Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 167
  • Sasiyini Isono Sokuqala?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sasiyini Isono Sokuqala?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • “Isono sokuqala” sabathinta kanjani o-Adamu no-Eva?
  • “Isono sokuqala” sisithinta kanjani thina?
  • Singakhululwa yini emiphumeleni “yesono sokuqala”?
  • Imibono eyiphutha “ngesono sokuqala”
  • Sasiyini Isono Sokuqala?
    I-Phaphama!—1990
  • Sasiyini Isono Sokuqala?
    I-Phaphama!—2006
  • Isono
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • UJesu Uyasindisa—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 167
U-Adamu no-Eva basengadini bayabukana, u-Adamu uphethe isithelo.

Sasiyini Isono Sokuqala?

Impendulo yeBhayibheli

U-Adamu no-Eva kwakungabantu bokuqala abona. Abamlalelanga uNkulunkulu ngokudla “esihlahleni sokwazi okuhle nokubi,” benza lokho abaningi abakubiza ngesono sokuqala.a (Genesise 2:16, 17; 3:6; Roma 5:19) Leso sihlahla sasenqatshelwe ku-Adamu no-Eva ngoba sasimelela igunya noma ilungelo likaNkulunkulu lokunqumela abantu okuhle nokubi. Ngokudla izithelo zaleso sihlahla, u-Adamu no-Eva banquma ukuzibambela mathupha izinto, bakhetha ukuzinqumela okulungile nokungalungile. Ngokwenza kanjalo benqaba igunya likaNkulunkulu lokubabekela imithetho yokuziphatha.

  • “Isono sokuqala” sabathinta kanjani o-Adamu no-Eva?

  • “Isono sokuqala” sisithinta kanjani thina?

  • Singakhululwa yini emiphumeleni “yesono sokuqala”?

  • Imibono eyiphutha “ngesono sokuqala”

“Isono sokuqala” sabathinta kanjani o-Adamu no-Eva?

Ngenxa yokuthi bona, u-Adamu no-Eva baguga futhi ekugcineni bafa. Bonakalisa ubungane babo noNkulunkulu, balahlekelwa nayithuba lokuphila phakade beyimiqemane.—Genesise 3:19.

“Isono sokuqala” sisithinta kanjani thina?

U-Adamu no-Eva badlulisela isimo sabo sokuba yizoni kuyo yonke inzalo yabo. Lokhu kufana nendlela abazali abangabantu abadlulisela ngayo ukukhubazeka ngezakhi zofuzo. (Roma 5:12) Ngakho bonke abantu bazalelwe “esonweni,”b okusho ukuthi sizalwa singaphelele futhi senza amaphutha.—IHubo 51:5; Efesu 2:3.

Ngenxa yesono esisizuze njengefa noma ukungapheleli, siyagula, siyaguga bese sifa. (Roma 6:23) Sibhekana nanemiphumela yamaphutha ethu kanye nawabanye.—UmShumayeli 8:9; Jakobe 3:2.

Singakhululwa yini emiphumeleni “yesono sokuqala”?

Yebo. IBhayibheli lithi uJesu wafa ‘njengomhlatshelo ohlawulela izono zethu.’ (1 Johane 4:10, umbhalo waphansi) Umhlatshelo kaJesu ungasikhulula emiphumeleni yesono esasithola ku-Adamu futhi usivumele sibe nalokho okwalahlwa u-Adamu no-Eva—ithuba lokuphila phakade siyimiqemane.—Johane 3:16.c

Imibono eyiphutha “ngesono sokuqala”

Umbono Oyiphutha: Isono sokuqala sisehlukanisa unomphela noNkulunkulu.

Iqiniso: UNkulunkulu akasisoli ngalokho okwenziwa u-Adamu no-Eva. Uyaqonda ukuthi siyizoni, akalindele okungaphezu kwamandla ethu. (IHubo 103:14) Nakuba sihlupheka ngenxa yesono esizalwe naso, sinethuba nelungelo lokuba nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu.—IzAga 3:32.

Umbono oyiphutha: Ubhapathizo lukhulula umuntu esonweni sokuqala, ngakho izingane kumelwe zibhapathizwe.

Iqiniso: Nakuba ubhapathizo luyisinyathelo esibalulekile ekutholeni insindiso, ukholo kuphela emhlatshelweni kaJesu olungahlanza umuntu esonweni. (1 Petru 3:21; 1 Johane 1:7) Ngenxa yokuthi ukholo okukhulunywa ngalo eBhayibhelini lusekelwe olwazini, akunakwenzeka ukuthi izinsana zibe nokholo. Ngakho iBhayibheli alikusekeli ukubhapathizwa kwezinsana. Leli qiniso lalisobala phakathi kwamaKristu okuqala. Ayengabhapathizi abantwana, kodwa amakholwa—“amadoda nabesifazane” ababenokholo eZwini likaNkulunkulu.—IzEnzo 2:41; 8:12.

Umbono oyiphutha: UNkulunkulu waqalekisa abesifazane ngoba u-Eva owasidla kuqala isithelo esenqatshelwe.

Iqiniso: Esikhundleni sokuqalekisa abesifazane, uNkulunkulu waqalekisa “inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane,” owayenga u-Eva ukuba one. (IsAmbulo 12:9; Genesise 3:14) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wabeka icala lesono sokuqala ku-Adamu, hhayi kumkakhe.—Roma 5:12.

Kungani uNkulunkulu athi u-Adamu uyobusa umkakhe? (Genesise 3:16) Lapho esho la mazwi, uNkulunkulu wayengasikhuthazi lesi senzo. Wayemane ebikezela ngomphumela odabukisayo wesono. UNkulunkulu ulindele ukuba indoda ithande umkayo, imazise futhi ibahloniphe ngokujulile bonke abesifazane.—Efesu 5:25; 1 Petru 3:7.

Umbono oyiphutha: Isono sokuqala kwakuwukuya ocansini.

Iqiniso: Isono sokuqala kwakungenakuba ukuya ocansini ngenxa yezizathu ezilandelayo:

  • UNkulunkulu wayala u-Adamu ukuba angadli esihlahleni sokwazi okuhle nokubi u-Adamu eseyedwa, engenaye umfazi.—Genesise 2:17, 18.

  • UNkulunkulu wayala u-Adamu no-Eva ukuba ‘bazale bande’—okusho ukuba nabantwana. (Geneise 1:28) Bekungaba isihluku ngoNkulunkulu ukuba ajezisele laba bantu bokuqala ngokwenza lokho abayale ukuba bakwenze.

  • U-Adamu no-Eva abasenzanga ngesikhathi esifanayo isono—u-Eva wona kuqala kwase kuthi umyeni wakhe wona kamuva.—Genesise 3:6.

  • IBhayibheli liyakuvumela ukuya ocansini phakathi kwendoda nomkayo.—IzAga 5:18, 19; 1 Korinte 7:3.

a Inkulumo ethi “isono sokuqala” ayitholakali eBhayibhelini. Eqinisweni, isono sokuqala ngqa esibhaliwe eBhayibhelini inkulumo kaSathane yokukhohlisa namanga akhe aluhlaza cwe awakhuluma ku-Eva.—Genesise 3:4, 5; Johane 8:44.

b EBhayibhelini igama elithi “isono” alibhekiseli ezenzweni ezimbi kuphela, kodwa nasesimweni sokungapheleli noma sokuba nesono, esizalwe nako.

c Ukuze ufunde okwengeziwe ngomhlatshelo kaJesu nokuthi singazuza kanjani kuwo, bheka isihloko esithi “UJesu Uyasindisa—Kanjani?”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela