Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mrt isihloko 134
  • Ubudlova Abulona Ikhambi Lokuxazulula Izinkinga

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubudlova Abulona Ikhambi Lokuxazulula Izinkinga
  • Izihloko Ezengeziwe
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho uJesu akusho
  • Lokho uJesu akwenza nalokho asazokwenza
  • Umhlaba Wonke Uzoba Nokuthula
    Izihloko Ezengeziwe
  • Uyini UMthetho Wegolide?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Qhubekani Nenza Okuhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Unkulunkulu Uzizwa Kanjani Ngobudlova?
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
Izihloko Ezengeziwe
mrt isihloko 134
UJesu ufundisa isixuku sezinhlanga ezahlukahlukene, amadoda, abesifazane nezingane.

FUNDA KUJESU

Ubudlova Abulona Ikhambi Lokuxazulula Izinkinga

Abantu abaningi namuhla bakholelwa ukuthi udlame noma ubudlova buyikhambi lapho kuphakama izingxabano noma lapho izinkinga zidinga ukuxazululwa. Kodwa leyo ndlela yokucabanga ihluke kakhulu ezimfundisweni nasesibonelweni sikaJesu Kristu. Cabanga ngalokho akusho nalokho akwenza.

Lokho uJesu akusho

ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni eyaziwa kakhulu, uJesu wafundisa ukuthi intukuthelo, ulaka nodlame akuzona izindlela zokuxazulula ukungaboni ngaso linye. Cabanga ngalezi zibonelo ezimbalwa.

  • “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumele nizenze kubo.” (Mathewu 7:12; Luka 6:31) Lo mthetho wokuziphatha, ovame ukubizwa ngokuthi uMthetho Wegolide,a usikhuthaza ukuba siphathe abanye ngendlela ebesingathanda ukuphathwa ngayo. Njengoba engekho ofuna ukuphathwa ngobudlova, akufanele yini sizame ukuphatha bonke abantu ngenhlonipho nangomusa, ngisho nalapho singavumelani nabo?

  • “Lowo okushaya esihlathini esisodwa, mnike nesinye.” (Mathewu 5:38, 39; Luka 6:29) UJesu wayengafundisi abantu ukuthi kufanele bazicelele ukuhlukunyezwa. Kunalokho, wayelungisa umbono oyiphutha, okungenzeka wawufundiswa abaholi benkolo abathile, wokuthi ukuziphindiselela kwakwamukelekile. Wayetshela abalandeli bakhe ukuthi akufanele baziphindiselele kodwa kufanele baphendule ngomoya ophansi lapho bephathwa kabi.b

  • “Qhubekani nithanda izitha zenu.” (Mathewu 5:43, 44; Luka 6:27) UJesu wafundisa ukuthi kufanele sibe nomusa kulabo abasizondayo noma abasiphatha kabi. Wayengasho ukuthi kufanele sivumelane nabo lapho benza izinto ezingalungile.c Nokho, ngokubabonisa umusa labo abasizondayo, singase sidambise intukuthelo yabo, sibenze bazole futhi nabo basibonise umusa.

Lokho uJesu akwenza nalokho asazokwenza

UJesu wafundisa ukuthi ubudlova abuyona indlela yokuxazulula izinkinga futhi naye wayekwenza lokho ayekushumayela kubantu. Ngobusuku aboshwa ngabo, omunye wabalandeli bakhe walwela ukumvikela kodwa uJesu wathi: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngoba bonke abaphatha inkemba bayofa ngenkemba.” (Mathewu 26:52) UJesu wabonisa uthando ezitheni zakhe ngokuthethelela labo abamphatha kabi, waze wabathandezela!—Luka 23:33, 34; 1 Petru 2:23.

IBhayibheli lithembisa ukuthi uJesu njengeNkosi Yokuthula, ngokushesha uzobuqeda bonke ubudlova. (Isaya 9:6, 7) Ukuze ufunde okwengeziwe ngaleli kusasa elimangalisayo, funda lesi sihloko esithi “Indlela Izimpi Nezingxabano Ezinodlame Eziyoqedwa Ngayo.”

a Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi “Uyini UMthetho Wegolide?”

b Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi “Kusho Ukuthini Ukuthi “Iso Ngeso”?”

c Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi “What Does It Mean to ‘Love Your Enemies’?”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela