Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/08 k. 26-k. 28 isig. 2
  • Ngingabhekana Kanjani Nokucindezeleka Esikoleni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingabhekana Kanjani Nokucindezeleka Esikoleni?
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinyathelo Eziyisihlanu Zokunciphisa Ukucindezeleka
  • Ukucindezeleka Okuhle?
  • Ngingabhekana Kanjani Nokucindezeleka Esikoleni?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Indlela Yokulawula Ukucindezeleka
    I-Phaphama!—2010
  • Izimbangela Nemiphumela Yokucindezeleka
    I-Phaphama!—2005
  • Ukucindezeleka Okuzuzisayo Nokucindezeleka Okuyingozi
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 9/08 k. 26-k. 28 isig. 2

Intsha Iyabuza

Ngingabhekana Kanjani Nokucindezeleka Esikoleni?

“Akunciphi ukucindezeleka esikoleni lapho ukhula—okushintshayo nje izimbangela zakho.”—UJames, eNew Zealand.a

“Ngangicindezeleka kakhulu esikoleni kangangokuba kwakuthi angikhale ngiklabalase ngesikhathi esifanayo.”—USharon, e-United States.

INGABE unomuzwa wokuthi abazali bakho abakuqondi ukucindezeleka obhekana nakho esikoleni? Kuyiqiniso, bangase bakutshele ukuthi awunazo izikweleti ozikhokhayo, nomkhaya okufanele uwunakekele, noma umqashi okufanele umjabulise. Kodwa, kungenzeka unomuzwa wokuthi esikoleni ubhekana nokucindezeleka okufanayo nokwabazali bakho—noma okukhulu kunokwabo.

Ukuya nje nokubuya esikoleni kungacindezela kakhulu. UTara ohlala e-United States uthi, “Kwakuvame ukuba nezimpi ebhasini lesikole. Umshayeli wayemisa ibhasi asehlise sonke. Sasifika sekwephuzile ngesigamu sehora noma ngaphezulu.”

Ingabe ukucindezeleka kuyaphela lapho ufika esikoleni? Lutho neze! Mhlawumbe uyavumelana namazwi angezansi.

Ukucindezeleka okubangelwa othisha.

“Othisha bafuna ukuba ngiphumelele ngamalengiso, ngakho ngizizwa ngicindezelekile ukuba ngibajabulise.”—USandra, eFiji.

“Othisha bacindezela izingane ukuba ziphumelele ngamalengiso, ikakhulukazi uma umfundi enekhono. Othisha bayasicindezela ukuba siphumelele.”—U-April, e-United States.

“Ngisho noma unemigomo emihle ngokuphila kwakho, abanye othisha bakwenza uzizwe ungelutho uma ungaphishekeli imigomo yemfundo abacabanga ukuthi kufanele uyiphishekele.”—UNaomi, e-United States.

Kukuthinta kanjani ukucindezeleka okubangelwa othisha?

․․․․․

Ukucindezeleka okubangelwa ontanga.

“Esikoleni esiphakeme, izingane zinenkululeko eyengeziwe futhi zivukela kakhudlwana. Uma ungazihlanganisi nazo, zicabanga ukuthi uyimpatha.”—UKevin, e-United States.

“Nsuku zonke, ngibhekana nesilingo sokuba ngiphuze futhi ngihlanganyele ubulili. Ngezinye izikhathi kunzima ukumelana nesifiso sokuhlanganyela kulezo zinto.”—U-Aaron, eNew Zealand.

“Manje njengoba sengineminyaka engu-12, ukucindezeleka okukhulu engibhekene nakho okokuba ngiqome. Wonke umuntu esikoleni uthi, ‘Uzohlala ungaqomile kuze kube nini?’”—U-Alexandria, e-United States.

“Ngacindezelwa ukuba ngiqome umfana othile. Lapho nginqaba, kwathiwa ngingungqingili. Futhi lokho kwenzeka ngiseneminyaka eyishumi nje kuphela!”—UChrista, e-Australia.

Kukuthinta kanjani ukucindezeleka okubangelwa ontanga?

․․․․․

Ukucindezeleka okubangelwa ukuthi ofunda nabo bayosabela kanjani ezinkolelweni zakho.

“Kunzima ukutshela ofunda nabo ngezinkolelo zakho ngoba awuqiniseki ukuthi bazokubheka kanjani ngemva kwalokho. Kuyakukhathaza ukuthi bangase bacabange ukuthi uyisimanga somuntu.”—UCarol, eHawaii.

“Esikoleni esiphakeme izingane zithanda izidakamizwa, ubulili notshwala. Kuyacindezela ngempela ngoba awufuni ukuba izingane zikuchwense ngoba uhlukile ngenxa nje yokuthi uphila ngezindinganiso zeBhayibheli.”—USusan, e-United States.

Zikuthinta kanjani izimpikiswano ezihilela izinkolelo zakho?

․․․․․

Ezinye izinto ezibangela ukucindezeleka.

Faka uqhwishi kuleyo ekuthinta kakhulu—noma ubhale ekuhluphayo.

  • Isivivinyo ozosibhala

  • Umsebenzi wesikole

  • Amathemba amakhulu abazali abanawo ngawe

  • Ukufinyelela imigomo emikhulu ozibekele yona

  • Iziqhwaga noma abakuhlumeza abanye ngokobulili

  • Okunye ․․․․․

Izinyathelo Eziyisihlanu Zokunciphisa Ukucindezeleka

Ngokunengqondo, awunakulindela ukuphumelela esikoleni ngaphandle kokubhekana nohlobo oluthile lokucindezeleka. Kuyavunywa, ukucindezeleka kakhulu kungaba nzima. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Ukucindezelwa kukodwa kungenza ohlakaniphileyo enze ngendlela yokusangana.” (UmShumayeli 7:7) Kodwa akufanele uvumele ukucindezeleka kukusanganise. Isihluthulelo siwukufunda indlela yokubhekana nakho ngokuphumelelayo.

Ukubhekana nokucindezeleka kufana nokuba umphakamisi wezinsimbi. Ukuze aphumelele, kufanele akulungele kusengaphambili. Uziphakamisa ngendlela efanele agweme ukuphakamisa izinsimbi ezisinda kakhulu. Uma ekwenza lokhu, wakha imisipha enamandla ngaphandle kokulimaza umzimba wakhe. Ngakolunye uhlangothi, uma engakwenzi lokhu, angadonseka imisipha noma aphuke nokuphuka.

Ngokufanayo, ungakwazi ukubhekana nokucindezeleka futhi uqede umsebenzi wakho ngempumelelo ngaphandle kokuzilimaza. Kanjani? Thatha nazi izinyathelo ezilandelayo:

  1. Qonda izimbangela ezingokoqobo. Isaga esihlakaniphile sithi, “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” (IzAga 22:3) Kodwa awunakukucashela ukucindezeleka uma ungaqali ngokuqonda imbangela. Ngakho-ke ake ubuyele emuva uhlole lokho okubhalile. Iyiphi imbangela yokucindezeleka ekuthinta kakhulu?

  2. Cwaninga. Ngokwesibonelo, uma umsebenzi wesikole omningi ukucindezela, cwaninga ukusikisela okusesihlokweni esithi “Intsha Iyabuza—Ngingasitholaphi Isikhathi Sokwenza Umsebenzi Wesikole Ekhaya?” esanyatheliswa kuyi-Phaphama! ka-January 22, 2004. Uma uzizwa ucindezelwa ukuba uziphathe kabi ngokobulili nothile ofunda naye ekilasini, uyothola amacebiso awusizo esihlokweni esithi “Intsha Iyabuza—Kuthiwani Uma Ngimenyelwa Ukuba ‘Ngixhumane’ Nothile?” kuyi-Phaphama! ka-March 2007.

  3. Lungiselela indlela oyophendula ngayo. Uma kukucindezela ukungazi ukuthi ofunda nabo ekilasini bayosabela kanjani lapho sebezazi izinkolelo zakho, ungalindi kuze kuphakame leyo nkinga ngaphambi kokuba ucabange ngokuthi uzothini noma uzokwenzani. (IzAga 29:25) UKelsey oneminyaka engu-18 uthi, “Okwangisiza ngakwazi ukubhekana nokucindezeleka ukuthi ngazilungiselela kusengaphambili izimo ezazingase ziphakame. Ngase ngiyinqumile indlela engangizochaza ngayo izinkolelo zami.” U-Aaron waseBelgium oneminyaka engu-18, wenza okufanayo. Uthi, “Ngayicabanga kusengaphambili imibuzo engangizobhekana nayo, ngase ngilungiselela izimpendulo zayo.” Ukube ngangingakwenzanga lokho, ngangingeke ngilinge ngikhulume ngalokho engikukholelwayo.”

  4. Ungazindeli. Zimbalwa kabi izinkinga ezingaxazululwa ngokuziziba. Kunalokho, ziba zimbi nakakhulu, bese kukhula ukucindezeleka. Ngokwesibonelo, uma ungomunye woFakazi BakaJehova, ukuziveza njengomunye wabo ngokushesha kungaba yisivikelo sangempela. UMarchet manje oneminyaka engu-20, uthi: “Lapho nje kuqala unyaka ngamunye wesikole, ngangiqala ingxoxo ngesihloko esithile engangazi ukuthi sasizonginikeza ithuba lokuchaza izindinganiso zami ezisekelwe eBhayibhelini. Ngathola ukuthi uma ngilinda isikhathi eside ngaphambi kokuziveza ukuthi nginguFakazi, kwakuba nzima. Kwakungisiza ngempela ukuziveza bese ngiphila ngezinkolelo zami unyaka wonke.”

  5. Cela usizo. Ngisho nomphakamisi wezinsimbi onamandla unokulinganiselwa kwakhe. Nawe unakho. Kodwa akufanele ubuthwale wedwa ubunzima. (Galathiya 6:2) Kungani ungaxoxi nabazali bakho noma amanye amaKristu avuthiwe? Babonise izimpendulo ozibhale ngenhla kulesi sihloko. Xoxa nabo ngendlela abangase bakusize ngayo ukuba ubhekane nezinye zalezi zingcindezi. ULiz wase-Ireland, watshela uyise ukuthi uyakwesaba ukugconwa ngenxa yezinkolelo zakhe. Uthi: “Nsuku zonke, ubaba wayethandaza nami ngaphambi kokuba angishiye esikoleni. Lokho kwakungenza ngizizwe ngivikelekile.”

Ukucindezeleka Okuhle?

Ungase ukuthole kunzima ukukukholwa, kodwa iqiniso lokuthi uyacindezeleka ngandlela-thile liyinto enhle. Ngani? Kungase kube uphawu lokuthi uzimisele nokuthi unembeza wakho awukabi buthuntu. Phawula indlela iBhayibheli elichaza ngayo umuntu owayebonakala engacindezeleki nhlobo: “Kuyoze kube nini ulele lapho ungenzi lutho? Uyovuka nini uyeke ukulala? Lala kancane. Wozele kancane. Songa izandla ulokhu uphendula izithupha. Khona manjalo, konke sekunyamalele, njengokungathi kuthathwé umphangi ohlomile.”—IzAga 6:9-11, Contemporary English Version.

UHeidi, oneminyaka engu-16, uyisonga kahle le ndaba. Uthi: “Isikole singase sibonakale siyindawo embi ngempela, kodwa ukucindezeleka obhekana nakho lapho kuyefana nalokho oyobhekana nakho emsebenzini.” Kuyiqiniso, ukubhekana nokucindezeleka akulula, kodwa uma ukwazi ukukusingatha kahle, ngeke kukulimaze. Empeleni, kungakuqinisa.

Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

a Amanye amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

  • Yiziphi izimpawu ezingabonisa ukuthi ucindezelekile?

  • Kungani ukungawamukeli amaphutha kungakwenza ucindezeleke kakhulu?

  • Ubani ongakhuluma naye uma uzizwa ucindezeleke kakhulu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela