FUNDA KUJESU
Umhlaba Wonke Uzoba Nokuthula
Wonke umuntu ulangazelela ukuphila emhlabeni onokuthula. Kuwo wonke umlando, ababusi bezwe bebelokhu benza imizamo yokuqeda izingxabano nokuletha ukuthula. Ngezinye izikhathi, kuyalunga okwesikhashana. Ngokudabukisayo, izingxabano zibuye ziqale phansi. Kuyoke kwenzeke yini ukuba umhlaba ube nokuthula? Yebo kuyokwenzeka! Ukuze ubone ukuthi lokhu kuzokwenzeka kanjani, cabanga ngalokho uJesu akufundisa nangalokho azokwenza.
Lokho uJesu azokwenza
IBhayibheli lisitshela ngalokho uJesu azokwenza maduze ukuze alethe ukuthula emhlabeni wonke.
“[UJesu] kuyothiwa. . . iSikhulu Sokuthula. Umbuso wakhe uyoba mkhulu nokuthula ngeke kuphele.” (Isaya 9:6, 7) NjengoMbusi woMbuso kaNkulunkulu, uJesu uyoletha ukuthula emhlabeni wonke okungasoze kwaphela.
‘Uyokhulula ompofu okhalela usizo . . . nanoma ubani ongenamsizi.’ (IHubo 72:12-14) UJesu uyosebenzisa igunya lakhe ukuze alethe ubulungisa bangempela, aqede zonke izimpi, udlame nokuhlupheka.
“Izizwe ngeke ziphakamiselane inkemba, ngeke zisayifunda impi.” (Isaya 2:4) Lapho uJesu esebusa umhlaba, bonke abantu bayofunda izindlela zokwenza ukuthula kunokulwa.
Ukuze uthole ukuthi uJesu uyokuletha kanjani ukuthula esikhathini esizayo nokuthi yini wena ongayenza ukuze uphile emhlabeni onjalo, bukela ividiyo emfushane ethi Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
Lokho uJesu akufundisa
Ngisho nanamuhla, izinto uJesu azifundisa zisiza izigidi zabantu ziphile ngokuthula. ENtshumayelweni YaseNtabeni, uJesu wafundisa amaqiniso angasiza abantu bahlalisane ngokuthula. Nawa ambalwa.
“Bayajabula abenzi bokuthula.” (Mathewu 5:9) UJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba bangagcini nje ngokugwema izingxabano kodwa benze nokuthula.
“Qale wenze ukuthula nomfowenu bese uyabuya unikele isipho sakho.” (Mathewu 5:23, 24) UJesu wanxusa ababemlalele ukuba basheshe ukulungisa ukungezwani. Wafundisa ukuthi kubalulekile ukuba sibe nokuthula nabanye ukuze sizoba nobudlelwane obuhle noNkulunkulu.
“Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa.” (Mathewu 7:1) UJesu wasixwayisa ukuba singabahluleli abanye ngokhahlo noma silindele ukuba benze izinto thina esingazenzi. Waphinde wafundisa abalandeli bakhe ukuba ‘baqhubeke bethethelela’ amaphutha abanye kunokubagxeka.—Luka 6:37.
Baningi abantu emhlabeni abakusebenzisayo lokho uJesu akufundisa. Ngisho nasezindaweni ezigcwele udlame noma izingxabano, bafunda izindlela zokuxazulula izinkinga ngaphandle kokucasuka, bayathethelelana futhi babonisane uthando ngisho nalapho bengaphathwa kahle.
Ukuze ubone indlela izimfundiso zikaJesu ezibasize ngayo abanye bathola ukuthula, funda isihloko esithi “Ungakutholaphi Ukuthula Naphezu Kwezimpi Nezingxabano Ezinodlame?”