Ukusabela Kwabafundi Encwadini Ethi Intsha Iyabuza
ABANYE bacabanga ukuthi babesecaleni. “Ngacabanga ukuthi babefuna ukuseluleka ngokuziphatha kwethu,” kwasho enye intombazane eneminyaka engu-15 enguShereda. Abanye babemane besaba. Umfana oneminyaka eyishumi waseBrithani uTimothy uyakhumbula: “Lapho ngizwa ukuthi kwakumelwe ngisuke eduze kukamama nobaba ngiyohlala kwenye indawo, angifunanga ukuhamba.”
Yayiyini imbangela yalokhu kukhathazeka? Isimemezelo esakhishwa ngoLwesihlanu ekuseni eMhlanganweni Wesigodi WoFakazi BakaJehova “Wokuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu” ka-1989a sokuthi intsha ephakathi kweminyaka engu-10 nengu-19 ubudala kwakufanele ihlale endaweni eyibekelwe. Noma ikuphi ukwesaba kwaphela lapho kukhishwa incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo futhi yonke intsha ekhona iphiwa mahhala. Kwaba yini ukusabela?
“Ngaphelelwa amazwi; kwavele kwehla izinyembezi.”—Mike.
“Ngafikelwa izinyembezi lapho ngibona ukwaziswa okuhle okusencwadini. Lona ngokwalo iqiniso lokuthi yayiyisipho sentsha esivela eNdikimbeni Ebusayo YoFakazi BakaJehova laliyisibonelo sendlela abasikhathalela ngayo.”—UMargie oneminyaka eyishumi nesishiyagalombili ubudala.
UNaomi oneminyaka eyishumi, osanda kushonelwa uyise, wakujabulela ngokukhethekile ukuthola lencwadi. Uyakhumbula:
“Lona kwakuwumhlangano wokuqala omkhulu umkhaya wakithi owaya kuwo ngaphandle kukababa. Ngangidabuke kakhulu ngosuku lokuqala. Kodwa kwangijabulisa ukwazi ukuthi abazalwane bethu noBaba wethu wasezulwini, uJehova, bayasinakekela kuze kube yilapho ubaba wethu ebuyela kithi ezweni elisha.”
Lencwadi ihlanganisa, ngendlela efingqiwe, cishe ingxenye yezihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . .” eziye zavela kumagazini wePhaphama! kusukela ngo-1982 kuya ku-1989. Inezahluko ezingu-39, ezihlelwe ngezihloko zaba izingxenye eziyishumi. [Bheka ibhokisi.] Kuyini ukubaluleka kokuba nakho konke lokhu kwaziswa encwadini eyodwa ewusizo? Omunye osemusha uyachaza: “Ezikhathini eziningi ngangazi ukuthi kumelwe ngibheke izihloko ezedlule ezithi “Intsha Iyabuza . . .” ukuze zingisize enkingeni ethile, kodwa ngangingakwenzi. Manje kunencwadi engingayithatha noma nini ukuze ngiyisebenzise njengesiqondiso.”
Incwadi ethi Intsha Iyabuza ikhanga kakhulu nangokubukeka. “Ngiyazithanda izithombe ezinemibala,” kusho uHeather oneminyaka engu-11 ubudala. Izithombe zibonisa intsha yakuwo wonke umhlaba. Omusha waseCanada wathi: “Imifanekiso iyakhanga kakhulu futhi iyimelela kahle imizwa yethu engokoqobo lapho sibhekene nenkinga.” Khona-ke, akumangalisi ukuthi intsha eningi yaqala ukushwabadela ukwaziswa kwayo ngokushesha.
‘Kwakungavumi Ukuba Ngiyibeke Phansi’
Enye intombazane eneminyaka engu-17 ubudala yabhala, ephepheni lokubhala lasehhotela:
“Sesiqede ingxenye yebanga sisuka emhlanganweni wethu siya ekhaya futhi sisalelwe ibanga lamahora amane. Kakade sengifunde izahluko eziyishumi.”
Abanye bathathwa ikhasi lohlu lokungaphakathi:
“Lapho ngifunda uhlu lokungaphakathi, kwakunjengokungathi ngibheka ukuphila kwami siqu. Imibuzo eminingi kakhulu kwakuyileyo engangiye ngazibuza yona ngesinye isikhathi.”—UKathy oneminyaka eyishumi nesithupha.
Ngisho “nabangakuthandi ukufunda” bazuzeka:
“Angikuthandi kangako ukufunda, kodwa lencwadi yinhle kangangokuthi lapho ngiqala ukuyifunda, akuvumi ngiyibeke phansi. Sengifunde cishe yonke incwadi ngezinsuku ezintathu.”—UJennifer oneminyaka eyishumi nanhlanu.
“Angiyena umuntu ofunda kangcono kakhulu futhi angifundi kakhulu. Ngemva kokuba sengifikile ekhaya ngivela emhlanganweni, ngangikhathele ngingakwazi ngisho nokuvula amehlo. Kodwa ngaphenya lencwadi, ngaqala ukufunda, futhi ngafunda sonke isahluko! Kusukela ngalesosikhathi, ngiye ngafunda isahluko esisodwa zonke izinsuku, kuze kube namuhla kusihlwa—ngifunde ezimbili!”—UTiffany oneminyaka eyishumi nesikhombisa ubudala.
Kwakukhona nabangaqiniseki:
“Ngangicabanga ukuthi ngizoba mdala kakhudlwana ukuba ngifunde ezinye izingxenye zalencwadi. Ngakho ngaqala ngafunda iSahluko 6, esithi ‘Ubulili Nokuziphatha.’ Lokhu kwangisiza kakhulu ekwenzeni izinqumo ezinkulu. Akekho umuntu omdala kakhulu ukuba afunde lencwadi!”—USabrina oneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye.
Ngempela, ngemva kokuba sebeyiqedile, abaningi banomuzwa wokuthi ukuyifunda kanye akwanele:
“Ngabhapathizwa ngonyaka odlule, kodwa izinto zaba nzinyana, futhi ngacindezeleka. Ngesinye isikhathi ngake ngabaleka ngisho nasekhaya! Ngakho lapho ngithola incwadi entsha, ngaba nomuzwa wokuthi uJehova wayekwazi kahle engikudingayo. Yinhle kakhulu! Kakade sengiyifunde kabili.”—J.S.
“Ngibhala yonke imibhalo igama negama encwadini ukuze kube lula lapho sengiyifunda okwesibili. Angenzi-haba: Lencwadi ingenze ngaba umuntu ongcono.”—UAida oneminyaka eyishumi nesishiyagalombili.
‘Awuzizwa Neze Utshelwa Okumelwe Ukwenze’
Sekuphele izinyanga lencwadi ethi Intsha Iyabuza ikhishiwe, kodwa izincwadi zokwazisa ziyaqhubeka zitholakala. Ingxenye yesizathu sokuphumelela kwayo ngokungangabazeki iwukuthi nakuba iqondiswe entsheni, lencwadi ayikhulumi ngendlela yobuntwana; futhi ayibhaliwe ngendlela eyenza abafundi bayo babe nomuzwa wokuthi bayashunyayezwa. Enye intsha ikubeka ngalendlela:
“Lencwadi ize ibe ngisho nemfalakahlana yezinto ezihlekisayo. Njengoba isekelwe iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ingcono kakhulu kunanoma imuphi umagazini wentsha.”
“Awulokothi ube nomuzwa wokuthi utshelwa okumelwe ukwenze; kunalokho, uqasheliswa ngezinto eziningana ezingenzeka nemiphumela yazo ngazinye. Njalo umbono kaJehova uboniswa ngokucacile futhi usekelwe ngokoMbhalo.”
Abaningi bazwakalisa ukwazisa ngendlela ebhalwe ngayo nokuqonda eyakubonisa emizweni yabo.
“Ubaba akakaze abonise noma yiluphi uhlobo lothando ngami, kodwa iseluleko esisencwadini sabonakala sivela kubaba onothando oseluleka ngokwenzuzo yethu.”—Stefano, Italy.
“Umuzwa engawuthola ngokushesha wawungowokukhuluma nothile ongazi kahle hhayi owokufunda into ebhaliwe.”—Myriam, Italy.
“Izibonelo eziningi ezisetshenzisiwe zazifana kakhulu nalokho engikwaziyo. Ngangiziqonda ngokuphelele.”—Intombazane esentsha.
“Ngiyazi ukuthi ayikho intsha eNdikimbeni Ebusayo. Kodwa, konke enikubhalayo ngentsha kushaya emhloleni; kufana nokukhuluma noJehova ngokuqondile.”—UAubree oneminyaka eyishumi nanhlanu.
Ayiyona Nje Eyentsha Kuphela
Izahluko eziningi zinikeza ukuqonda ngezinkinga abantu abadala abangamaKristu ababhekana nazo, izinkinga ezinjengamahloni, ukucindezeleka, isizungu, nokungasebenzi. Khona-ke, akumangalisi ukuthi abantu abadala abaningi nabo baye bazwakalisa ukwazisa ngalencwadi. Inkosikazi yesikhonzi esijikelezayo soFakazi BakaJehova yathi:
“Mina nomyeni wami asinabantwana abangabethu. Nokho, ngithola indlela ukwaziswa okunikezwa ngayo ibalulekile nakithi. Lencwadi kalula ibingaphiwa isihloko esithi ‘Abantu bayabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo!’”
Abanye abantu abadala bavuma ngenjabulo:
“Kunemisho, nemishwana nezimiso okungizuzise kakhulu ekuphileni kwami okusha kweminyaka engu-41.”
“Ubungeke ucabange ukuthi incwadi ebhalelwe intsha ingasiza owesifazane oneminyaka engu-61. Kodwa yangisiza ukuba ngicabange kahle ngesikhathi esidlule nokuba ngiyeke igqubu ebengilibambele abazali bami.”
“Ngathola ukuthi ‘nabantu abadala bayabuza.’ Akukho lutho ekuphileni kwami kwesikhathi eside njengomKristu okuye kwangisiza ngaphezu kwayo ukuba ngiziqonde mina. Ngokuzenzakalelayo, ngimncane ngeminyaka engu-74.”
Futhi kuye kwatholwa izincwadi eziningi zivela kubazali abangamaKristu:
“Nginezingane ezintathu ezevé eshumini nambili, futhi lencwadi yaba yimpendulo yemithandazo yami. Siyanibonga ngokuba khona ukuze nisisize. USathane uzama konke ukuba adonse abantwana bami. Kodwa manje ngihlonyiselwe ukuba ngenze konke okusemandleni ami ngobuciko, ngokusizwa yilencwadi efike ngesikhathi.”
“Lesimiso sisikhahlameza usuku nosuku. Uthunjana wami uneminyaka engu-12, futhi isithakazelo sakhe ezintweni ezingokomoya siye senyuka onyakeni odlule. Angikwazi ukunitshela ukuthi kuhle kanjani ukubona ukuthi usebenzela ukubhapathizwa ngokusizwa umhlangano wesigodi nalencwadi entsha.”
“Kwehla izinyembezi kimi njengoba abantwana bami babethola ezabo. Azikho ezinye izinhlangano zenkolo eziyinakekela kangaka intsha yazo!”
“Ngingumzali oyedwa, futhi ngezinye izikhathi ngizizwa ngesaba ngempela futhi ngingafaneleki njengomzali. Inkosana yami ineminyaka engu-11 ubudala futhi inothisha ongayithandi. Yeka ukuthi kududuza kanjani ukuthola isahluko encwadini ethi Intsha Iyabuza esikhuluma ngalesosimo!”
Abaningi bafakazela ukuphumelela kwesici esibizwa ngokuthi “Imibuzo Yengxoxo” esivela ekupheleni kwesahluko ngasinye:
“Siyifunda ndawonye lencwadi njengengxenye yesifundo sethu seBhayibheli somkhaya sasikhathi sonke. Iye yasisondelanisa eduze kakhulu komunye nomunye. Ngiphawula ukuthi abantwana bakhululekile ukubuza, futhi iziholela ekuvulekeni kwemizwa engase ingabi lula ukuyisho.”
Izimpendulo Ezisebenza Ngempela!
Njengoba ungase ulindele, ukuhlolwa kokubaluleka kwalencwadi akukhona ukuthandwa kwayo kodwa ukuba usizo kwayo. Ngamanye amazwi, ingabe izimpendulo zayo ziyasebenza ngempela? Intsha eningi iyaqinisekisa ukuthi ziyasebenza:
“Ngaphambi kokuba ngifunde lencwadi, ngangiya nje eHholo LoMbuso nomama nodadewethu ngoba ngangingenakusala ngedwa ekhaya. Ngangiphila ukuphila okumbaxambili. Manje konke lokho sekushintshe kakhulu kwaba ngcono.”
“Ungalishiya iqiniso, kodwa lona alikushiyi. Lapho ngineminyaka engu-27, ngazama ukubuyela eHholo LoMbuso—ngedwa, ngesaba, futhi ngizisola. Nganginemikhuba emibi kakhulu futhi ngaba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayengasoze angithethelela. Kodwa udadewethu omdala wanginika incwadi ethi Intsha Iyabuza. Ngathola ukuthi yayikhuluma ngazo zonke izinkinga zami futhi ingitshela ukuthi ngingabhekana kanjani nazo. Ngakhala. Angikwazi ukukuchaza ngokwanele ukwazisa kwami ngalencwadi. Izimpendulo ezisebenzayo—futhi yeka indlela ezisebenza ngayo!!!”
“Lencwadi yangenza ngacabanga ngokungathi sína. Ekuqaleni ngangingazibheki ngempela njengomunye woFakazi BakaJehova. Nganginentombi. Ngangakha ubungane nabantu bezwe. Ngangivame ngisho nokweba. Kodwa ngemva kokufunda lencwadi, ngaqaphela ukuthi ngangenza okungalungile ekuphileni kwami. Ngathandaza kuJehova ukuba angithethelele futhi ngambonga ngokunginika lencwadi entsha enhle kangaka.”
Lezi yizibonelo ezimbalwa zezincwadi ezingamakhulu ezatholwa. Siyakhuthazeka futhi sithinteke ngokujulile ngokusabela kwenu okuhle nina-ntsha. Ngokucacile, nifuna ukwenza okulungile, futhi niyasazisa isiqondiso uJehova asinikeza ngothando eZwini lakhe. Futhi kusobala ukuthi izimpendulo ezivela eZwini likaNkulunkulu ziyasebenza ngempela!
Ngakho-ke nizojabula ukwazi ukuthi uchungechunge lwezihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . .” kuyiPhaphama! luzoqhubeka lunika iseluleko esinengqondo, esisekelwe eBhayibhelini esiphathelene nezindaba ezinikhathazayo. Ningaphuthelwa nayisihloko esisodwa! Uma ningakakwenzi lokho, yifundeni—niphinde niyifunde—incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.b Yihlanganyeleni nenifunda nabo esikoleni. Bhekani imibhalo ecashuniwe. Xoxani ngezahluko zayo nabazali benu. Sebenzisani iseluleko sayo. Futhi ngokungangabazeki niyovumelana noKent oneminyaka engu-16 ubudala, owathi: “Kunjengokuba nencwadi engisiza ukuba ngiphumelele eminyakeni enezinkinga kakhulu yokuphila kwami.”
[Imibhalo yaphansi]
a Lemihlangano yayisemhlabeni wonke kusukela ngoJune 1989.
b Itholakala ngokubhalela abanyathelisi balomagazini.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 11]
Okuphakathi
Ingxenye 1
Inkundla Yasekhaya:
Ukusebenzelana Namalungu Omkhaya
Isahluko Ikhasi
1 Kungani Kufanele ‘Ngazise UBaba NoMama’? 11
2 Kungani Abazali Bami Bengangiqondi? 18
3 Ngingabenza Kanjani Abazali Bami Banginike Inkululeko
Eyengeziwe? 26
4 Kungani UBaba NoMama Bahlukana? 34
5 Ngingabhekana Kanjani Nokushada Kwesibili
Komzali Wami? 42
6 Kungani Kunzima Kangaka Ukuzwana Nomfowethu
Nodadewethu? 50
7 Ingabe Kufanele Ngihambe Ekhaya? 56
Ingxenye 2
Wena Nontanga Yakho
8 Ngingazenzela Kanjani Abangane Beqiniso? 65
9 Ngingabhekana Kanjani Nokucindezela Kontanga? 73
Ingxenye 3
Ukubheka Indlela Obukeka Ngayo
10 Kubaluleke Kangakanani Ukubukeka? 82
11 Ingabe Izingubo Zami Ziveza Lokho Engiyikho Ngempela? 90
Ingxenye 4
Kungani Ngizizwa Ngalendlela?
12 Kungani Ngingazithandi? 98
13 Kungani Ngicindezeleka Kangaka? 104
14 Ngingakuqeda Kanjani Ukuba Kwami Nesizungu? 115
15 Kungani Nginamahloni Kangaka? 121
16 Ingabe Kungokuvamile Ukuba Lusizi Njengami? 127
Ingxenye 5
Isikole Nomsebenzi
17 Ingabe Kumelwe Ngisiyeke Isikole? 134
18 Ngingawathuthukisa Kanjani Amamaki Ami? 140
19 Kungani Izingane Zingehlukani Nami? 150
20 Ngingasebenzelana Kanjani Nothisha Wami? 158
21 Ngingawuthola (Futhi Ngiwulondoloze!) Kanjani
Umsebenzi? 166
22 Imuphi Umsebenzi Okumelwe Ngiwukhethe? 174
Ingxenye 6
Ubulili Nokuziphatha
23 Kuthiwani Ngobulili Ngaphambi Komshado? 181
24 Ngingabenqaba Kanjani Ubulili Bangaphambi Komshado? 192
25 Ukushaya Indlwabu—Kungokungathi Sína Kangakanani? 198
26 Ukushaya Indlwabu—Ngingalwisana Kanjani Nalenkanuko? 205
27 Ukwethembeka—Ingabe Ngempela Kuyindlela Engcono
Kakhulu? 212
Ingxenye 7
Ukuphola, Uthando, Nabobulili Obuhlukile
28 Ngingaluqeda Kanjani Uthando Lokuthatheka? 219
29 Ingabe Ngikulungele Ukuphola? 225
30 Ingabe Ngiwulungele Umshado? 236
31 Ngazi Kanjani Uma Kuwuthando Lwangempela? 242
32 Ngingakuqhuba Kanjani Ukuqomisana Okuphumelelayo? 252
Ingxenye 8
Ugibe Lwezidakamizwa Notshwala
33 Kungani Kungafanele Ngiphuze? 262
34 Kungani Kufanele Ngenqabe Izidakamizwa? 272
Ingxenye 9
Isikhathi Sokuphumula
35 Ingabe Kunendaba Ukuthi Ngifundani? 283
36 Ngingayilawula Kanjani Imikhuba Yami Yokubuka ITV? 289
37 Kungani Ngingenakuba Nesikhathi Sokuzijabulisa Kanye
Nje Esikhathini Esithile? 296
Ingxenye 10
Ikusasa Lakho
38 Lingiphatheleni Ikusasa? 305
39 Ngingasondela Kanjani KuNkulunkulu? 311
[Ibhokisi ekhasini 12]
‘Ingxenye Engiyithanda Kakhulu Kulencwadi Ithi. . . ’
Intsha eningi yaphawula ngokuthi iyiphi ezingxenyeni eziyishumi (ezihlelwe ngezansi) zencwadi ethi Intsha Iyabuza eyayisiza ngokukhethekile:
Inkundla Yasekhaya: “Mina nodadewethu sixabana njalo. Kodwa lencwadi iye yangisiza ukuba ngibe nomusa kudadewethu. Futhi uma kwenzeka sixabana, sithi siyaxolisa nokuthi besingakuhlosile ebesikusho.”
“Ngangivame ukucabanga ukuthi udadewethu uthola konke akufunayo, kodwa manje ngiyaqaphela ukuthi nganginomona ngaye. Futhi, ngiyaqaphela ukuthi abazali bami abakhethi kodwa bamane bazama ngokusemandleni abo ukuba babe uthando lwabo.”
“Yangisiza ukuba ngazi ukuthi ubaba nomama abahlukananga ngenxa yami.”
Wena Nontanga Yakho: “Yangisiza ukuba ngiqonde ukuthi uma ngifuna umngane, kumelwe ngibe uye. Futhi, ngafunda ukuba ngigweme ukuba umshungu nezingane ezingabangane ababi.”
Ukubheka Indlela Obukeka Ngayo: “Ngangicabanga ukuthi ngikhuluphele kakhulu, futhi ngangingadli lutho izinsuku eziningi. Kodwa ngangibibela ngosuku olulandelayo ngiphinde ngikhuluphale. Nganquma ukuthi ngangimubi futhi ngingakhangi. Umngane engimthandayo wangitshela ukuba ngifunde ingxenye ekhuluma ‘ngokubukeka.’ Kwehla izinyembezi njengoba ngangiyifunda. Manje sengizihlele kahle izinto eziza kuqala, futhi ngigxile enkonzweni yami eya kuNkulunkulu—hhayi ukubukeka kwami.”
Kungani Ngizizwa Ngalendlela?: “Ngangicindezeleke kakhulu, kwaze kwaba sephuzwini lokuba ngicabange kakhulu ngokuzibulala. Manje sengiqale ukuzama ukubhekana nokwesaba kwami futhi ngiye ngathola usizo lochwepheshe. Ngakhululeka kakhulu lapho ngifunda ukuthi kuyophela ‘lokhu kwesaba kwasikhathi sonke.’”
Isikole Nomsebenzi: “Bengilokhu nginenkinga ngamamaki ami nokugconwa esikoleni. Ngihlela ukusebenzisa leseluleko sayo esikoleni.”
Ubulili Nokuziphatha: “Intsha icindezelwa ngezindlela eziningi ukuba yenze okungalungile, kodwa ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli, ngingamelana nontanga yami.”
“Nginenkinga yokushaya indlwabu, futhi ingibangela ukukhathazeka okukhulu. Kodwa ngizokwenza umzamo wangempela wokuba ngisebenzise lesi seluleko futhi ngizame ukuba ngibe omusha ongcono kakhulu kuBaba wami waseZu- lwini.”
Ukuphola, Uthando, Nababolili Obehlukile: “Sekuyisikhathi esithile nginokungaphezu kokuthatheka ngentombazane ethile. Angenzi izinto eziwubuwula noma ngiziphoxe phambi kwayo. Nakuba kunjalo, benginemizwa enayichaza. Lencwadi yangisiza ukuba ngiqaphele ukuthi lokhu kumane kuwukuthatheka nokuthi angikabi mdala ngokwanele ukuba ngiphole.”
Ugibe Lwezidakamizwa Notshwala: “Ngisanda kufika esikoleni esiphakeme, kodwa kakade sebenginike izidakamizwa. Lencwadi yangisiza ukuba ngenqabe.”
Isikhathi Sokuphumula: “Ngangivame ukubukela iTV kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu. Lencwadi yangisiza ukuba nginciphise ukubuka kwami iTV—iSonto noLwesihlanu kuphela!”
Ikusasa Lakho: “Ngangivame ukucabanga ukuthi iBhayibheli liyisidina—kodwa angisacabangi kanjalo! Ngizama ukulifunda imizuzu engu-15 nsuku zonke!”
“Ingisize ngempela emithandazweni yami. Manje ngiyakwazi ukhuluma noJehova njengokungathi ngikhuluma nomngane oseduze kakhulu.”
[Izithombe ekhasini 10]
Iqembu lentsha yaseFrance lathumela lesithombe (kwesokudla) njengesibonakaliso ‘sesivikelo sothando nokusekela’ kukaJehova nenhlangano yakhe ekulungiseleleni lencwadi ethi Intsha Iyabuza