Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g87 3/8 k. 14-k. 16 isig. 7
  • Ngingaba Kanjani Umngane kaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingaba Kanjani Umngane kaNkulunkulu?
  • I-Phaphama!—1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho uNkulunkulu Akudingayo
  • Indlela Yokwakha Ubuhlobo NoNkulunkulu
  • Qiniseka Ngobungane NoNkulunkulu
  • UJehova—Ingabe Ungumuntu Ojwayelene Naye Noma Ungumngane Wakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • “Nginibizé Ngokuthi Ningabangane”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Ukuhlakulela Ubungane Obuhle Kakhulu Ezulwini Nasemhlabeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Indlela Ongabakha Ngayo Abangane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1987
g87 3/8 k. 14-k. 16 isig. 7

Ngingaba Kanjani Umngane kaNkulunkulu?

“ENYE intsha ikhulekela uNkulunkulu ngenxa yokuthi abanye abayizungezile bayakwenza,” kuphawula umfundi waseNigeria ogama lakhe linguYemisi. Uyanezela: “Kodwa abamazi futhi abamqapheli njengomuntu.” Khonake uYemisi ukholelwa ukuthi ngenxa yokuthi wonke umbono wabo ngendaba awuqondile, abantu ngokuvamile bayahluleka ukuba umngane kaNkulunkulu.

Kungakhathaliseki ukuthi uyavumelana naye noma cha, intsha eningi iyakungabaza ukuba nokwenzeka kokuba nobuhlobo noNkulunkulu—ingasaphathwa eyokuba umngane wakhe. Abanye baye badunyazwa izinkolo eziye zenza uNkulunkulu wabonakala ekude futhi engunkom’ idla yodwa. Nokho abanye baye bazama ukusondela kuNkulunkulu ngemilaliso, ukuzindla ngezinto ezingesizo ezasemhlabeni, noma ubulumbi—futhi baye bahluleka.

Nokho, bekungaba iphutha, ukuphetha ngokuthi uNkulunkulu ukude kakhulu nathi kangangokuba ayikho indlela yokusondela kuye. Empeleni, ubani owanika izinyoni amaculo azo amnandi kanye nezihlahla nezimbali ezinemibala yazo emihle? Ubani owenza amathafa amahle, izintaba ezimangalisayo, ilanga elikhazimulayo, kanye nomzimba wakho omangalisayo nengqondo? Ubani owumthombo wamakhono amaningi amahle abantu abanawo? Ingabe akuyena uMdali wethu?

Khonake, ngokuqinisekile, lokhu kubonisa ukuthi unesithakazelo esiqotho ngathi. Khonake ingabe kunengqondo ukuthi ubengazenza abe kude nathi, azenze angangeneki? Ngokuphambene, iBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi “kakude kulowo nalowo kithi” futhi uyasimema ukuba sifune ubungane naye.—IzEnzo 17:27.

Kodwa ungakwenza kanjani lokho? Futhi ukuba nobungane noNkulunkulu kungakuzuzisa kanjani?

Lokho uNkulunkulu Akudingayo

UMdali kakade unokuxhumana okuthile nawo wonke umuntu ngokupha “bonke ukuphila nokuphefumula.” (IzEnzo 17:25) Nokho, ukuba umngane kaNkulunkulu kuwubuhlobo obuseduze kakhulu kunokuba nje isidalwa sikaNkulunkulu. Imfuneko yokujabulela ubuhlobo obunjalo iwukuba nombono oqondile. lBhayibheli liyachaza: “Ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.”—Heberu 11:6.

‘Ukufuna’ uNkulunkulu kuhilela ukumazi njengoMuntu. Ungakwenza kanjani lokho? Ngomqondo ofanelekayo, iBhayibheli ngokuqhubekayo lithi “okwazekayo ngoNkulunkulu kusobala . . . okungabonwayo kwakhe, ukuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe . . . kuqondakala ngezenzo zakhe.” (Roma 1:19-28) Izinto ezenziwe uNkulunkulu—izinkanyezi ezikude, ulwandle oludumayo, uvemvane, icembe elincane—konke kubonisa futhi kunikeze ukuqonda amandla akhe amakhulu, ukuhlakanipha kwakhe, uthando lwakhe. Ngakho ukucabanga ngemisebenzi yakhe yokudala kungenye yezindlela eziyokusiza ukuba wazise uhlobo loMuntu oPhakeme ayilo.

Nokho, udinga ukwazi okwengeziwe ngoNkulunkulu kunalokho okwembulwa indalo kuphela. Ngenxa yalesizathu uye walungiselela iZwi lakhe elilotshiwe, iBhayibheli. Ngolimi olucacile lencwadi yazisa ngegama lakhe, elithi Jehova, nangezinye izici eziningi zobuntu bakhe obuhle. (Eksodusi 3:15; 34:6, 7) Enokwazisa ngalokhu, umfowabo kaYemisi uKunle uthi: “lBhayibheli libe nethonya elinamandla ekuphileni kwami. Lapho ngilifunda, ngokwengeziwe ngithola ukuthi uNkulunkulu unenjongo ngesintu futhi usinikeza isiqondiso sokuba siphile ngokuvumelana ngokugcweie nentando yakhe.”

Nawe, ngokufanayo, uyothola ukuthi ukumane nje ufunde iBhayibheli kungokuhlangenwe nakho okujabulisayo. Ukulitadisha ngokunakekela kuyozuzisa ngokwengeziwe, njengoba kuye kwaba nj alo ngoKunle. iZwi likaNkulunkulu lithi: “Uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, . . . uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.”—IzAga 2:1, 5.

Njengoba lamazwi kaJehova etholakala eBhayibhelini, kungokwenzuzo yakho ukuba nesikhathi sokulifunda. Ungadunyazwa ubukhulu balo. Empeleni lakhiwe izincwadi ezincane ezingama-66 ezigcwaliswe imilando ethakazelisayo, imilando yokuphila kwabantu, iziprofetho, izimfundiso, neseluleko ngokuphathelene nobuhlobo babantu noNkulunkulu. Ngokulifunda nje imizuzu embalwa nsuku zonke, ungamba lengcebo yolwazi eyokusondelanisa noMdali wakho.

Indlela Yokwakha Ubuhlobo NoNkulunkulu

Nokho, ukumane nje ufunde ngoNkulunkulu, akwanele. Kumelwe futhi uzenze utholakale endleleni kaNkulunkulu yokwakha ubuhlobo naye. UJesu Kristu uyachaza: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.  . . Uma umuntu engithanda, uyagcina izwi lami; uBaba uyakumthanda.” (Johane 14:6, 23) Njengoba uJesu, ‘eyiqiniso,’ ulwazi ngeqiniso likaNkulunkulu nezindinganiso zakhe lungazuzwa ngokutadisha izimfundiso zikaJesu. (Johane 1:8; 17:26) Ngaphezu kwalokho, tadisha ngokunakekela inkambo kaJesu yokuphila, ngoba lokhu kunikeza izibonakaliso ezingokoqobo zendlela yokujabulisa uNkulunkulu nokujabulela ubungane naYe.

Nokho, uJesu Kristu, futhi ‘ungukuphila.’ lBhayibheli lithi: “Sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu . . . uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.  . . [futhi] siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana.” (Roma 5:6-10) Ngaphandle kukaKristu, bekungenakubabikho ubungane noNkulunkulu, ngokuba sizalwa siyizoni. Nokho, igazi likaJesu, elachithwa njengesihlengo, “liyasihlambulula ezonweni zonke” futhi lisenze ‘sibuyisane,’ isibuyisele ebuhlotsheni, noNkulunkulu. Lokhu, ngokomphumela, kusivulela ithemba lokuphila okuphakade! (1 Johane 1:7; Johane 17:3) Khonake ukholo kuJesu Kristu ‘njengokuphila’ lubalulekile ukuze sijabulele ubuhlobo noNkulunkulu.

Qiniseka Ngobungane NoNkulunkulu

uNkulunkulu, ngoJesu, kakade useye wathatha isinyathelo kuqala sokwakha ubuhlobo nawe. Kodwa kumelwe usabele kanjani? Njengoba ufunda okwengeziwe ngaye futhi ukhula ekwaziseni ukulunga kwakhe, kumelwe ushukumiseleke ukuba umthande futhi ufune ukumkhonza. Kumelwe ukujabulele ukutshela abanye ngoMngane wakho wasezulwini.—Roma 10:10.

Nokho, khumbula: Abanye bangase bakubonise indlela yokuba umngane kaNkulunkulu, kodwa uwena okumelwe uthathe izinyathelo kuqala! UJehova akakuphoqeleli. Uyakuqaphela njengomuntu futhi ufuna ukuba wena uzizele kuye ngokuzilandela. Kunjengoba owesifazane osemusha ogama lakhe linguOmolara esho: “Ngiyababonga abazali bami ngokungisiza ukuba ngazi uJehova; kodwa kusele kimi ukuba nginqume ukuthi ngiyafuna yini ngempela ukukhonza uNkulunkulu nokwenza okulungileyo.”

Ngakho yenza umzamo wangempela. Njengoba umazi uNkulunkulu, yenza ukuphila kwakho ukuba kulolongwe yiZwi likaNkulunkulu kunokuba kulolongwe yizwe. Ngokuhamba kwesikhathi uyokwakha “umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu.” Lokhu kusho ukuthi isimo sakho sengqondo siyoqala manje ukuvumelana nokucabanga kukaNkulunkulu futhi uyoshukumiseleka ukuba uvumelane ngokuseduze nezindinganiso zakhe zokulunga.—Efesu 4:20-24; Kolose 3:10; 1 Johane 2:3, 4.

Ekuqaleni lokhu kungase kuzwakale kunzima ngempela. Nokho, enye yezinzuzo zokwazi uJehova nokwaziwa nguye iwukuthi uyokwazi ukuya kuye ngomthandazo futhi ubone usizo lwakhe nokuqondisa ekuphileni kwakho. Kunjengoba uOmolara esho: “Siyazi ukuthi, ngezikhathi zokudabuka noma lapho kunezinqumo ezinkulu okumelwe sizenze, uNkulunkulu ukhona ukuze asisize. Uhlala ekulungele ukusenzela okuthile.” (1 Johane 5:14, 15) Olunye usizo luyotholakala okuhlanganyela ngokuseduze nalabo asebengabangane bakaJehova kakade. Enye intsha engoFakazi BakaJehova ithi: “Ngiye ngathola ukuthi ukuhlanganyela ngokuseduze nabanye abathanda uJehova kuyangisiza ukuba ngihlale ngisondelene naye.”—Omolara.

“Imihlangano yebandla iye yangisiza ukuba ngiqonde iBhayibheli nendlela yokuphila ngokuvumelana nezindlela zikaJehova.”—Kunle.

“Ukuba nabanye oFakazi nokuhlanganyela emihlanganweni kuye kwangisiza ukuba ngilondoloze ubuhlobo obuhle noJehova.”—Ifeyabo.

Nawe ngokufanayo, ungaba nenjabulo efanayo ejatshulelwa yilentsha kanye nenye eningi. Yebo, ‘bonga ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana.’ (Roma 5:8-11) Uyokwamukela umvuzo uNkulunkulu awunikeza abangane bakhe—ukuphila okuphakade.—Johane 3:16.

[Isithombe ekhasini 14]

Ukutadisha iBhayibheli kuyokunikeza ulwazi olujulile ngoJehova

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela