Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g87 3/8 kk. 17-18
  • Kujahiwe—Kodwa Akufikwa Ndawo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kujahiwe—Kodwa Akufikwa Ndawo?
  • I-Phaphama!—1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kuphuthunywa?
    I-Phaphama!—1987
  • Ukubhekana Nokuphuthuma Kwanamuhla
    I-Phaphama!—1987
  • Ngingabhekana Kanjani Nokucindezeleka Esikoleni?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Ngingabhekana Kanjani Nokucindezeleka Esikoleni?
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1987
g87 3/8 kk. 17-18

Kujahiwe—Kodwa Akufikwa Ndawo?

UMSHAYELI wayehamba ngejubane ayecabanga ukuthi lingelifanele: Amakhilomitha angama-30 ngehora! Nokho, abagibeli bakhe, abejwayele imingcele yejubane elilinganiselwe lomgwaqo, bakhathazeka ngempela ngezimoto ezigijima kakhulu emigwaqweni yaseNtshonalanga Jalimane. Ngoba lapho, ngaphandle kwezindawo ezibonisiwe, azikho izimpawu zesilinganiso sejubane. Ngempela, ngisho nangejubane elingamakhilomitha ayi-130 ngehora, izimoto nezithuthuthu zazidlula ngehubo! Engasakwazi ukuzibamba, omunye wabagibeli ongowesifazane wabuza: “Kungani wonke umuntu ejahe kangaka? Kuyiwaphi?”

“Mhlawumbe akuyiwa ndawo,” kuphendula ngokumamatheka lowo owayemvakashele, ngokusobala ngokuntela, ngoba kwakusobala ukuthi wonke umuntu wayeya endaweni ethile—futhi ephuthuma!

Nokho, kungani wonke umuntu eshesha kangaka? Ingabe sebekhohliwe ukuthi ingxenye yenjabulo yokuhamba iwukuthatha isikhathi ujabulela ukubuka izwe? Ingabe ngempela ukuphila kwakudalelwe ukuba kube ukusubatha ngesivinini kwebanga elingamamitha ayikhulu?

Izimoto ezisheshayo, ukulungiselelwa kokudla okusheshayo, izindiza ezinejubane elikhulu kuwuphawu lwenkathi eqhubeka njalo ikhuthaza lokhu: Shesha! Phuthuma! Yonga ngokwengeziwe! Iqiniso, abambalwa bangakhethi ukubuyela enkathini yehhashi nenqola. Futhi abaningi bayovuma ukuthi isilinganiso esithile sokujaha sinendawo yaso. Nokho, biza udokotela noma iphoyisa, futhi ngokuqinisekile unethemba lokuthi ngeke beze kuwe ngendlela yokungazi nakwazi ukuthi lidumephi.

Khona lapho, ingabe konke lokhu kujaha kudingekile noma kunenzuzo? Abanye banomuzwa wokuthi akudingekile futhi akunanzuzo. Umlobi weLos Angeles Times uthi: “Bekhathazekile, bejahile futhi behluphekile, [abantu abaningi] bagijima kukho konke ukuphila kwabo ngaphansi konya lwewashi eNkathini Yokuphuthuma.”

Ukuxakeka ngokuphuthuma okukhona manje kuye kwenezela futhi kulokho iThe Toronto Star eyakubiza ngokuthi “ubhememe oludlangayo olungenakuqedwa”—ukucindezeleka! Ukucindezeleka kubonakala kuthinta abantu njengomlaliso omubi. Kuyasolwa ngenxa yohlu olude lwezifo, ezisukela enkwethwini nasezinzisheni ezihlukanayo kuye emfuthweni ophakeme wegazi nezifo zenhliziyo. Ubuhlobo babantu nabo futhi abagculisi ngaphansi kokucindezela kwaleliwashi.

Khonake, kungani inkathi yethu ibizwa ngokuthi “Inkathi Yokuphuthuma”? Uma uzizwa ukhathazekile futhi ucindezelekile manje, ukuphila kwakho kuyoba njani eminyakeni embalwa? Ingabe ikhona enye indlela yokuzuza ukukulawula ngokwengeziwe ukuphila kwakho—yokubhekana nokuphuthuma kwanamuhla?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela