Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g87 3/8 k. 18-k. 20 isig. 7
  • Kungani Kuphuthunywa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kuphuthunywa?
  • I-Phaphama!—1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izizathu Eziyinhloko
  • Ezinye Izimbangela
  • Kukuyisaphi?
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2001
  • Ukubhekana Nokuphuthuma Kwanamuhla
    I-Phaphama!—1987
  • Kujahiwe—Kodwa Akufikwa Ndawo?
    I-Phaphama!—1987
  • Ukubhekana Ngenjabulo Nezwe Elimatasa
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1987
g87 3/8 k. 18-k. 20 isig. 7

Kungani Kuphuthunywa?

NOKHO, kungani inkathi yethu ingephuthuma kangaka? Ikude kakhulu nokuba yiphupho elihle lokuthula nesikhathi esiningi sokuphumula okwakumelwe silethwe ezemisebenzi. “Umsebenzi omncane nokudlala kakhulu ngabo bonke” okwabikezelwa izazi zezomnotho eziningi, izazi zezenhlalo, nezazi zesikhathi esizayo kumane nje kwangasebenza.

Ngempela, umlobi uA. Kent Macdougall uyaphawula: “Umsebenzi udla isikhathi somuntu ohola iholo elilinganiselwe ngokufanayo nanjengoba kwakunjalo esizukulwaneni esidlule, lapho ukuya nokubuya emsebenzini kudla esengeziwe.”

Kunokwenza ukuphila kube lula, ezobuchwepheshe zesimanje ziye zanezela ekukwenzeni kube okuphuthuma ngokwengeziwe. Uprofesa wezokuthenga nokuthengiswa kwezinto uHarold H. Kassarjian uthi: “Izindlela zokuxhumana eziningi nezindlela zokuthutha eziningi ziyasikhohlisa. Singaphansi kokucindezeleka okuningi ngoba siye sakha izizathu mbumbulu zokujaha. Sizimbela ngokwethu amathuna anokucindezela okukhulu.”

Izizathu Eziyinhloko

Namuhla obaba abaningi bathwele umthwalo womsebenzi wesikhathi eseqile noma imisebenzi emibili ukuze nje bondle imikhaya yabo. Futhi kukhona amanani aphakeme abesifazane abaye baphoqelelwa ukuba baye emisebenzini. UPaul Johnson wabhala kuDaily Telegraph: “Ngempela, kuyamangaza ukuthi kuso kanye lesikhathi emlandweni lapho imisebenzana engokwemvelo yabesifazane iye yancishiswa kabi ezobuchwepheshe bezentengiselwano, . . . basasebenza kanzima ngokufanayo nangaphambili; mhlawumbe ngokungaphezulu.”

Ngakhoke ngemva kokuchitha usuku lonke emsebenzini oholelayo, abesifazane abaningi bafika ekhaya bebhekwe umsebenzi wesibili—ukunakekela ikhaya nabantwana. Ukuhlola kubonisa ukuthi amadoda enza okuncane kakhulu ekuphunguleni umthwalo womsebenzi owandisiwe womkawo. Ngenxa yalokho, ngabafazi abasebenzayo, ngokuvamile isikhathi sincane futhi singumthombo ongabambeki. Abalobi beWorking Couples bacaphuna owesifazane osebenzayo ethi: “Ngizwa ukucindezeleka okukhulu ngenxa yokungabi naso isikhathi esanele sezinto engifuna ukuzenza noma lezo okudingeka ukuba zenziwe.”

Ngabaningi, imikhuba yobulili eshintshayo namazinga edivosi aphakama kakhulu nakho futhi kuye kwanezela endleleni ephuthumayo yokuphila. Kanjani? Indaba ekuFamily Relations iyachaza: “Umphakathi wethu [U.S.] uye wabona ukwanda kwama-79% enanini lemikhaya enabazali abangabodwa eminyakeni engaphezu kweyisishiyagalolunye edlule . . . Namuhla lokhu kwenzeka kakhulu kunanoma isiphi esinye isikhathi emlandweni.” Ngomzali okumelwe aqeqeshe izingane eyedwa, ayothenga ezitolo, apheke, futhi ahlanze, ukuphila kungabonakala kungokuphuthuma ngokungenamkhawulo.

Ezinye Izimbangela

Ezinye izimbangela ezingabonakali nazo futhi zinezela ekuphileni kwanamuhla okuphuthumayo, njengalezi ezilandelayo:

Ukuphila Kufushane

“Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza,” kusho iBhayibheli. “Uyavela njengembali, abune; ubaleka njengethunzi, angemi.” (Jobe 14:1, 2) Beqaphela iqiniso lalelivesi leBhayibheli, abantu abaningi bayaphuthuma kukho konke ukuphila kwabo, bezama ukumpintsha okuningi okumelwe kwenziwe kakhulu ngangokunokwenzeka. Ifilosofi yabo iwukuthi, “masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.”—1 Korinte 15:32.

Ukuphila Akuqinisekile—“Ukujaha akuyingabanejubane,” kwasho iNkosi ehlakaniphile uSolomoni. Ngani? “Ngoba isikhathi nesehlakalo esingalindelekile kubehlela bonke,” echaza. (Umshumayeli 9:11, NW) Ngakhoke abantu babonakala bephuthuma ukuze bafinyelele imigomo yabo ngenxa yokwesaba ukuthi isehlakalo esithile esingalindelekile siyobavimbela ukwenza kanjalo.

Ukwesaba Ukulahlekelwa Okuthile—Njengezingane ezincane, abantu abaningi abadala abanakuthula, banomqondo osheshe uzule, futhi ngaso sonke isikhathi kudingeka bagijimele okuthile okusha. Abanakuphumula bajabulele izinto ezikhona manje ngenxa yokujaha kwabo ukuba babone ikusasa.

Uvalo Nokungabekezeli—Yenezela kulokhu uvalo, ukungabekezeli, futhi mhlawumbe ungamazi kangcono lowomshayeli ombuka ngaso sonke isikhathi esibukweni esibonisa emuva. Ngokusobala ebheka zonke izimoto ezingaphambi kwakhe njengesinengiso kuye siqu, uzama ukuzidlula zonke ngokushesha ngangokunokwenzeka, ezikhathini eziningi ngaphandle kwesizathu esizwakalayo. Ngezinye izikhathi uhlangana naye futhi emarobhothini alandelayo!

Isithukuthezi—Bethola umsebenzi wabo wokuziphilisa noma isimiso sabo sansuku zonke sicasula futhi singathakazelisi, abanye abantu lezizinto ezibizwa ngokuthi izinkathazo ezidingekile bazenza ngokuphuthuma ngangokunokwenzeka ukuze babe nesikhathi esengeziwe semisebenzi abayenza bekhululekile.

“Isikhathi Siyimali”—Abanye abantu baphila ngalesimiso—nangewashi—funa isikhathi esidlulayo noma isikhathi sokuphumula sibabize imali. Ngokuvamile abeneliswa, ngaso sonke isikhathi bajaha ukuqongelela izinto ezibonakalayo abanesikhathi esincane sokuzijabulela.

Noma ngabe isiphi isizathu, mhlawumbe ukuphila kwakho kuyaphuthuma. Uma kunjalo, umbuzo uwukuthi . . .

Kukuyisaphi?

Phakathi kwezinye izinto, ukuphuthuma kokuphila kwanamuhla kuye kwaphumela ezifweni eziningi ezihlobene nokucindezeleka. Kodwa ukuba yiqiniso kwesaga esithi “kuphangwa umdaka linile yini?” libonakala nakwezinye izindima zomsebenzi womuntu. Ngokwesibonelo, iphephabhuku laseJalimane lArztliche Praxis liyabika: “Unobangela ongungqa phambili wezingozi zomgwaqo kuseyijubane eleqile.”

Umfundi osemncane esikoleni okujahayo ukwazi kahle imisebenzi edinga amakhono ayisisekelo uyokuthola kunzima ukuthola nokuhlala emsebenzini. Umuntu odla ngokushesha angaqala ukuba nesisu esihluphayo, ukungagayeki kahle kokudla, nezifo eziningi emzimbeni. Umuntu “oshesha ngamazwi” angabangela ukudumazeka, imizwa elimele, ngisho nobungane obunqamukile.

(izAga 29:20) Futhi umuntu ojaha ukufuna umngane womshado angazithola eyifuna ngokushesha idivosi.

Kuthiwani ngalabo abajaha ukuthola izinto ezibonakalayo, ukuba phambili emsebenzini wabo wesikhathi sokuphila kwabo, ukwakha umkhaya, noma ukuthola okuningi ekuphileni? Iqiniso, ukuphishekela lezizinto khona ngokwakho kungase kungabi okungalungile. Kodwa lapho ukufunwa kwalezizinto kuba umjaho wokuphiyazela, kubazuzisa kanjani abantu ngokuhamba kwesikhathi?

iNkosi yasendulo uSolomoni yahileleka eminakweni enjalo, kodwa yaphetha: “Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukhonzuzo phansi kwelanga.”—Umshumayeli 2:11.

Ngakhoke, ingabe ikhona indlela yokubhekana nokuphuthuma kwanamuhla nokuphila ukuphila okunokuthula ngempela?

[Ibhokisi ekhasini 19]

Ukuphuthuma Kwanamuhla

“Umfanekiso womuntu ophumelela kakhulu ophuthumayo emphakathini wanamuhla ocindezelayo [ukhona njalo],” kwaphawula iThe New York Times. “Okuvamile umuntu ogijimela endleleni ehamba ngaphansi lapho omunye ezolandela emizuzwini embalwa, isikhulu sikahulumeni esixinwe imigomo okumelwe kuhlangatshezwane nayo futhi idlulwe, umuntu okhuthele ophoqeleleka ukuba ahlale engaphambi kwabaningi, ngempela ozidelayo ukuze azifake engozini emnika imali.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela