Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 168
  • Lithini IBhayibheli Ngokukipita?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lithini IBhayibheli Ngokukipita?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • Kungani uNkulunkulu enendaba nokuthi abantu abathandanayo bayashada yini?
  • Lithini iBhayibheli ngabantu abakipitayo ngoba befuna ukubona ukuthi bayafanelana yini?
  • Indoda nenkosikazi ingawenza kanjani umshado wabo uqine?
  • Kuthiwani Ngokuhlala Ndawonye Ngaphambi Komshado?
    I-Phaphama!—2009
  • Ukushada Noma Ukuhlala Ndawonye—Ikuphi?
    I-Phaphama!—1992
  • Ukulungiselela Umshado Ophumelelayo
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Indlela Yokwakha Umshado Ophumelelayo
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 168
Owesifazane unikeza owesilisa ukhiye wendlu.

Lithini IBhayibheli Ngokukipita?

Impendulo YeBhayibheli

IBhayibheli lithi uNkulunkulu ufuna ‘sidede ekuziphatheni kabi ngokocansi.’ (1 Thesalonika 4:3) Ngendlela asetshenziswe ngayo eBhayibhelini, amagama athi ‘ukuziphatha kabi ngokocansi’ ahlanganisa ukuphinga, izenzo zocansi ezenziwa abantu bobulili obufanayo, ukuya ocansini kwendoda nowesifazane abangashadile.

  • Kungani uNkulunkulu enendaba nokuthi abantu abathandanayo bayashada yini?

  • Lithini iBhayibheli ngabantu abakipitayo ngoba befuna ukubona ukuthi bayafanelana yini?

  • Indoda nenkosikazi bangawenza kanjani umshado wabo uqine?

Kungani uNkulunkulu enendaba nokuthi abantu abathandanayo bayashada yini?

  • Ilungiselelo lomshado livela kuNkulunkulu. Nguye owaqala umshado lapho eshadisa indoda nowesifazane bokuqala. (Genesise 2:22-24) Kwakungeyona inhloso yakhe ukuba indoda nowesifazane bahlale ndawonye bebe bengashadile.

  • UNkulunkulu uyazi ukuthi yini elungele abantu. UNkulunkulu wahlela umshado ngendlela yokuthi ube isibopho esihlala njalo esiphakathi kwendoda nowesifazane, esiyozuzisa futhi sivikele wonke amalungu omndeni. Nasi isibonelo esilula. Njengoba iziqondiso ezivela kumbazi zingasiza umuntu abone ukuthi angayihlanganisa kanjani ifenisha ngendlela efanele, kanjalo neziqondiso zikaNkulunkulu zisitshela ukuthi yini esingayenza ukuze sibe nemindeni ejabulayo. Imiyalo kaNkulunkulu ihlale ibasiza labo abayilalelayo.—Isaya 48:17, 18.

    Owesilisa ufunda iziqondiso zombazi zokuthi angayihlanganisa kanjani ifenisha.

    Iziqondiso zombazi ziyakubonisa ukuthi kufanele uyihlanganise kanjani ifenisha. Iziqondiso zikaNkulunkulu ziyasitshela ukuthi singawenza kanjani umndeni wethu ujabule

  • Kungaba nezinkinga ezinkulu lapho abantu benza ucansi bengashadile. Ngokwesibonelo, omunye engakhulelwa engahlelile, izifo ezithathelana ngocansi, nezinkinga ezinkulu ezingokomzwelo.a

  • UNkulunkulu wenza ukuba indoda nowesifazane babe nezingane lapho benza ucansi. Ukuphila kuNkulunkulu kungcwele nekhono lokuzala izingane liyisipho esiyigugu. UNkulunkulu ufuna siphathe lesi sipho ngenhlonipho, sibonise lokhu ngokuthi silazise ilungiselelo lomshado.—Hebheru 13:4.

Lithini iBhayibheli ngabantu abakipitayo ngoba befuna ukubona ukuthi bayafanelana yini?

Ukuze sibe nomshado ojabulisayo akudingeki ukuba sihlale ndawonye isikhathi esithile sibe singakashadi. Kunalokho, buyafudumala ubudlelwane lapho indoda nowesifazane bethandana ngempela, benesibopho esiqinile futhi besizana ukuze basombulule izinkinga.b Umshado uyaqina lapho abashadile benyamanye.—Mathewu 19:6.

Indoda nenkosikazi ingawenza kanjani umshado wabo uqine?

Awukho umshado ongenazinkinga. Kodwa indoda nowesifazane bangakwazi ukuba nomshado ojabulisayo uma besebenzisa iseluleko seBhayibheli. Nazi ezinye izeluleko:

  • Nakekela kuqala umuntu oshade naye kunawe.—1 Korinte 7:3-5; Filipi 2:3, 4.

  • Zamani kanzima ukuba nihlale nithandana futhi nihloniphana.—Efesu 5:25, 33.

  • Funda ukulawula ulimi lwakho.—IzAga 12:18.

  • Yiba nesineke, usheshe ukuthethelela.—Kolose 3:13, 14.

a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kuthiwani Uma Ngicindezelwa Ukuba Ngilale Nothile?”

b Bheka isihloko esithi “Ukuzinikela—kwi-Phaphama! No. 2.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela