinile phakathi komholi nabalandeli bakhe nomuzwa wobumbano njengelungu lenhlangano, eqalayo ngqá ukuba nawo ekuphileni kwayo.”
Ngokufanayo, eMpumalanga osemusha oyi-yakuza ozimisele ukuba ihawu eliphilayo lomholi wakhe uthi: “Ekhaya ngangingedwa ngaso sonke isikhathi. Nakuba sasiwumkhaya, ngangingenawo umuzwa wokuthi singathululelana izifuba. . . . Kodwa manje singathululelana izifuba namalungu eqembu.” Intsha enesizungu iyawazisa amalungu enhlangano yezigebengu ayihehela ebuhlotsheni obunjengobomkhaya.
“Abantu abangama-yakuza bayakhathalela ngempela,” kusho umholi weqembu lamantombazane lezithuthuthu e-Okinawa. “Mhlawumbe yilelo icebo labo; kodwa-ke, njengoba singakaze siphathwe ngobumnene, lokhu kuyasishukumisa.” Unsumpa wesikhungo samantombazane angamahlongandlebe ufakazela ukuthi amalungu amaqembu “anekhono ngempela lokukhanga izinhliziyo zamantombazane.” Lapho amantombazane anesizungu ewathinta ngocingo kwesikabhadakazi, lamalungu eqembu aphuthuma kuwo futhi alalele ukuthi athini, ngaphandle kokuwanxenxela ebulilini.
Lamalungu abonisa ukukhathalela kuze kube yilapho esebathumbe ngokuphelele abasebasha ebenza izisulu. Uma lentsha isibanjiwe, iyaxhashazwa—amantombazane ezikhungweni zobufebe kanti abafana basetshenziselwe izenzo zobugebengu.
Ungabavikela Kanjani Abathandekayo Bakho?
“Nina bobaba, ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali,” kuyala iBhayibheli. (Kolose 3:21) Lokhu akukhuthazi ukuba abazali bayekelele. Isaga seBhayibheli sithi: “Umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.” (IzAga 29:15) Kunalokho, iBhayibheli likhuthaza obaba—nomama—ukuba balinganisele lapho besebenzelana nabantwana babo, babalalele, futhi babe nomzila ovulekile wokukhulumisana nabo. Khona-ke, abantwana bayoshukumiseleka ukuba bathulule isifuba kubazali babo lapho bezithola bexakekile.
Ngaphandle kokukhulumisana ngokukhululekile, abazali kudingeka banikeze abantwana babo izindinganiso ekuphileni. Ubaba angazitholaphi iziqondiso ezinjalo? IBhayibheli lithi: “Nani bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Zinike isikhathi sokucabangela iBhayibheli nabantwana bakho ngesifundo somkhaya seBhayibheli. Futhi faka ezinhliziyweni zabo ukwesaba uJehova okunempilo ukuze ngaso sonke isikhathi balandele isiqondiso sikaJehova futhi bazuze.—Isaya 48:17.