Photo by Stringer/Getty Images
HLALANI NILINDILE!
Izimpi EMpumalanga Ephakathi—Lithini iBhayibheli?
Abantu emhlabeni wonke bakhathazekile ngokuthi kuzokwenzekani ngezingxabano ezihlanganisa i-United States, Israel, ne-Iran. Ingabe isimo sizoba sibi kakhulu futhi sibe impi ethinta amazwe amaningi? Ingabe ohulumeni bangakwazi yini ukuvimbela izingxabano ezinobudlova ukuba zenzeke futhi benze umhlaba ube indawo enokuthula?
Abajwayelene nesiprofetho seBhayibheli bangase bazibuze ukuthi ingabe le mpi yaseMpumalanga Ephakathi ingase ibe isiqalo sempi ye-Armagedoni okukhulunywa ngayo encwadini yesAmbulo.
Lithini iBhayibheli?
Ingabe ohulumeni bazoyiqeda impi eMpumalanga Ephakathi?
IBhayibheli lithi: “Ningabeki ithemba lenu ezikhulwini, noma endodaneni yomuntu, engenakukwazi ukusindisa.”—IHubo 146:3.
Asazi noma ohulumeni bazokwazi yini ukwenza isimo kuleya ndawo sibe nokuthula. Nokho, iBhayibheli likwenza kucace ukuthi akekho umholi wezombusazwe, uhulumeni wabantu, noma iqembu labantu elingaqeda impi futhi lilethe ukuthula okuhlala njalo. UNkulunkulu kuphela ‘ozoqeda izimpi emhlabeni wonke.’—IHubo 46:9.
Ukuze uthole okwengeziwe, funda umagazini iNqabayokulinda onesihloko esithi “Izimpi Zizophela—Zizoqedwa Yini?”
Ingabe izimpi Empumalanga Ephakathi zigcwalisa Isiprofetho?
IBhayibheli lithi: “Niyokuzwa ngezimpi nemibiko yezimpi. . . Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso.”—Mathewu 24:6, 7.
Izinxushunxushu ezenzeka manje eMpumalanga Ephakathi zikhomba ukuthi ‘sisesiphelweni sesimiso sezinto’ futhi zifakazela ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina.” (Mathewu 24:3; 2 Thimothewu 3:1)Izimpi esizibona namuhla zibonisa ukuthi uNkulunkulu maduze uzoqeda izimpi nezinye izinkinga ezihlupha abantu.
Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi “Zibonakala Ngani “Izinsuku Zokugcina,” Noma “Isikhathi Sokuphela”?”
Ingabe i-Armagedoni iyoqala eMpumalanga Ephakathi?
IBhayibheli lithi: “Awabuthela ndawonye endaweni ngesiHebheru ebizwa ngokuthi i-Armagedoni.”—IsAmbulo 16:16.
I-Armagedoni ayiyona impi ephakathi kohulumeni babantu baseMpumalanga Ephakathi. Yimpi yomhlaba wonke ephakathi kwabantu noNkulunkulu.
Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi “Iyini Impi Ye-Armagedoni?”
Yini engasisiza sizole lapho kwenzeka izinto ezicindezelayo?
IBhayibheli lithi: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa zonke izicelo zenu zitsheleni uNkulunkulu ngomthandazo, ngokunxusa kanye nokubonga.”—Filipi 4:6.
UJehovaa uNkulunkulu usimema ukuba sithandaze kuye. Ngoba uNkulunkulu uyasikhathalela, uyoyizwa imithandazo yethu futhi asisize sibhekane nokukhathazeka. (1 Petru 5:7) Uphinde asisize ngokusichazela ukuthi kungani izimpi ziba khona kodwa futhi uyasichazela ukuthi ziyophela kanjani nokuthi uyobuqeda kanjani ubuhlungu nokuhlupheka kubantu.—IsAmbulo 21:3, 4.
Ukuze uthole okwengeziwe ngendlela uNkulunkulu asisiza ngayo, funda isihloko esithi “IBhayibheli Linawo Yini Amazwi Enduduzo?.”
a UJehova igama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.